Now Reading
Bayamethemba uBavuma ekuholeni iqembu lakuleli lekhilikithi iProteas
Dark Light

Bayamethemba uBavuma ekuholeni iqembu lakuleli lekhilikithi iProteas

nguSabelo Maphumulo

Kubhekwe ukuthi ubuholi bakhe busize iqembu ukuba lenze kahle ukuze lingene kweyoMhlaba


Ukaputeni omusha weqembu lesizwe lekhilikithi lakuleli iProteas emdlalweni ye-One Day International (ODI) neyeT20 International, uTemba Bavuma ubhekene nomqansa wokuhola ngobunono elakuleli uma selibhekene nePakistan.

INingizimu Afrika nePakistan bazotholana emidlalweni emithathu ye-ODI ezoqala namuhla ngoLwesihlanu isongwe mhla ziyisi-7 kwephezulu. Le midlalo ibanjelwe lapha eNingizimu Afrika.

UBavuma ukhethwe njengokaputeni wemidlalo yosuku olulodwa neyeT20 emasontweni ambalwa edlule. 

Ngesikhathi imemezela iqembu elizobhekana nePakistan, inhlangano ephethe lo mdlalo kuleli iCricket South Africa (CSA), kugqame ukubuya kuka-Aiden Markram noWiaan Mulder abagcina ukudlala imidlalo yosuku olulodwa eminyakeni emibili edlule.

UMarkram akakaze ayidlale eyosuku olulodwa kusukela ngeNdebe YoMhlaba eyayibanjelwe e-England ngowezi-2019 kanti uMulder wagcina edlale imidlalo eyishumi yosuku olulodwa ngowezi-2019 amaProteas ebhekene neSri Lanka khona lapha ekhaya.

“Iqembu esinalo linabadlali abancane, ngicabanga ukuthi ithuba leli lokuthi kwakhelwe kulona ukuzilungiselela imiqhudelwano emikhulu elandelayo. Okumele sikwenze ukuthi sidlale uhlobo lwekhilikithi oluphezulu. Kumele silindele ukubhekana nezimo eziningi kwazise akuhlezi kuya ngawe emdlalweni,” kusho uBavuma.

Uqhube wathi: “Njengoba sidlalela lapha ekhaya kumele sikusebenzise lokho. IPakistan nayo ibizokwenza okufanayo ibizokusebenzisa ukuthi idlala enkundleni yayo. Le midlalo izoba nzima kakhulu, iPakistan kuyaziwa ukuthi ihlezi iyingozi kakhulukazi emidlalweni yosuku olulodwa.” 

UBavuma oneminyaka yobudala engama-30, njengoba eqala ukuhola iProteas nje kuzomele ayiholele ekutheni yenze kahle ukuze izoya emidlaweni yoMhlaba inokwezethemba. INdebe YoMhlaba yeTwenty20 izokuba se-India ngonyaka ozayo ngoMfumfu kuya kuLwezi. Kube ezokuba ngonyaka wezi-2022 e-Australia yona njalo iTwenty20.

Bese kuba ezokuba ngonyaka wezi-2023 ye-ODI nayo ezobanjelwa khona e-Australia.

Abanye abadlali abafakiwe kuleli qembu uLizaad Williams noSisanda Magala abangakaze bayigqoke imibala yamaProteas. Ngemuva kwale midlalo kuzodlalwa imidlalo emine yeT20 International. Nokho iCSA ikuqinisekisile ukuthi abadlali abazoyibamba ku-Indian Premier League (IPL) bazodedelwa njengoba lo mqhudelwano wase-India uqala mhla ziyisi-9 kwephezulu. 

Lokhu kuchaza ukuthi bazobe bengekho kuT20 abadlali abafana noQuinton de Kock, uKagiso Rabada noLungi Ngidi.

See Also

“Iqembu lethu lemidlalo yosuku olulodwa likhombisa ikhono esinalo eNingizimu Afrika futhi ngikubheke ngabovu ukuthi bazodlala kanjani kulolu chungechunge lwemidlalo. Sinamava enele kuleli qembu ukubhekana ngendlela nePakistan,” kusho uVictor Mpisang oyinhloko yabaqoki kuCSA.

IProteas iya kulo mdlalo inengcindezi njengoba iqembu labesifazane iMomentum Proteas lisanda kwenza ezibukwayo liguqisa iPakistan Womens ne-India Womens.

Ngokwezikeliso emidlalweni yosuku olulodwa iNingizimu Afrika ihlezi endaweni yesihlanu, iPakistan kweyesi-6. 

Iqembu elihamba phambili emhlabeni i-India esanda kuguqisa i-England engompetha bomhlaba.

Selilonke iqembu likaMark Boucher lithakwe kanje:

UTemba Bavuma (ukaputeni), uQuinton de Kock, uBeuran Hendricks, uHeinrich Klaasen, uJanneman Malan, uKeshav Maharaj, u-Aiden Markram, uDavid Miller, Lungi Ngidi, u-Anrich Nortje, u-Andile Phehlukwayo, uKagiso “KG” Rabada, uTabrazi Shamsi, uJon-Jon Smuts, uRassie van der Dussen, Junior Dala, uLutho Sipamla, uWiaan Mulder, uSisanda Magala, uKyle Verreyne, uDaryn Dupavallion noLizaad Williams.

Scroll To Top