Now Reading
Umdlali woSuthu wethemba ukuthi lungabelwa isithebe sabane phezulu kulogi
Dark Light

Umdlali woSuthu wethemba ukuthi lungabelwa isithebe sabane phezulu kulogi

Muva nje iNyok’ eluhlazana ihanjelwa kahle yizinto njengoba isidlale imidlalo emihlanu ilandelana ingayazi induku


Injini ya-AmaZulu FC uSiyethemba Sithebe ibona ukunqoba kwabo emdlaweni odlule kuzobakhuthaza ukuthi baqhubeke nokudla umhlanganiso kweminye imidlalo ezayo.

AmaZulu FC ngeSonto anqobe ngegoli elilodwa eqandeni ebhekene neBlack Leopards eThohoyandou Stadium. 

Emdlalweni olandelayo ozokuba namuhla uSuthu luzotholana phezulu neStellenbosch FC. Lo mdlalo uzoqala libumbene elesi-5 ntambama eDanie Craven Stadium.

“Ukunqoba eThohoyandou kuhlezi kunzima, kunezinto eziningi okumele ubhekane nazo okuyisimo sezulu, inkundla nokuthi kukude. Sikwazile ukunqoba okuyinto enhle kakhulu, lokho kuzosisiza ukuthi sinqobe umdlalo olandelayo,” kusho uSithebe.

Lo mdlali oke wagijima kuMbombela United uyena ovalele phakathi igoli abadle ngalo iLeopards. USuthu muva nje luhanjelwa kahle izinto njengoba luhlezi endaweni yesi-3 kulogi ngamaphuzu angama-37, iStellenbosch sona sisendaweni ye-10 ngamaphuzu angama-23.

EzikaSandile Zungu ziya kulo mdlalo nje, zikwaze ukuthi zinqobe imidlalo yazo emihlanu kulandelana nokuyinto ebiqala ukwenzeka emlandweni waleli qembu. “Isimo ekhempini sihle kakhulu, wonke umdlali ulangazalele ukudlala. Ngeke siyithathe kancane iStellenbosch, siyibonile idlala neKaizer Chiefs ngoLwesibili idlale kahle kakhulu,” kusho uSithebe.

Lo mdlali ozoqeda isizini yakhe yesine kuleli qembu, uthe yize ingakapheli le sizini kodwa ubona engasoze ayikhohlwa emlandweni. Uthe into okuyiyona abona ibanqobisa ukubambisana eqenjini kusukela kubaqeqeshi kuya kubadlali enkundleni nangaphandle kwayo.

Limbuza elaboHlanga ukuthi njengoba iqembu lenza kahle kanje akafisi yini ukuthi ngabe kukhona abalandeni ezinkundleni uthe: “Kulesi sikhathi siyabadinga kakhulu abalandeli bethu ukuthi baseseke. Kule midlalo eyisi-9 esisalele sidinga kakhulu ukwesekwa. Abalandeli bethu bayasifonela basifisele okuhle nangemumva kwemidlalo benza okufanayo, njengoba senza kahle kanje ngiyafisa ukuthi ngabe baba khona bajabule kanye nathi.” 

USithebe ubuye wathi: “Okwenza senze kahle ukuthi sinabadlali abaningi abanamava. Ukuncintisana kuhle kakhulu, wonke umdlali ulwela indawo yakhe.” Uthe bazosifeza isifiso sikaZungu sokuthi iqembu liqede namane aphezulu uma sekusongwa isizini.

“Ukube umqeqeshi uBenni McCarthy ufike kuqala isizini mhlawumbe ngabe sikhuluma ukuthi sinamaphuzu angaphezulu kwalawa esinawo. Ufike wenza umehluko omukhulu eqenjini,” kusho uSithebe.

USuthu lusendaweni yesi-3 nje lulandela omkhaya balo iLamontville Golden Arrows, enamaphuzu angama-37.

See Also

Ebuzwa ukuthi kukhona yini ukwesekana okwenzizwa abadlali bala maqembu uthe: “Singabadlali siyezwana kakhulu, ngaphandle kwenkundla siyizingane zandawonye nabadlali beLamontville Golden Arrows. Kulesi sikhathi siyadinga ukukhuthazana, siyafonelana noma sibonana siyakhuluma ngesimo amaqembu ethu akusona. Impi iba mhlazane amaqembu etholene phezulu, kodwa emva komdlalo siba izingane zandawonye. Uma kungaphela isizini sikulezi izindawo esikuzona kobe kuyinto enhle kakhulu.” 

Uthe uma bengaba naleli qembu nangesizini ezayo bangaliqeda ishobolo leminyaka lokunganqobi indebe. AmaZulu FC agcina ukunqoba inkomishi ngonyaka we-1992 nalapho ayeqeqeshwa khona uClive Barker.


Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto

Namuhla 

  • IStellenbosch FC na-AmaZulu FC, eDanie Craven Stadium ngele-17:00.

Kusasa 

  • ICape Town City neSuperSport United, eCape Town Stadium, ngele-15:00.
  • ITS Galaxy neTshakhuma FC, e-Emirates Airline Park ngele-17:00.

NgeSonto 

  • ILamontville Golden Arrows neBloemfontein Celtic, eSugar Ray Xulu Stadium ngele-15:00.
  • ISwallows FC neBlack Leopards, eVolkswagen Dobsonville Stadium ngele-17:00 .
Scroll To Top