Now Reading
UShenge ukhala ngokuhlanekezelwa komlando
Dark Light

UShenge ukhala ngokuhlanekezelwa komlando

Ngifisa ukuphawula ngomlando obhaliwe ngoSobaba u-Alphaeus Hamilton Zulu kwelakho lomhla zili-19 kuNdasa ngowezi-2021.

Kuhle futhi kuqondile okunye enikulobe ngoSobaba u-Alphaeus Hamilton Zulu.  Kepha niyonile into yenu ngezinto enizilobe seniphetha ingxoxo yenu ngoSobaba.  Kuyamangalisa ukuloba kwenu nithi: “uSobaba uZulu neNkosi uLuthuli bajoyina i-African National Congress (ANC)  ngonyaka owodwa, okwathi esethathe umhlalaphansi emveni kowe-1975 wahlubuka wajoyina iNkatha Freedom Party (IFP) abanguSihlalo wayo kuZwelonke emveni kokuqokwa njengoSomlomo weSishayamthetho saKwaZulu wahlubukwa ngabangani bakhe futhi wazondwa abaningi abangamaZulu”.  

Ngidumele ukuba iphephandaba elinjengeBAYEDE liphendukezele umlando libhala ngomholi wezinga  likaSobaba uZulu.

 Ngiyamangala nxa iBAYEDE ibhala amanga anjengalana ukuthi uSobaba wahlubuka ku-ANC. Lokhu iBAYEDE isho ukuthi sonke esasingamalungu ka-ANC sahlubuka nxa sesisungula iNkatha YeNkululeko YeSizwe. Ngiyamangala ukuthi iphephandaba elinjengeBAYEDE lingaphendukezela umlando ngendlela enyantisa kangaka.

 Kungaliqiniso ukuthi iBAYEDE ayazi ukuthi iNkatha Yenkululeko Yesizwe yasungulwa kanjani. Ngabe yiqiniso ukuthi leli phephandaba alazi ukuthi kwathi ngowe-1974, ngimenywe nomholi wethu we-External Mission ye-ANC e-Ethiopia, e-Addis Ababa,  kunengxoxompikiswano ngodaba lokuthi i-ANC External Mission, eyayiholwa nguye uMnu u-Oliver Reginald Tambo, yayithe izinkampani zamazwe angaphandle kazisishulwe izikhonkwane zivalwe zilishiye izwe iSouth Africa, ukuze ngokwenzenjalo, bethi balaya uHulumeni wobandlululo ukuba izwe libe nobubha ukuze kuketuleke umbuso  wobandlululo owawucindezele.  

UTambo njengoMholi wami wathi kasihlangane eNairobi, eKenya. Saxoxa ehhotela iHilton kwaze kwacishe kwasa. UMnu uTambo wathi kulungile ngiye e-Addis Ababa, e-Ethiopia, ukuyohlanganyela kule ngxoxompikiswano ngodaba lokuthi kuxoshwe izinkampani namafemu aphesheya. Wayesethi kungaba kubi uma siya sobabili e-Ethiopia siyophikisana ngalolu daba lokuxosha izinkampani zamazwe aphesheya kuleli lizwe. Wasala uMnu uTambo eNairobi, nempela ngaya  mina  sivumelane naye ukuthi ngiye, emva kwalokho ngabuye ngehla eKenya ngoba izwe iKenya laligubha usuku lwalo lwenkululeko. Emva kwalo mgubho sahamba ngendiza eyodwa nomholi wami, sengithe kuye ngifuna ukwedlula eLusaka eZambia naseDar-es-Salaam, eTanzania, ukuyobonga kubaholi bala mazwe uDkt uKenneth Kaunda, eLusaka noDkt uJulius Nyerere eDar-es-Salaam. Ngibongela bonke abantu bakithi ababebagodlile emazweni abo,  ngenkathi besekudingisweni ngenxa yongcindezelo kaHulumeni wobandlululo. ELusaka semukelwa nomkami uMaMzila nalabo ababengiphelekezela, uMnu uBarney Dladla, owayenguNgqongqoshe kuHulumeni waKwaZulu, unoNobhala wami uMnu u-Eric Ngubane. Sadla idina eState House noMengameli uKaunda.  Sesiqedile, wayesethi kimi ngakusasa ulungise ukuba siye emahhovisi eqembu lakhe elibusayo eZambia, i-UNIP.  Nempela saya ngakusasa sakhonjiswa amahhovisi sanikwa noMthethosisekelo we-UNIP. UMengameli uKaunda wathi uma sesibuya ekuboneni amahhovisi eqembu lakhe size eState House. Lapho ngafica inqonqodwane yabaholi beqembu le-UNIP. Wayesethi kimi uDkt uKaunda yena nabanye abaholi bala mazwe ayesekhululekile, ayebizwa ngamaFrontline States,  bayangincoma njengoba izinhlangano zethu ezinjengo-ANC noPAC nezinye sezivaliwe ukuthi sekuyimi kuphela eSouth Africa engikhulumela aboHlanga  abacindezelweyo, wathi noma bekuncoma engikwenzayo, bacela kuthi nxa sengibuyela ekhaya ngisungule inhlangano enobulungu (membership based organization). Kwangimangalisa uMengameli akushoyo ngoba mina ngiyilungu le-ANC. Ngathumela izigijimi kumholi wami uMnu u-Oliver Tambo ukuthi nangu uMengameli uKaunda engidida ethi kangisungule  inhlangano enobulungu njengoba mina ngiyi-ANC. UMnu  u-Oliver Reginald Tambo wathi kimi kangikwenze lokho okushiwo nguMengameli uDkt uKaunda.  Ngabuza kumeluleki wami uSobaba u-Alphaeus Zulu ukuthi inhlangano yezepolitiki ngingayisungula kanjani.  Nguye owangeluleka wathi kimi phumputha igama elingezukusheshe lenze uHulumeni wobandlululo ayivale inhlangano. Wathi ucabanga  inhlangano engancika emasikweni efana nenhlangano eyasungulwa ngumalume wami iNgonyama uSolomon kaDinuzulu athi yiNkatha KaZulu.  Nempela ngayisungula inhlangano ngathi yiNkatha YeNkululeko YeSizwe  (National Cultural Liberation Movement)  mhla zingama-21 kuNdasa we-1975.

