Now Reading
Uyise kaThabiso ukhulekela indodana ibhande leWBC
Dark Light

Uyise kaThabiso ukhulekela indodana ibhande leWBC

Lokhu kungenzeka uma inganqoba impi eyimpinda ezobhekana kuyo nosomankomane wasezweni iDRC


U-Alex Mchunu onguyise kasomankomane osematheni kuleli uThabiso “The Rock” Mchunu ubona lizofezeka iphupho lakhe leminyaka lokuthi indodana yakhe ibe ngumpetha webhande leWorld Boxing Council (WBC).

UThabiso ngeledlule wehlule ngamaphuzu u-Evgeny Tishcenko odabuka eRussia. 

Ukunqoba kukaThabiso ibhande leWBC Silver Cruiserweight kumenze wahlabana ngethuba lokuthi alwele ibhande leWBC Cruiserweight. Kule mpi uzolwa no-Ilunga Makabu ongowokudabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC).

Laba bobabili bazobe bengaqali ukutholana phezulu njengoba bake babhekana ngonyaka wezi-2015 empini yokuhlungela ukulwela lona ibhande leWBC noTony Bellew wase-United Kingdom.

“Ngonyaka we-1988 efika emhlabeni uThabiso ngabona umpetha womhlaba. Ngilibona lifezeka manje iphupho lami leminyaka. UMakabu akusasele isikhathi esingakanani ukuthi limuphunyuke ibhande, uThabiso uzolithatha nakanjani,” kusho uMchunu.

Uma kungenzeka njengezifiso zikaMchunu, uThabiso angaba ngowesithathu eNingizimu Afrika ukuba ngumpetha weWBC. 

Asebake balinqoba uThulani “Sugar Boy” Malinga noDingaan Thobela.UThabiso esaqeqeshwa nguMchunu wakwazi ukunqoba ibhande leSA Cruiserweight kanti okwathusa kakhulu ukuthi wanqoba esalelwe izimpi ezine esibhakeleni esikhokhelayo. UThabiso manje useseGoli lapho esecijwa nguShaun Smith weSmith’s Gym.

Waba ngowokuqala e-Afrika ukunqoba ibhande le-National American Federation (NAF).

Eqhuba uMchunu uthe: “Ukunqoba kukaThabiso ngeledlule kungijabulise kakhulu kodwa angeke ngaqamba amanga bengifisa ukuthi alwe ngikhona ekhoneni. Iqiniso lithi ngangifisa ukuthola uxhaso angaze ayozinza eGoli. Ngike ngiphatheke kabuhlungu uma ngibona esethwala ubunzima ngisho ukuthi ukube ngikhona ekhoneni ngabe ngifika namaqhinga. Uke alwe impi nesitha engabe usiqeda ngomzuliswano wokuqala, aze anqobe ngowesihlanu,” kusho uMchunu.

Umncome kakhulu uThabiso ngendlela alwe ngayo ngeledlule. Uthe: “Alikho isoka elingena sici.” Lapha ubechaza ukuthi uThabiso uwenzile amaphutha  kodwa ulwe kahle ngoba ugcine enqobile. 

UMchunu ungomunye wabazuzile ngesikhathi uMnyango Wezemidlalo esifundazweni unikezela ngezinsiza zokuqeqesha kubaqeqeshi bosomankomane.

See Also

“Ukube ngiyakwazi ukukhuluma noNkulunkulu bukhoma ngabe ngikhuluma naye ngimtshele ukuba akanikeze uMphathiswa izibusiso eziningi. Akwenzele thina ngeledlule kuyinto engachazeki, usicabangele kakhulu. Sizosizakala kakhulu ngeke ngaqamba amanga. Indlela esingambonga ngayo ayichazeki nhlobo,” kusho uMchunu.

UThabiso usematheni nje wayezilolonga endlini ewulawondi kagogo wakhe. Kule ndlu kwaphinde kwavundululeka uNomvelo Magcaba-Shezi osenguphromotha manje.

“Ngonyaka we-1973 ngikhule kuyisifundazwe iKwaZulu-Natal esihamba phambili kwezamankomane, ngiyaxakeka ngoba sekuthiwa i-Eastern Cape esihamba phambili. Ngalezo zikhathi ngangibona oShaluza Max, uJoe Ngidi kanye noTap Tap Makhathini,” kusho uMchunu.

Uze wafanisa ngokuthi abadlali bakanobhutshuzwayo balapha abaningi abanamakhono bazinze eGoli ngenxa yokuthi amathuba khona maningi kakhulu.

“UMphathiswa uHlengiwe Mavimbela uzolibuyisa leli zinga lakudala, kumele siqhubeke nokuthi sizimisele nathi kusukela kubaqeqeshi kuya kosomankomane,” usho kanje. 

Uphethe ngokuthi ufisa kwande ophromotha besifazane kulesi sifundazwe kwazise abakhona bayabaleka, kumele isibalo sinyuke kakhulu baqhathe izimpi zamabhande omhlaba.

Scroll To Top