Now Reading
Incwadi kaMntwana iveza isidingo sokuvumelana ngokuqoshwa komlando
Dark Light

Incwadi kaMntwana iveza isidingo sokuvumelana ngokuqoshwa komlando

ElaboHlanga ligqugquzela umhlangano lapho izinhlobo ezine zosomlando zizocobelelana khona ngolwazi, noMtwana akakwazi ukusala


“Amaqhawe abantu” awumkhiqizo wenhlanganisela yezimiso kanye nenhlalo yesikhathi esithile. Amaqhawe akhiwa yinamuhla nezolo. Umlando awuhlali unganciki kwezepolitiki futhi awuhlali ungachemi. Amaqhawe aziwa ngomlando nangemanje. Umlando awusilo imumva kuphela kodwa uyinhlanganisela yemiqondo ngemumva okusabanjelelwe kukho esikhathini samanje. Le miqondo kuhlala ‘kuwubufakazi’ okuqaguliswana ngabo obusimame esikhathini esedlule, kodwa obuthathe ubunjalo babo enhlanganiseleni yemiqondo ehambisana ngokwenhlalo ngemanje lomkhiqizi wakho akuthwele ekhanda lakhe. Umlando njengomkhiqizo wenhlalo, amaqhawe nabaqophisi bakhiwa ubunjalo bomzabalazo wesikhathi.

Kubalulekile ukubalula ukuthi amaqhawe nabaqophisi bangaphansi futhi beyame ekutheni umuntu unamuphi umqondo wokubuka. Lokhu kungenxa yokuthi abantu bachaza umlando ngezindlela ezahlukile, ngakho-ke amaqhawe noma abaqophisi kuba yinkundla yomqaguliswano. Kusemqoka ukuqaphela ukuthi uma ukhuluma ngeqhawe ngeke ukugweme ukuqhathanisa nomqophisi. Ngakho-ke indlela abantu ababuka ngayo nabahumusha ngayo ayiyodwa, ngokwemvelo abantu bayinguqu. Baguquka nezikhathi futhi bayasonteka babuye batheleleke. Ngakho-ke ngomlando, iqhawe lingaba nezigaba ezahlukile zomlando kwenye inkathi eziphikisanayo. Ngakho-ke kuyadingeka ukuthi iqhawe lichazwe ngokwengqikithi thizeni.

Ngakolunye uhlangathi ubugqila, ubukoloni nobandlululo kwashaya indiva, kwaphambukisa futhi kwacindezela amasiko amaningi ama-Afrika. Umonakalo uyalingana ngaphakathi e-Afrika nabasemazweni ngokuhlakazeka. Inkululeko yokukhuluma yaqedwa futhi kwabo nohlelo lokunswinya ukuzicabangela. Imiphakathi yancishwa izinsiza nemithombo ukuze ithuthukise ukuziveza ngokwamasiko awo, ngaphandle uma kuhlangabezana nezinhloso zabaqoneli, Amakhulunyaka amaningi, ama-Afrika abeziphilela wodwana, ehleli emlovini wefagugu elakhiwa ababandulelayo. Ifagugu lethu liqoshwe nguChancellor Williams encwadini yakhe ethi The Destruction of Black Civilization  ‘lifihliwe emlandweni wethu, kodwa asazi lutho ngalowo mlando”.

Ngakho-ke, ukufuna kabusha ifagugu lama-Afrika nomlando kubucayi futhi sonke kufanele siyimunyunge ngokucophelela singale kobukoloni nangale kobandlululo kokwenziwayo. Izimbangela, imiphumela nemithelela kwezinto eziguqula umlando ngokomdabu kuyinkimbinkimbi futhi kuhlukile. Okulandelayo, izikhala ezinkulu olwazini zigcina zikhona. Izikhala olwazini azifani ngendlela eyisimanga. Ngakho-ke kuwalungele ama-Afrika ukuba azame ukufinyelela efagugwini lawo. Kunesidingo sokwenza kanjalo uma efuna ukuphonsela inselelo ukucabanga ngokwesilungu okudlangile nokugxilile.  

