Abadlali be-IPL bakuleli bafuna ukuphephezelisela elakuleli phezulu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uyaqala namuhla ngoLwesihlanu umqhudelwano wekhilikithi omkhulukazi emhlabeni i-Indian Premier League (IPL).
Nonyaka lo mqhudelwano ongadlalwa yinoma imuphi umdlali, uzobe uqeda iminyaka eli-13 kwazise waqala ngonyaka wezi-2008.
Umdlalo wamanqamu uyoze udlalwe mhla zingama-30 kuNhlaba.
Abadlali ababili bakuleli uKagiso “KG” Rabada no-Anrich Norte abangabadlali beDelhi Capitals ngeke babonakale emdlalweni wokuqala ngoba basemgonqweni wezinsuku ezine kusukeka ngoLwesibili befikela ehhotela laseMumbai.
Lokho kuqinisekiswe iDelhi Capitals esitatimendeni esikhiphile. Umdlalo ezovula ngawo izotholana phezulu neChennai Super Kings.
URabada uphuthwa ilo mdlalo nje nyakenye uyena oshaye amawikhethi amaningi angama-30, yize enza lokho akulisizanga iqembu lakhe ukuthi linqobe lo mqhudelwano njengoba wagcina unqotshwe iMumbai Indians.
Abanye abadlali bakuleli abadlala lo mqhudelwano oholela imali eshisiwe, ngu-AB de Villiers weRoyal Challengers Bangalore, uQuinton de Kock weMumbai Indians, uChris Morris noDavid Miller beRajasthan Royals, uFaf du Plessis noLungi Ngidi beChennai Super Kings.
UDe Kock uthe uzimisele ukuthi aphakamise ifulegi laseNingizimu Afrika kulo mqhudelwano.
“Ukudlala kule ligi akuyona into eyenzeka kunoma imuphi umdlali, ingakho ngizimisele ukuthi ngiphakamise igama lami neleNingizimi Afrika imbala. Iqembu engidlala kulo linomlando omuhle kulo mqhudelwano, ngizimisele ukulisiza liqhubeke nokwenza kahle. Ngifuna ukuba ngibalwe nabanqobe lo mqhudelwano kathathu kulandelana,” kusho uDe Kock.
Amaqembu aku-IPL
IRoyal Challengers Bangalore, iChennai Super Kings, iMumbai Indians, iKolkata Knights iRiders, iSunrisers Hyderabad, iPunjab Kings, iDelhi Capitals neRajasthans Royals.
Izinkundla okuzodlalwa kuzona
IM Chinnaswamy Stadium (Bangalore), i-Arun Jaitley Stadium (Delhi), iNarendra Modi Stadium (Ahmedabad), iWankhende Stadium (Mumbai), iM.A Chidambaram (Chennai) ne-Eden Gardens (Kolkata)
Amaqembu aseke anqoba lo mqhudelwano
IRajastan ngowezi-2008, iDeccan ngowezi-2009, iChennai ngowezi-2010 nangowezi-2011, iKolkata ngowezi-2012, iMumbai ngowezi-2013, iKolkata ngowezi-2014, iMumbai ngowezi-2015, iHydrabad ngowezi-2016, iMumbai ngowezi-2017, iChennai ngowezi-2018, ngowezi-2019 nangowezi-2020 kwaba iMumbai.
Imidlalo ye-IPL yokuqala iqhathwe kanje
Namuhla
- IMumbai Indians neRoyal Challengers, eBangalore ngele-16:00
Kusasa
- IChennai Super Kings neDelhi Capitals ngele-16:00
NgeSonto
- ISunrisers Hyderabad neKolkata Knights, eRiders ngele-16:00
NgeSonto
- IRajasthan Royals nePunjab Kings ngele-16:00