Kwehlukene imibono ngokuxoshwa komqeqeshi weBafana
Bazwelana noMolefi Ntseki
Uzame kakhulu sengifisa u-Ernst Middendrop manje ngiyazi iBafana Bafana ingehluleka kowamanqamu, siwabonile amagalelo akhe edlisa iKaizer Chiefs yabantu. – nguMax Khothakome Wodumo
Kona kubuhlungu futhi akuyona into esingayincoma, kunzima phandle kodwa nje ngisola ukungatholi abadlali ngenxa yokhuvethe. Ngisafuna ukuthola irekhodi lokusebenza kwakhe okufushane ngoba angikholwa ukuthi mubi kakhulu ukwedlula abanye. – nguChris Shabangu
Kodwa uNtseki uke wayiphaphamisa iBafana Bafana bazozisola ngokumxosha, uyena umqeqeshi okumele anikwe ithuba lokugcina lo. – nguKhosi Gumede Gumede
Angeke ulokhu ushintshashintsha abapheki kanti inkinga isesitofini. Sekuyisikhathi sokuthi iSAFA nayo ike izinuke amakhwapha manje. – nguThabo T’botouch Dlamini
Isihlalo esesahlula ngisho abanqoba neNdebe YoMhlaba. Izifundiswa zithi abadlali bethu abathuthukisiwe kahle, babuthakathaka ngokwengqondo, abakwazi ukumelana nokushisa kwemidlalo emikhulu. Ngisho uMourinho noGuardiola iyobahlula iBafana. – nguP Dennis Mdletshe
Yebo yena ubengenamava kodwa ngisasho namanje iNingizimu Afrika inemiphuphe yabagadli abahlulwa ukushaya amagoli eqile emashumini amabili kuDStv Premiership. – nguJabulani Thulasizwe Mchunu
Ngokwami uzamile bengingamunika elinye ithuba abantu bokuxoshwa izikhulu zeSAFA. – nguBrah Mduh Majola
Kudlalwa ngaye babeboneni vele ukuze aqashwe? Bamsukela ezithamelele ilanga bathi akazotohoza. – nguNokuthula Mchunu
Uxoshwa kanjani umuntu kube kunzima kanje ukuthola umsebenzi, bathi uzophila ngani? Ikhona kodwa imizamo abake bayenza ukumsiza njengoba sebemfaka amasondo nje? Engathi abukho ubulungiswa lapha. – nguQalokwakhe Junior Zulu
Uxoshwa nini uDanny Jordaan ngoba ngisho kungalandwa luphi uhlobo lomqeqeshi inqobo nje uma kusekhona lolu mbimbi lwesiqhoqho sezimbungulu kuSAFA? Khohlwani kusazoba njena nje. Asikakhohlwa umdonsiswano wombango wamandla owawungenasidingo abawenza ngesikhathi sesigaba sesihlanu semvalelwakhaya. Becindezela ubuholi bePSL. – nguSiphiwe Goge
Bahambisana nokuxoshwa kukaNtseki
Bekufanele aziyekele angaze alinde ukuxoshwa. Kwakhona ebholeni akanawo umlando ophathekayo ibuye ihluphe indaba yokungena ngentshontsho nalabo ababemqashile bekumele baxoshwe bonke ngoba abanendaba nezwe banendaba nemali. – nguZipho Thabang
Kodwa naye uziqhathile ngesitatimende asenzile lapho ethi wonke amaphutha uyawavuma futhi uzowathwala. – nguSmanga Dubazane Cala
Ulenzeleni iqembu, wayephumaphi, udume ngani unamlando muni kwelikanobhutshuzwayo? – nguMduduzi Masango
Kwakuvele kugangwa kwasekuqaleni ngoba ibhola lethu siliphathelwe abantu abangazi lutho. – nguSiyabonga Maphanga
Kwangcono vele ubengayazi nento ayenzayo ubethola imali mahhala. – nguHloniphani Hlomz Mlilo
Bekufanele baphume bonke neHhovisi likaJordaan ligcwele ipolitiki nenkohlakalo. – nguNoxman Malakeni Biyela
Wayeke wenzani nini kuphi yena lo muntu, kungavele kusukelwe nje umbhedo unikwe iqembu lesizwe. – nguThatha Khowane

