Now Reading
Uthatha izihlangu zikayise umfo kaMagudulela
Dark Light

Uthatha izihlangu zikayise umfo kaMagudulela

Uzimisele ngokuqhubeka lapho kugcine khona uyise osethathe inkampani ehlela izimpi zamankomane emveni kokudlula kukayise emhlabeni obengumqhathi wezimpi.

UZwilenkosi Magudulela obeyinhloko yabaqeqeshi ngaphansi kweLudonga Boxing Promotions, utshele elaboHlanga ukuthi le nkampani isingaphansi kwakhe okusho ukuthi uyena osezokuba nguphromotha, engena ezicathulweni zikayise uThulani Magudulela odlule emhlabeni ngoNhlolanja nonyaka.

“Ubaba ubengisondeze kakhulu kuyena, ngifunde lukhulu kuyena ngezamankomane. Wayehlezi esho ukuthi njengoba engifundisa wenzela ukuthi uma ehamba emhlabeni ngibe nginolwazi olugcwele ngalo mdlalo. Ngikhuluma nje ekhona ngikwaze ukuthi ngenze imiqhudelwano emihlanu, yonke yaba impumelelo. Ngingasho ngithi ngizimisele ukuqhubeka nokunyusa igama leLudonga Boxing Promotions,” kusho uZwilenkosi.

Ubalule ukuthi inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli iBoxing South Africa (BSA) seyimenzelile ilayisensi emgunyaza ukuthi abe ngumqhathi wezimpi ngokusemthethweni. Uthe okuyikho okumkhuthaza kakhulu ukuthi izibusiso zokuqhubeka neLudonga uzithole emndenini wakhe.

“Ngiyazi kusazoba nzima njengoba ngisanda kuthatha izintambo kodwa ngizimisele ukuncela ulwazi nakwabanye ophromotha osekunesikhathi beyibambile. Bekungeke kube kuhle ukuthi siyiyeke kanjalo nje iLudonga, nobaba lapho ekhona ubengeke ajabule kwazise wasebenza kanzima ukuthi ayibeke lapho ikhona manje,” kubeka uZwilenkosi.

ILudonga yasungulwa umufi uMagudulela ngowezi-2008.

“Amazwi okugcina ashiwo ubaba ngaphambi kokuthi adlule emhlabeni wathi ndoda usunguphromotha manje, esho kumina. Lawo mazwi wawasho emva kokuba esebone ngihlele izimpi ezabhuntsha, wathi sekungifanele ukuba uphromotha. Lawo mazwi iwona ayohlezi engikhuthaza ukuthi ngithande futhi ngizinike kulo msebenzi,” usho kanje.

UZwilenkosi uveze nokuthi ngoNhlangulana nonyaka bahlela ukubuyisa umqhudelwano weLudonga owabhuntsha ekuqaleni kwalo nyaka ngenxa yokutholakala kosomankomane benokhuvethe.

Uthe okuhle ukuthi abanawo umsebenzi omkhulu kwazise uMnyango Wezemidlalo KwaZulu-Natal oholwa uMphathiswa uHlengiwe Mavimbela wawusuzikhokhele zonke izindleko.

Emasontweni adlule, uMnyango uhloniphe uMagudulela emcimbini obubanjelwe kwaNongoma lapho abedabuka khona.

Kulo mcimbi, kwanikezwa abamajimu akulesi sifundazwe izinsiza zokudlala isibhakela.

“Ngiyathokoza kakhulu ngendlela ubaba ahlonishwa ngayo. Ngibona kumfanele ukuthi ahlonishwe, uyibekile induku ebandla, ukwazile ukuphakamisa isifundazwe iKwaZulu-Natal. Ngiyafisa kuqhutshekwe nokuthi ahlonishwe, isifiso esikhulu ukuthi unyaka nonyaka kube nomqhudelwano omkhulu wokuthi abungazwe,” kusho uZwilenkosi.

See Also

ILudonga iqhathe izimpi eziningi, phakathi kompetha ebakhiqizile kukhona uWiseman “Sabalutho” Dlomo owayeyingqwele yebhande lakuleli losondonzima. UChristopher Buthelezi owayephethe elakuleli kuMiddleweight, u-Innocent “Tycoon” Mantengu owayephethe isicoco se-IBF Continental Africa Super Bantamweight, uSiboniso “Tiger” Gonya owasizwa iLudonga enqoba iWBA Pan African neleWBO Inter- Continental Bantamweight.

UMagudulela wakwazi ukuthi alethe impi eyabukwa umhlaba wonke eyayiphakathi kuka-Ilunga Makabu waseDemocratic Republic of Congo (DRC) noThabiso “The Rock” Mchunu waseCato Ridge kodwa osezinze eGoli. 

Laba bobabili babebanga ibhande leWBC empini eyayibanjelwe e-ICC eThekwini. Sekuwumlando ukuthi yanqotshwa uMakabu.

UZwilenkosi uqhube wathi usazoqhubeka nokucija amabhokisa kodwa sekuzoba uSizwe “Bhubesi” Mthembu osezoba inhloko yabaqeqeshi. Uma kunezimpi uyena osezongena ekhoneni.

Eveza akufisayo uthe: “Ngifisa ukuthi ngiqhathe impi yeWBC nokuyinto ubaba akwazi ukuthi ahlonishwe ngayo. Ukwenza lokho nalapho akhona ngikholwa ukuthi uyoziqhenya kakhulu ngami.”

Omunye uphromotha osanda kudlula emhlabeni naye ozohlonishwa njengoMagudulela uMzimase Mnguni naye. Wayengumnikazi we-Eyethu Boxing Promotions eyakhiqiza ompetha okubalwa kubona uWelcome Ncita, uVuyani Bhungu ababeyizingqwele ze-IBF, uMbulelo Botile noZolani Petelo.

Scroll To Top