Now Reading
Umqeqeshi weProteas uzimisele ukuyidudula bebhekene ne-India
Dark Light

Umqeqeshi weProteas uzimisele ukuyidudula bebhekene ne-India

Kubukeka lizothwala kanzima iqembu lakuleli lesizwe lekhilikithi iProteas emidlaweni yeT20 International.

IProteas izotholana phezulu nePakistan emidlalweni yeT20 International emine ezodlalelwa eCenturion naseWanderers Stadium, eGoli ngenxa yokusabela ukhuvethe.

Okuzokwenza elakuleli lithwale kanzima ukuthi lizodlala le midlalo ngaphandle kwabadlali balo abamqoka okunguKagiso “KG” Rabada, uLungi Ngidi, uQuinton de Kock, u-Anrich Nortje noDavid Miller abase-India lapho bedlala khona umqhudelwano waminyaka yonke i-Indian Premier League (IPL).

IPakistan iyona ekhale yemuka nendebe yochungechunge lwemidlalo ye-One Day International (ODI), lokho kwenzeke emva kokwehlula iNingizimu Afrika ngemigijimo engama-28 emdlalweni wokugcina obungoLwesithathu eSuperSport Pak, eCenturion.

Ukunqoba kwePakistan ngoLwesithathu kuyenze yadla uchungechunge ngama-2/1. Emdlalweni wokuqala kwanqoba iPakistan eCenturion, kwathi kowesibili kwahlabana iNingizimu Afrika eWanderers Stadium.

Okunye okufake usawoti esilondeni ukuthinteka kukakaputeni weProteas uTemba Bavuma odonseke umsipha. Lo mdlali kungenzeka aphuthwe umdlalo wokuqala.

Omunye umdlali olimele uRassie van der Dussen. Umqeqeshi weProteas uMark Boucher uthe, ngeke acasha ngesithupha ngokwenza kweqembu lakhe. “Asidlali neze kahle ngeke ngacasha ngesithupha ngithi ingoba abadlali abekho njengoba beyodlala i-IPL. Uma ungumqeqeshi kumele uhlezi unamaqhinga okunqoba noma kuthiwa unabaphi abadlali. Okumele sikwenze ukuhlala phansi sibuke imidlalo yethu yomithathu, bese siqhamuka neqhinga lokuthi singayiqeda kanjani inkinga esibhekene nayo. Okubalulelike ukuthi kumele silunqobe uchungechunge lwamaT20 International,” kusho uBoucher.

IProteas ayenzi kahle nje, iqembu lakuleli labesifazane iMomentum Proteas lisanda kuphephezelisa ifulegi lakuleli ngokuthi linqobe uchungechunge lwemidlalo libhekene nePakistan kuleli, laphinde lanqoba libhekene ne-India ekuhambeni.

Ngokulimala kukaBavuma noDer Dussen, uBoucher uthe: “UDer Dussen ulimele kanzimana uzozihlala izinsuku ezili-10 exilongwa, kobe ngenze ubuwula uma ngingafuna ukumdlalisa ngenkani. Sizomgcina eqenjini kuze kube uyalulama, ngimfisela ukululama okusheshayo.”

Eqhuba uthe: “UBavuma uyindoda eqinile, yize naye engene egunjini lokushintshela kubonakala ukuthi uthintekile, kodwa nginethemba lokuthi uzosheshe alulame. Kuyinto ebuhlungu ukuthi sizoqala uchungechunge sihlezi ngesinqa esisodwa. Iqiniso ukuthi laba badlali siyabadinga bobabili.”

See Also

Lo mqeqeshi ugcizelele ukuthi yisikhathi sokuthi banqobe lonke uchungechunge uma bedlala lapha ekhaya.

“Besazi ukuthi laba badlali abayodlala i-IPL bazohamba, ukuhlulwa kwethu akulele kubona kumele sizinuke thina amakhwapha,” kusho lo mqeqeshi.

Inqwaba yabadlalali abasesikwatini seT20 International abanawo amava atheni, abanye bazobe beqala ukugqoka ijezi lesizwe.

Sesisonke isikwati samaProteas seT20 International sithakwe kanje:

UTemba Bavuma ongukaputeni, uBjorn Fortuin, uBeuran Hendricks, uReeza Hendricks, uHeinrich Klassen, uGeorge Linde, uRassie van der Dussen, uJanneman Malam, uSisanda Magala, uSwaine Pretorius, uTabraiz Shamsi, uLutho Sipamla, uKyle Verreynne, uPite van Bijon, uMigael Pretorius, uLizaad Williams noWihan Lubbe.

Scroll To Top