Now Reading
Iyalokoza inhlansana yokudlulela esigabeni esilandelayo kuChiefs
Dark Light

Iyalokoza inhlansana yokudlulela esigabeni esilandelayo kuChiefs

nguSabelo Maphumulo

IKaizer Chiefs isalelwe imidlalo emibili ngaphambi kokuthi kusongwe isigaba samaqoqo omqhudelwano iCAF Champions League.

Le midlalo eyisalele idinga ukuthi iyinqobe nakanjani uma ifuna ukudlulela esigabeni esilandelayo.

IChiefs eqeqeshwa uGavin Hunt iseqoqweni C lapho iboshelwe khona neWydad Casablanca yaseMorocco, iHoroya yaseGuinea kanye nePetro de Launda yase-Angola.

Kuleli qoqo iqembu elizihola phambili iWydad Casabalanca enamaphuzu ali-10, kulandele iHoroya elingana neChiefs ngamaphuzu amahlanu kanti emsileni kuvale iPetro de Launda enephuzu elilodwa.

IChiefs emidlalweni yayo emibili izotholana phezulu neWydad Casablanca ekhaya bese ivala ngeHoroya ekuhambeni.

Umdlalo weChiefs neWydad Casablanca ukule mpelasonto eFNB Stadium, eSoweto ngelesi-6 kusihlwa.

Amakhosi aya kulo mdlalo enethemba lokuthi ayoziphindiselela kwazise la maqembu etholene emlenzeni wokuqala owawubanjelwe eBurkina Faso, iChiefs bayibhabhadisa ngamagoli amane eqandeni.

IChiefs ayidingi ukuthi nayo ishaye amagoli amane, noma kuthiwa inqoba ngegoli elilodwa kobe isizibekele amathuba amaningi okuthi idlulele esigabeni esilandelayo samaQuarter Final. 

Umdlali osephenduke isethenjwa saMakhosi uNkosingiphile Ngcobo, uthe lo mdlalo kumele nakanjani bawunqobe uma befuna ukudlulela esigabeni esilandelayo. “Likhulu kakhulu ithuba esisenalo lokuthi sidlulele esigabeni esilandelayo, okumele sikwenze ukuthi sinqobe imidlalo yethu emibili esisalele. Indlela imimoya ehlangene ngayo ekhempini ukuzethemba kukhulu kakhulu ukuthi singayinqoba le midlalo esisalele. Okumele sikwenze ukuthi sibhekane nomdlalo owodwa njengoba sizodlala nje neWydad Casablanca kumele sihlele kahle ngoba iyiqembu elikhulu,” kusho uNgcobo.

Lo mdlali uthe banalo iqhinga lokuthi bengayiguqisa kanjani iWydad Casablanca.

“Uma udlala ekuhambeni uhlezi udlala unokwesaba, nayo iCasablanca izokwenza okufanayo izohlala emumva ngoba iyazi ukuthi ayinayo ingcindezi etheni. Ukunqoba ayikudingi kakhulu ngoba nakanjani izoba semaqenjini amabili azodlulela esigabeni esilandelayo. Okumele sikwenze thina ukuthi sihlasele umdlalo uqala, lokho kuzokwenza ukuthi sithole le miphumela esiyifunayo” kusho uNgcobo.

Umdlalo wokugcina odlalwe iChiefs yayibhekene nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates, yawunqoba ngegoli elilodwa eqandeni nelavalelwa phakathi uSamir Nurkovic. UNgcobo uthe okujabulisayo ukuthi baya kulo mdlalo bawaqoqa amaphuzu agcwele kowokugcina.

See Also

UNgcobo ubengomunye wabadlali abebebizelwe ekhempini yeqembu lesizwe labadlali abaneminyaka engama-23 eThekwini ukuzilungiselela i-Olympics ezokuba seJapan ngoNtulikazi. Kuleli qembu ubebizwe noReeve Frosler noNjabulo Blom adlala nabo kuChiefs.

IChiefs izoya kulo mdlalo sekubuye uKhama Billiat obesehlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.

Elinye iqembu eliyibambe kulo mqhudelwano iMamelodi Sundowns selidlulele esigabeni esilandelayo njengoba eqoqweni elikulo linamaphuzu ali-12. Kanti amaqembu elinawo anamaphuzu amathathu, kuthi elokugcina okuyiTP Mazembe ibe namabili.

Okuqaphelekayo ukuthi iSundowns kuzomele iwunqobe lo mdlalo ezowudlala neqembu laseSudan i-Al Hilal  ukubuyisela iBafana Bafana izinduku. 

Ngeledlule iSudan ishabalalise amaphupho eBafana Bafana okuthi idlale umqhudelwano i-African Cup of Nations (AFCON) eCameroon ngonyaka ozayo.

Abadlali abaningi abadlalela i-Al Hilal badlala kwelesizwe kuleliya lizwe. 

Scroll To Top