Now Reading
Luyaqala ushikishi lweligi iSasol kule mpelasonto
Dark Light

Luyaqala ushikishi lweligi iSasol kule mpelasonto

Iyaqala kule mpelasonto imidlalo kanobhutshuzwayo yabesifazane kuleli iSasol Women’s League. Le ligi njengoba ikhuza ibuya nje yayigcine ukudlala ngonyaka wezi-2019 kanti nyakenye ayibanga khona ngenxa yokhuvethe.

ElaboHlanga likhulume nabaqeqeshi kanye nezimeneja zamaqembu ambalwa ukuzwa ukuthi akulungele kangakanani ukubuyela enkundleni njengoba kuphele isikhathi esingaphezulu konyaka kungadlalwa.

“Sikulungele ukubuyela enkundleni, kusele kubadlali ukuthi babuyele enkundleni benze okufanele. Bayazazi izifiso zethu siyiqembu ukuthi sifunani. Sifuna ukuqhubeka lapho esagcina khona ngonyaka wezi-2019,” kusho uNosipho Maphumulo oyiMeneja yeSunflower WFC.

Ngonyaka wezi-2019 leli qembu elizinze eHammarsdale yilo elaba ngompetha laba namaphuzu angama-87 kwathi elaba sendaweni yesibili iLindelani Ladies laba nangama-75.

Eqhuba uNosipho uthe: “Kudala sawulinda lo mzuzu wokuthi sibuyele enkundleni, nangeledlule besesime ngomumo vele. Sithole isikhathi esanele sokuziqeqesha ngeke sakhala ngalutho. Esikwenzile ukuthi siyilandelile imigomo kaHulumeni yokhuvethe, yokuziqeqesha ngaphansi kwemigomo ethize.”

Leli qembu selikhiqize inqwaba yabadlali abahle abakwaze ukumela amaqembu esizwe kusukela emazingeni aphansi kuya kuBanyana Banyana. Njengoba iBanyana Banyana idlale imidlalo emibili yobungani nje babili abadlali baleli qembu abebekukhempu yayo okungu-Ongeziwe Ndlangisa noNtombifikile Ndlovu.

Omunye okhulume nelaboHlanga uWesi Mthwalo yena oyiMeneja yeNewcastle Ladies.

“Uma ufuna ukuba ngumpetha uhlezi ukulungele ukuba sempini. Ngalokho ngiqonke ukuthi sikulungene ngokwanele ukubuyela enkundleni ngoba sifuna ukuba ngompetha kulo nyaka. Kusijabulise kakhulu ukuthi imidlalo ibuyiselwe enkundleni,” kusho uWesi.

Ngonyaka wezi-2019 leli qembu lilale endaweni yesi-5 kulogi. UWesi uthe bafuna ukuthi benze into yamehlo kule sizini. INewcastle Ladies iqale ukudlala kuSasol League KwaZulu-Natal ngonyaka wezi-2011.

“Yize sikulungele ukubuyela enkundleni kodwa ngeke saqamba amanga, sinesikhathi sagcina ukudlala imidlalo lokho kungasinika inkinga encane, leyo nkinga izofana neqembu esizodlala nalo. Kuyangithokozisa ukuthi sizonika ithuba abadlali abancane abaqalayo ukudlala kulesi sigaba engikholwa ukuthi bazokwenza kahle. Sifuna ukuyomela isifundazwe iKwaZulu-Natal emidlalweni yokuhlungela ukungena kuligi kazwelonke,” kusho uWesi.

Le ligi isikhiqizele iBanyana Banyana inqwaba yabadlali.

Omunye okhulume nelaboHlanga uBheki Sibisi yena oqeqesha iWestville United othe kuyamjabulisa ukuthi abekho eqoqweni elilodwa neSunflower WFC ehlezi ibanika inkinga.

“Ihlezi isinika inkinga kodwa kulokhu sifuna ukutholana nayo sesidlala umdlalo wamanqamu. Solwela ukufa nokuphila ukuthi siyihlule ngoba sifuna ukumela isifundazwe nathi,” kusho uSibisi.

Uthe amalungiselelo ahambe kahle kakhulu, abadlali bakhombisa ukuzethemba nokuzimisela okukhulu.

See Also

“Siqale ukusungula leli qembu ngonyaka wezi-2018 lisuka ku-Absa Women’s League okuyiligi engaphansi, sathola ithuba lokudlala kuSasol League. 

Kusijabulise kakhulu ukuthi sibe kule ndawo esaba kuyona ngonyaka wezi-2019 ekubeni sasingomakoti,” kusho uSibisi.

Lo mqeqeshi unamava kulesi sigaba njengoba eseke waqeqesha iGalaxy Ladies esiyaziwa ngokuthi i-UKZN Women’s FC neTiger Girls esibizwa ngeFC Angels.

Uthe ufuna ukuwasebenzisa amava akhe, ukusiza leli qembu ukuthi ligile izimanga.

Imidlalo yeKZN Sasol kule mpelasonto iqhathwe kanje:

NgeSonto – Stream A

  • ISunflower WFC ne-UKZN Womens FC, eMpumalanga Stadium ngele-13:00
  • IWhite City neGolden Horse, eNgwelezane New Field ngele-13:00
  • IDUT Midlands neDarnall FC, e-Indumiso Sport Field ngele-13:00
  • ITottenham Ladies ne-Unizulu FC, eWedley Stadium ngele-13:00

Stream B

  • IWestville United ne-Ixopo Ladies FC, eWestville Prison ngele-13:00
  • ILindelani Ladies neFC Angels, eJohn Dort ngele-13:00
  • ISapphire Ladies FC no-Umlazi Arsenal, eNew Germany ngele-13:00
  • INewcastle Ladies neMakhanisi FC, e-Osizwenu Stadium ngele-13:00
Scroll To Top