Ngithe angiqale ngalesi sendlalelo esingenhla ukuze ekuphenduleni kwami njengoMshicileli noMhleli Omkhulu welaboHlanga kuvele ukuthi esikusho, hhayi kuphela kumbhali, kepha, nakubafundi bonke kuqhamukaphi. Oshicilelweni lwethu lwangesonto eledlule sishicilele incwadi ebivela kuMntwana waKwaPhindangene nobekhuluma nathi njengelungu kanjalo nomholi we-Inkatha Freedom Party. Uma le ncwadi ifika kithi ithimba labahleli libe nemibuzo ukuthi yenziwe njani.

Lo mbuzo ubumqoka ngoba okungejwayelekile kwenzekile. Okokuqala udaba incwadi kaMntwana ebikhuluma ngalo beluphume ngaphansi kwengosi yalabo abangasekho nesibathatha njengamaqhawe, le ngosi siyibiza ‘Ngezingqalabutho’.

Okwesibili Ingqalabutho kulokhu  ibingakhulumi ngoMntwana kepha ibikhuluma ngomuntu amaziyo, uSobaba u-Alpheaus Hamilton Zulu. Elinye iphephandaba belizothi kasikho isidingo sokukhipha incwadi ekhuluma ngelungelo lokuphendula ekubeni okubhaliwe bekungamthinti umbhali. Nokho sithathe isinqumo sokuthi asiyikhiphe incwadi kaMntwana ngoba kuyo kungaba nezifundo ezimqoka ngathi njengephephandaba kanye nesidingo sokuqopha umlandu nomlando  wesizwe, izizwe,  uBukhosi nepolitiki.  Ngenhlanhla noma ngeshwa likaMntwana yena  uthinteka kuyo yonke le milando engenhla njengoba enguNdunankulu kaZulu, iNkosi yesizwe sakwaButhelelzi kanye nomsunguli weqembu lepolitiki. Inkinga esineqiniso lokuthi uyohlala enayo yileyo wokuba ngufakazi kanye nokuba yingxenye yomlando. Lokhu sikusho ngani?

Osomlando ngezigaba zabo

Umlando noma yimuphi unabantu abane. Owokuqala yilowo owenza umlando, owesibili kube ngofakazi balowo mlando bese kuba khona labo abatshelwa yilabo ababekhona bese owokugcina kube ngabafundi bomlando abagcina sebegogodile ababizwa ngongoti kulowo mlando.

Bonke laba ikakhulu kusuka kowesibili kuya kowesine banobuhle nobubi babo. Ubuhle kuloyo ongufakazi usuke ekhuluma ngesiwombe esenzeka ekhona. Nokho ingcindezi nokugcina sekunokusola wukuthi ugcina esamukela lokho okuwulwazi lwakhe njengento engeguquke. Lo wesithathu usuke ebenenhlanhla yokuxoxelwa ngumuntu owayekhona nokumenza ufakazi nokho nalapha ikhona ingozi yokuthi amaphutha aloyo obekade exoxa athwalwe ngokade exoxelwa kube lukhuni nokuthi aguquke. Ngakolunye uhlangothi labo abangabafundi bomlando  isibonelo nje, uSolwazi ongusomlando usuke efunde wagogoda ekuqapheleni uhlelo olwamukelekile lokuqopha umlando, uzwe izifundiswa zikhuluma ngento ebizwa ngeperiodization evame ukuphambana kulolu hlobo lwesibili bese kuba lukhuni kakhulu kulabo abangosomlando besithathu ngoba bona bama ekuthini  “ugogo noma umkhulu wathi’ bese lo ofundele umlando athi akuqhathaniswe phela lokho okwashiwo wugogo wakho nalokho okwashiwo ngomunye ugogo kwenye indawo bese siqhathanisa izikhathi.

