Ukhuvethe lube yimvulamehlo kumgwedli uKhwela
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukuphila ngaphansi kokhuvethe kumfundise ukuthi uma ungumuntu uyadinga ukuzimela empilweni ngokuthi ube nezinto zakho.
Lowo nguSbonelo “Tuff Guy” Khwela odlala umdlalo wecanoeing ngaphansi koMzinyathi Canoeing Club.
“Ukufika kokhuvethe kuyiphazamise kakhulu impilo yami. Nyakenye kuhlehle umqhudelwano weMyLife Dusi Canoe Marathon ngenxa yokwanda kwabantu abanalesi sifo. Ukuhlehla kweDusi okuwumqhudelwano omkhulu kulo mdlalo, kudale ukuthi abaxhasi bami bakwa-Euro Steel behlisa umuholo wami ngamaphesenti angama-80. Kwazise unyaka wonke angenzanga lutho bebengeke bangiholele amahhala, kwaba nzima kakhulu,” kusho uKhwela.
Le nsizwa eneminyaka yobudala engama-33 edabuka eShongweni, iphinde ixhaswe iRed Bull neCarbonology Sport.
ElaboHlanga limbuza ukuthi ikuphi akwenzayo manje azimele kukhona uthe: “Njengomuntu wesilisa okhulile kumele ngibeke isinkwa etafuleni, ngihlalile ngacabanga ukuthi ikuphi engingakwenza ukuzisiza kule mpilo engibhekene nayo (ukuncishiselwa umholo). Ngibe sengithenga iloli engidayisa ngalo amabhulokisi engizakhela wona ngiphinde ngithuthele abantu izimpahla.”
Umfo kaKhwela ngonyaka wezi-2014 wazifaka emabhukwini omlando walo mdlalo ngesikhathi eba ngumpetha weMyLife Dusi Marathon kowe-K2 lapho kusuke kugwedlwa ngababili. Kulowo mqhudelwano wayebambisene no-Andy Birkett.
“Namanje uma ngicabanga unyaka wezi-2014 nginqoba iDusi Marathon, ngiziqhenya kakhulu kwazise ngenza into eyayisihlule aboHlanga abaningi. Kodwa kuningi engisafuna ukukuzuza kulo mqhudelwano nakulo mdlalo imbala,” kusho uKhwela.
Ngokujwayelekile minyaka yonke iMyLife Dusi Marathon iba ngoNhlolanja kodwa ngenxa yokhuvethe lo mqhudelwano usuzokuba ngoMbasa.
Abaphathi beMyLife Dusi Marathon ngokubambisa nenhlangano ephethe lo mdlalo kuleli, iCanoeing South Africa (CSA), banqume ukuthi lo mqhudelwano udlalwe kusukela mhla zili-18 kuya mhla zingama-20 kuMbasa.
Ebuzwa elaboHlanga uKhwela ukuthi amalungiselelo ahamba kanjani uthe: “Ngiziqeqeshe kakhulu ngoZibandlela nangasekuqaleni kukaMasingana. Ukuzikhandla kwami benginethemba lokuthi lo mqhudelwano uzokuba manje ngoNhlolanja kodwa nakhoke usuhlehlile. Okumele manje ukuthi ngiqhubeke ngiqale phansi ngiziqeqeshe ngokuphindiwe.”
Esonga uthe: “Sezibekiwe izinsuku zomqhudelwano wakulo nyaka kodwa ngeke ngiqambe amanga ngithi ngijabule, angijabule kwazi bani kungenzeka isibalo sabantu abahaqwe ukhuvethe senyuke kuleli ugcine uhlehla futhi. Ngiyathandaza ukuthi ube khona kulo nyaka lo mqhudelwano okungenjalo ngizolahlekelwa abaxhasi nokuyinto okungelula neze ukuyithola kulo mdlalo. Uma kungathiwa uba khona umqhudelwano ngiyafisa ukunqoba iK1 lapho umuntu egwedla yedwa, ngabe kufezeke iphupho lami leminyaka.”
Lo mqhudelwano oyibanga le-120km ujwayele ukusuka eMgungundlovu uphelele emfuleni uMngeni, eThekwini.
Umgqugquzeli walo mqhudelwano uShane Le Breton uthe babonga khona ukuthi lo mqhudelwano uhlehliselwe kulo nyaka.
“Isimo esiphila ngaphansi kwaso sinzima ngoba kumele senze isiqiniseko sokuthi silandela imigomo ethize, ngalokho kumele sazi ukuthi isinqumo singesiphusile. Into ebesiyibeke phambili bekuhlale kuwukuphepha kwabagwedli bethu futhi uma sibheka isimo esikhona njengamanje besibona ukuthi ayikho enye indlela ngaphandle kokuthi siwuhlehlise umqhudelwano. Kuwumsebenzi wethu ukulandela yonke imihlahlandlela kaHulumeni. Leli ithuba lokuthi abagwedli bazilungiselele. Ngibafisela okuhle bonke abagwedli,” kusho uBreton.
Umlando kaKhwela emqhudelwaneni weMyLife Dusi Marathon
- 2009: K1 waphuma endaweni yesi-9
- 2010: K2 waphuma kweyesi-3
- 2011: K1 waba kweyesi-4
- 2012: K2 walala kweyesi-3
- 2013: K1 kweyesi-3
- 2014: K2 kweyokuqala
- 2015: K1 kweyesi-3
- 2016: K2 kweyesi-2
- 2017: K1 waphuma isibili
- 2018: K2 waba kweyesi-3
- 2019: K1 waphuma kweyesi-2