Now Reading
Izohlaselwa iqhugela iReal Madrid itholana phezulu neBarcelona
Dark Light

Izohlaselwa iqhugela iReal Madrid itholana phezulu neBarcelona

Uma uya empini kakhulukazi uyobhekana nesitha sakho esikhulu, udinga ukuya khona unazo zonke izikhali zakho.

UZinedine Zidane ongumqeqeshi weReal Madrid ubhekene nesimo lapho eya emdlalweni onzima ngaphandle komdlali omqoka. IReal Madrid ezotholana phezulu neFC Barcelona izoya kulo mdlalo ngaphandle kukaputeni wayo uSergio Ramos ongowokudabuka eSpain.

URamos usedlale imidlalo eminingi la maqembu ebhekene njengoba esedlale engama-45.

Ngaphandle kokuba ngukaputeni, uwusizo olukhulu kuleli qembu. Uma esenkundleni akagcini ngokuba isitobha avimbe izitha kodwa uyakwazi ukuya phambili ashaye amagoli.

La maqembu  azotholana phezulu e-Estadio Alfredo Di Stefano okuyinkundla yeReal Madrid ngelesi-9 kusihlwa.

Lo mdlalo obalwa nemikhulu emhlabeni obizwa nge-El Clasico kubhekeke ukuba ushube kakhulu kwazise la maqembu afuna amaphuzu agcwele ukuze ezokwazi ukuhlala ezithendeni i-Atletico Madrid ehlezi esicongweni kulogi. Okunye okuzokwenza ukuthi kulo mdlalo kusiphuke izidindi ukuthi iFC Barcelona izofuna ukukhokha isibhongo njengoba emlenzeni wokuqala owawungoMfumfu iReal Madrid yanqoba ngamagoli amathathu kwelilodwa kowawubanjelwe eCamp Nou.

IFC Barcelona yagcina ukwehlula iReal Madrid ngonyaka wezi-2019 ngegoli elilodwa eqandeni elavalelwa phakathi u-Ivan Rakitic.

Ukunqoba ngoMsombuluko kweFC Barcelona kade ibhekene neValladolid kufake enkulu ingcindezi.

Inqobe sekuvalwe amehlo ngemizuzu yokugcina ngegoli lika-Osmane Dembele.

I-Atletico Madrid ehlezi phezulu emva kwemidlalo engama-29 inamaphuzu angama-66, iFC Barcelona ehlezi endaweni yesibili yona inangama-65 emidlalweni engama-29. IReal Madrid okuyiyo ompetha isendaweni yesithathu ngamaphuzu angama-63, nayo isidlale imidlalo engama-29.

See Also

Omunye umdlali ozozifaka emlandweni wokudlala imidlalo eminingi ye-El Clasico uLionel Messi ozodlala owama-45.

Lo mdlalo eminyakeni edlule ububhekwa kakhulu kwazise bekudlala kuwona izingqungqulu ezimbili okunguMessi noCrsitiano “CR7” Ronaldo osengumdlali weJuventus FC yase-Italy. Umdlali oseyisethenjwa seReal Madrid uKarim Benzema ongalibheki ipali osanda kuqokwa njengomdlali wenyanga uNdasa.


Isiyonke imidlalo yeSpanish La Liga kule mpelasonto ihlelwe kanje

Namuhla 

  • IHuesca ne-Elche, e-Estadio El Alcaroz ngele-21:00.

Kusasa 

  • IGetafe neCaduz, eColiseum Alfonso Perez ngele-14:00.
  • I-Athletic Club neDeportivo, e-Alaves eSan Mames Barria ngele-16:15.
  • I-Eibar neLevante, e-Estadio Municipal  de Ipurua ngele-18:30.
  • IReal Madrid neFC Barcelona, e-Estadio Alfredo Di Stefano ngele-21:00.

NgeSonto 

  • IVillareal ne-Osasuna, e-Estadio de la Ceramica ngele-14:00.
  • IValencia neReal Sociedad, e-Estadio de Mastella ngele-16:15.
  • IReal Valladolid neGranada, e-Estadio Minicipal Jose Zorrilla ngele-18:30.
  • IReal Bettis ne-Atletico Madrid, e-Estadio Benito Villamarin ngele-21:00.
Scroll To Top