Now Reading
NANI MANGISI NOGUGA NIZWILE NGOKUBONA UMZUKULU KAJINININDI
Dark Light

NANI MANGISI NOGUGA NIZWILE NGOKUBONA UMZUKULU KAJINININDI

Unyaka wezi-2019 uyongena emlandweni wamaNgisi noZulu njengomqoka. Kulo nyaka kwabe kukhunjulwa iminyaka eli-140 ekaZulu yadla amaNgisi eSandlwana. Nokho umlando kawupheli ngempi ngoba kuwo lowo nyaka, OMdala wayekuwo amaNgisi futhi wemukelwa ngoxolo. 

OMdala watheleka nje amaNgisi ayexakwe lutwayi lwepolitiki yangaphakathi njengoba kwakudedelwana enkundleni phakathi kukaNdunankulu owayephuma uNkk uTheresa May kanye nowayengena uMnu uBoris Johnson. Nokho lokho akubenzanga abezindaba kanye nezikhulu zakuleli lizwe kusuka kosopolitiki, abenkolo kanye namagumgedlela basusa amehlo kulokho okuhle okwakubavelelayo nokwakuyinqabakutholwa.

Bonke ngesinwe bakulandela kwaze kwaba sekugcineni ukunyathela kwethambo  leNgonyama uCetshwayo. Lapha kwakuvuka emidala imilando ethinta ekujuleni kukaZulu nakuwo amaNgisi uqobo. Kwathi lapho etheleka uMaphikelela, Ungalonde kaGabela kayingangezawoyise izigqunswana ngisho bethi bayakwelula kuphelela ezinqulwini eyakho yinde!, kwabonakala ukuthi konakele ngoba sathi sinyathela esikhumulweni sezindiza  layithela kwalamula inyosi umfo kaSombila owabiza iZinyandezulu, esho khona ukuthi njengoba umxhumanisi kaZulu owayesenhlabathini, nowayephilayo nowayesazozalwa, iSILO, sasikwelamaNgisini kwakungampi kepha impi isiyedlule, wayelapha nje wayeyokhongela uZulu neNingizimu Afrika. Wanede wamemeza umfo kaSombila laphenya  eLlangoed waqhubeka umsebenzi.

OMdala wamukelwa ngenhlokomo wuMkhandlu waseBrecon owawuholwa yiMeya uNkk u-Ann Mathias nokwalandelwe yinkonzo lapho ibandla kule ndawo lalamukela uZulu ngomkhuleko. Inkonzo yayiholwa nguMfu uPaul Shackerley. Lokhu kwalandelwa wumcimbi wokwamukelwa kweSILO umbutho wezempi eDering Lines Infantry Battle School. Lapha OMdala wayephelekezelwa yibutho, uMehluleli uJerome Ngwenya, inxusa lakuleli uNks uNomatemba Tambo kanye nethimba lOMdala. Abebezokwamukela iSILO  kwakukhona uLord Dafydd Thomas owayenguNgqongqoshe Wezamasiko Namafagugu, uNks uKirsty Williams owayenguNgqongqoshe Wezemfundo. Ngosuku olulandelayo kwama idolobha ngesikhathi umbutho wezempi kule ndawo uviliyela, noZulu ulaphaya uvunule uconsa.  Lokhu kwabe, ngokusho kwamaNgisi, yindlela emqoka neluphawu lokwamukela phakathi kwezinkunzi ezimbili ezashayana zabukana.

Ukwamukelwa kweSILO yiNkosana yamaNgisi uCharles owayehamba nowakwakhe uCamila oyiDuches of Cornwall,  kwabe ngokumqoka njengoba nenhlangamo yezokusakaza iBritish Broadcasting Cooperation (BBC) yathi ngeke isale ngaphandle ekuqopheni lo mlando yathi nakuBAYEDE yethulela isizwe okwenzakalayo. Isithombe sobunye, ukwamukelana ngemfudumalo phakathi kweSILO neNkosana yamaNgisi kwavela emaphephandabeni, kwakhulunywa emsakazweni nakumathelevishini kuleliya lizwe. Isonto lokuqala lohambo olwalungamasonto amabili lwaphetha ngomhlangano wosomabhizinisi nosozimboni nayilapho OMdala akhongela izindawo zasemakhaya abatshalizimali kwavunyelwana ngokuthi kubhekwe le mikhakha elandelayo: ezolimo, ezokuvakasha kanye nezokukhiqiza. OMdala wanxusa ukusebenzisana kakhulu noBukhosi kanye nemiphakathi yasemakhaya uma kwenziwa intuthuko.

See Also

“Umphoso wangempela entuthukweni yasemakhaya kufanele kube wukwakhiwa kwezimboni ezithambekele kokwasemakhaya. Lezi zimboni kufanele zingacinelelwa kubantu basemakhaya kodwa zakhiwe kubanjiswene nabantu basemakhaya. Uma zakhiwe ngale ndlela, abantu basemakhaya bazoziqonda kahle futhi zibe yingxenye yempilo yemihla kubona. Mayelana nalokhu ngigqugquzela ukuba nokubambisana nokusondelana okuphelele phakathi kukaHulumeni, aBaholi BoMdabu nabantu basemakhaya,” kwasho iSILO.

Sasho la magama nje, amaNgisi ayesevumile, esenqumile ukuthi okushiwoyo azokulandelela njengoba kwakuvunyelenwe ngethimba lokusebenza elalizoqinisekisa ukuthi kweluswa ukwenzeka kwezinto. Phakathi kwabantu ababesekhaleni lokwenza izethulo ezeseka lokho okwakushiwo ngoMdala yiziMeya, eyaseZululand, eKing Cetshwayo kanye naseMzinyathi. Ekuphetheni komlenze wokuqala wohambo kwakungekho ukungabaza ekutheni oMdala uyishele yavuma. 

Scroll To Top