Uma sibuka umlando kaMntwana akukho ukungabaza ukuthi ungena kuzo zonke lezi zigaba. Kukhona lapho athi wayekhona, kube khona lapho ethi waxoxelwa khona. Incwadi kaMntwana iwubufakazi balokho ngoba kuyo ubefakaza ngoSobaba uZulu amaziyo wabuye wakhuluma ngomlando wakhe njengomholi we-Inkatha. Okunye okuvele kule ncwadi yisidingo sokuqhamuka negama elichaza umuntu oshiye kwelinye iqembu njengaye noSobaba uZulu.  Kuzwakala sengathi uMntwana kalizwa leli ‘lokuhlubuka’. Uma sibuka umlando futhi silandela nezinkulumo zikaMntwana izizathu zakhe zicishe zifane nezomholi owasuka ku-African National Congress, uSobukwe nayehambisana nabo abafana noPokela noLeballo nabanye ababethi abakusungulayo yinhlangano ( iPAC) ezoma ezimisweni ezindala zikaKhongolose we-1912.

See Also

Umbuzo osala nabacwaningi bomlando nosomlando ngothi ngabe umuntu osephume inxiwa kupolitiki ubizwa ngani yena kuqala nalabo asuke esenze nabo ikhaya elisha?  Uma singabuka umlando kaSobukwe noMntwana singaba ngofakazi ekuthenini bona baba nobulungu bukaKhongolose kepha ingane ezalwe ngonyaka wezi-2000 ejoyine i-IFP kaMntwana noma iPAC kaSobukwe singasho yini ukuthi nayo inguKhongolose noma ihlobene nawo. Lona wumbuzo omqoka okumele uma sesithola ithuba lokubhala umlando wethu ngokuwazi kwethu siyiphendule.

Lokhu kungikhumbuza inkulumompikiswano ekhona phakathi kwezizukulwane zalabo abanye osomlando abathi babe ngamambuka eSandlwana bengasezinqoleni zamaNgisi. Izizukulwane zabo engike ngixoxe nazo ziyakhala ekutheni leli gama lamambuka liyalumela. Mhlawumbe baqinisile kepha umbuzo ngothi likhona yini elinye nokuthi uma likhona aluwuxovi yini umlando?

Uma ngibuya kulokhu okuthinta incwadi kaMntwana. Njengephephandaba kasiyinqeni inkulumompikiswano eyakhayo. Futhi kusuka sasungulwa sasisibona isidingo sokuba kube khona inkundla yabantu lapho kuzobekwa khona umlando wabathile kanye nowesizwe. UMntwana naye uke wabhala kaningana eveza futhi efakaza kokuthile. Siqhubekile futhi samumema ukuba uma ethola isikhathi njengoNdunankulu kaZulu asiphosele lokho okungafundwa yithi nezizukulwane. Bakhona abanye osomlando esibamemile abanye bayabonakala kanti abanye balinde nje uma sekuvela isikhala. 

Kuzoqapheleka ukuthi kulabo abasilekelela ngomlando sikhethe abantu abangena kulezi zigaba ezine engikhulume ngazo ngenhla kukhona ababeyingxenye yomlando, abaxoxelwayo nalabo abafunde bagogoda ngomlando thizeni.  Yize bonke laba behlangana amakhasini ethu, kepha kusuka ngonyaka owedlule sisemkhankasweni wokubahlanganisa egunjini linye ngenhloso yokuqoqa ulwazi lwabo olwahlukene ngezigaba ezahlukene zomlando wethu. 

Sihlele ukuba ngoMandulo nonyaka sibe nenkundlamshikashika lapho sizohlanganisa zonke izigaba zosomlando. Lapha phakathi kokunye kuyomele sivumelane ngohlelo okumele lulandelwe uma sikhuluma ngomlando, futhi hhayi nje umlando kepha loyo kaZulu nabeNguni. Kulo mhlangano akekho oyobe etshena omunye kepha wonke uzobe eyisitshudeni njengoba zonke izethulo ziyokwamukelwa bese zihlungwa ngendlela eyamukelekile. Lokhu siyakudinga njengesizwe ukuze singalokhu sihunyushelwa ngabanye umlando wethu noma sibe ngopholi balabo ababesicindezele, asebengosiyazi kokwethu.

Ngala magama samukela incwadi kaMntwana njengesiqalo esihle, simema nabanye ukuba babhale.

Scroll To Top