Now Reading
Kolwabesifazane, aboHlanga bagqoka ibhantshi okungelona elabo
Dark Light

Kolwabesifazane, aboHlanga bagqoka ibhantshi okungelona elabo

Kukhona ukukhuluma osekwanda lapha phandle. Empeleni angithi sekukhona ijazi eselisilingana kepha kungelona elethu. 

Lapha muzi wakwethu ngikhuluma ngodaba oluthinta abesifazane esimisweni sethu thina boHlanga kusuka emndenini kuze kube sesigabeni sesizwe. Lokhu kukhuluma okungezwakali kukabili; okokuqala kuthiwa ingane yentombazane kayilutho, ingcono eyesilisa. 

Okwesibili kuthiwa  owesifazane oganile lapha ekhaya akalutho bese kumbeka samuntu nje ongenamandla namalungelo alapha ekhaya. Lokhu kuvela kakhulu uma lo ayeze ngaye esengasekho.  

Lokhu kukhuluma kuyedusa futhi kuyadumaza. Akuthina laba abasho nje ngowesifazane ngabanye abafika nathi sabe sesigaxela nje. 

Lapha kwaboHlanga owesifazane umqoka kwabaphilayo nabangasekho. Kwathi lapho ezinye izizwe nezinkolo ezithile bethi kuseZulwini mina engithi ekudabukeni nasemvelweni yethu kukhonya indoda eyodwa, abanye baze bathi leyo ndoda ibuye ibe nendodana kungashiwo lutho ngonina thina boHlanga sathi kukhona isiqu sikaNomkhubulwane. Lo Nomkhubulwane ungowesifazane owabelwe amandla athile emvelweni. 

Kwala ngisho abanye bethi owesifazane uyisiqalo sento okuthiwa yisono bethi nguye owalutha indoda ukuba yenze imikhuba, sangakusho lokho. Kwala ngisho ezinye izinkolo zingamfaki owesifazane njengomxhumanisi noma isithunywa bona abathi zingelosi, sala thina ngoba sithi sikhona isithunywa sikagogo. Phezu kwalobu bufakazi obuqandula ikhanda lokhu kukhuluma namuhla kokuthi abesifazane kabalutho nokubaninda ngakho konke ukukhuluma kusele nathi kanti nathi ngobuwula siyaligqoka ibhatshi esingalaziyo. 

Kithi umuntu wesifazane uyikho konke futhi uyafelwa. Lapha ekhaya izinsizwa zinqamuka kabili uma kuthintwe umafungaswe wakwazo. Lona nje leli gama likamafungazwe lisho into enkulu uzwe abanewabo bentombi bethi sifunga uzibanibani, dadewethu kababa! 

Labo abazi aboHlanga bayazi ukuthi kungaphuma lelo gama kusuke sekuzochitheka izishebo. Lapho kuganiselwana kusuke kungowesifazane omqoka ngoba uyaphuma kwabo ayokwakhisa esinye isibongo umuzi. 

Kuye kuphuma izintombi nezinsizwa zasekhaya lakhe elisha lapho lo wesifazane esebizwa ngelikamama. Ubani nje ongakhali ngomama, uzwe aboHlanga bethi ‘intandane enhle ngumakhothwa ngunina’. Uthi angakhula lo wesifazane abe ngokukhulu lapha ekhaya abizwe ngogogo. Babekhona futhi basekhona ogogo uMaShezi, ogogo uMaSibiya nabanye.

See Also

Umqoka ephila nje ugogo ngisho engasabonwa phakathi kwethu uba yidlozi (isithunywa) esinamandla amangalisayo. Uzwe bethi laba ababonayo ‘wena unesibusiso esimangalisayo, ungenwe ngogogo’.  Lezi zalukazi zalapha ekhaya kazikhethi ngoba zingena endondeni nasemfazini zamukeleke. 

Esigabeni sesizwe, ngisho oyiNkosi lapha esizweni uba yilokho esokhalweni lwenkosikazi leyo. Pho uma kunjalo la malumbo akhulunywayo ngabesifazane beNguni niwathathaphi? Machilo mani lawa eniwenzayo ukudlwengula nokuhlukumeza onyoko?  Khona lokhu kokushishibeza omafungwase nakuthathaphi? 

La machilo enzeka kwabesifazane bethu sekuze kuthiwa kwenziwa ngamadoda kunukubezwa igama lokuthi indoda nalapho ngoba ngabe kuqanjwa igama labenzi bamachilo lawa. Linjani nje elezinswelaboya ngoba kakade bayilokho?  

Sengiphetha ngithi ake siyeke ukugqoka amabhatshi esingawazi, sizininde ngezinkolo nomlando wabanye abantu. Thina asibuyisane nomzali wethu wesifazane, inkosazane izinto zethu zizolunga. 

Scroll To Top