See Also

Zisuka nje phansi ngathi le nhlangano  izisekelo zayo yilezo ezasungulwa ngabaholi  abasungula i-African National Congress ngowe-1912. Umzabalazo ozosebenzisa izindlela zokulwa nobandlululo ngamasu angenaludlame nokuba izwe likhululwe ngokuba kuyoxoxiswana nabacindezeli etafuleni.  Sathatha imibala yesizwe ompisholo, oluhlaza nompofu okuyimibala eyasungulwa i-ANC ngowe-1912.  Abantu bajoyina ubuthaphuthaphu saze sanamalungu ayisigidi. Ngowe-1977 ngabizwa uNgqongqoshe Wamaphoyisa Nezobulungiswa ePitoli enoKhomishana Wamaphoyisa. Encwadinisethulo yami ngathi iNkatha iyakholelwa kweminye imigomo yezinhlangano esezavalwa ezifana ne-ANC nePAC.  Bangibuza ukuthi yingani lezo zinhlangano sezihlomile zisebenzisa indlakadla. Ngathi mina ngisho imigomo ye-ANC eyayibeka ngowe-1912. Uma kungabazeka kuBAYEDE lokhu ngingacela iBAYEDE ingxoxo yami ngalolu suku iBAYEDE iyikhiphe ngoba ikhona, izwi ngezwi. Abaholi abaningi ngaphandle kukaSobaba u-Alphaeus Zulu lona iBAYEDE emchapha ngokuthi wahlubuka wayojoyina iNkatha ngisho abaholi ababekhona eBloemfontein kusungulwa i-ANC abafana noNobhala we-ANC kulesi sifunda, uMnu uH Selby Msimang (uNkonka wefusi) owake wanguNobhala kaBaba uDkt uPixley Ka-Isaka Seme, umsunguli we-ANC. Ngisho uMama wethu uNkosikazi kamholi wethu uLuthuli, uMama uNokukhanya Luthuli, bayijoyina iNkatha. Abaholi abanjengoDkt uWilson Zamindlela Chonco, owayenguSihlalo ngenkathi kwethulwa iFreedom Charter ngowe-1955 eKliptown, owayeyisekela leNkosi uLuthuli ngenkathi  isengumholi walesi sifundazwe iNkosi uLuthuli.

Babazi ukuthi iNkatha ingumpheme kaKhongolose (the front of the ANC). Kuyaziwa ukuthi ngoLwezi we-1979, uMnu uTambo wangicela ukuba ngize eLondon nethimba leNkatha. Lowo mhlangano uSihlalo wawo kwakunguSobaba u-Alphaeus Zulu, ecelwe ngumholi wethu uMnu uTambo ukuba engamele lowo mhlangano phakathi kwethimba le-ANC neleNkatha.  Asixabananga kulowo mhlangano asivumelananga kuphela noMnu uTambo nxa ethi iNkatha ayeseke ukuba izinkampani namafemu asemazweni aphesheya ahambe kuleli lizwe nalapho ethi kaseseke umzabalazo wezikhali nabo ababewuvikele kwamanye amazwe asavumelana. Ngenkathi ngixoxa noMengameli uDkt uJulius Nyerere eDar-es-Salaam wathi kimi alikabi bikho izwe e-Afrika elingabhekana neSouth African Defence Force. Wathi ngisho amazwe ase-Afrika angahlanganisa amasotsha awo onke. Samangala nxa emva kwalowo mhlangano sesithukwa yi-ANC Mission in Exile. Kwathi ngowe-1983 kwasungulwa i-United Democratic Front okwathi nje isungulwa yathi imema zonke izinhlangano ezilwa nobandlululo zijoyine i-UDF bathi kodwa abayifuni INkatha. Emveni kwalokho sahlaselwa ngempi yabantu (Peoples War). 

Asizange sisuke emgomeni we-ANC we-1912 iBAYEDE kayibhale kungumlando ukuthi INkatha yasekelwa yiningi ngokhetho lwe-1994 yanqoba isifundazwe iKwaZulu-Natal kabili.  IBAYEDE kayisinike uhlu lwalaba bantu ethi babezonda uSobaba uBishop Alphaeus Zulu.

Scroll To Top