Abanye bafisa ukuthi ukufuthwa kwamatekisi kungaba nangale kwezithuthi
UMhlongo yintatheli ebheke izindaba zohulumeni bendawo
Amatekisi ngenye yezimboni ezithwala abantu abaningi eNingizimu Afrika. Ngenkathi kukhishwa umbiko kusigaba sokuqala semvalelwakhaya ezokuthuthwa komphakathi kwaba ngezinye zezinto ezahlonzwa njengesizinda sokuthelelana ngokhuvethe kwaze kwabekwa umgomo wokuthi amatekisi athwale ama-70% abagibeli. Abemboni yamatekisi balwa bephikisana nalesi sinqumo uHulumeni wabe esesiguqula wathi abamabanga amade abalayishe ama-70% kuthi abamafushane amatekisi agcwale kepha kuvulwe amawindi kufakwe nezifonyo njengoba seziyimpoqo eNingizimu Afrika.
Inhlangano yamateisi iSouth African National Taxi Council (Santaco) eMgungundlovu ihlangane nenkampani iSiyazethula ukukhuculula amatekisi kule nyanga.
Amatekisi esewonke eMgungundlovu angaphezu kwezi-3 000.
UMnu uMfanawenhlanhla Nkomo oyiSekela Sihlalo weSantaco eMgungundlovu uthe: “Ngalolu hlelo sihlose ukubulala amagciwane ematekisini angaphezu kwezi-2 000 ngenyanga uMbasa, ikakhulukazi njengoba sekuqagulwa ukuthi kuza igagasi lesithathu lokhuvethe.”
Erenki yamatekisi eFreedom Square edume ngokuthi iRenki Entsha khona eMgungundlovu, kwethulwe umshini wokubulala amagciwane osebenza ngophethroli okuthiwa uyasheshisa kunezifutho ezejwayelekile njengoba uhlanza itekisi eyodwa ngemizuzwana engaphansi kwama-30.
IMeya yaseMsunduzi uMzimkhulu Thebolla ilincomile igalelo leSantaco lokuvikela abagibeli okhuvetheni. “Leli gxathu elithathwe iSantaco lizolekelela ukunciphisa izibalo zabantu abathelelelakayo ikakhulukazi njengoba kuzoba nomthamo omningi wabantu abazosebenzisa izithuthi zomphakathi njengoba kuqala iPhasika.”
Abagibeli bakhombise ukusithakasela lesi senzo seSantaco njengoba uMnu uBhekinkosi Mncwabe ethe: “Siyabona ukuthi imali yethu iyaphi. Kumele basibhekelele ngoba uma bengakwenzi lokho sizofa baphelelwe ibhizinisi, kumqoka ukuthi nabo babone ukubaluleka kwethu. Sifuna lokhu kube into yemihla ngemihla nalo mshini siwubone umatasa kungagcini njengoba sibona kukhona izikhulu nje bese sibuzana sodwa ukuthi washonaphi?”
Odayisa kule renki uNkk uThuleleni Ngcobo uthe: “Kuyasijabulisa lokhu ngoba kuzosisindisa nathi siyafisa ukuthi basikhumbule ngoba njengoba nginetafula amakhasimende abo lokhu kufa azokulanda lapha etafuleni lami. Ngakho uma bethola isikhathi, siyazi amatekisi maningi, kepha bekungaba umqondo ophusile uma bengahambela nakuthina nozakwethu bazokhuculula lapha ngoba nabashayeli badla lokhu kudla okuphekwa yithina. Akusikhona ukuthi ingoba singamaqola kepha umqondo nje wokubhekelela isizwe khona lokhu okuhle abakwenzayo kungeke kuphelele emoyeni kepha kube nemiphumela ebonakalayo.”
UMnu uThemba Mshengu yena uthe: “Kuzoba umqondo omuhle ukuthi bakhuculule izindlu zangasese nakuba sazi ukuthi umsebenzi kaMasipala njengoba engaphansi kwawo kepha kungakuhle ukuthi ngalesi sikhathi kusale sekubanjiswana ngoba siyawubona uMasipala wethu ukuthi unjani. Sekuyikhona ukuthi imboni ayivikele abantu abayo.”
UNkk uLethiwe Makhanya uthe: “Kuzomele kukhucululwe nabahlala emgwaqeni ngoba bazosithelela. Ibona abafike babaqashe ukuthi babagezele amatekisi. Babuye bayobhema ngemuva ezindlini zangasese njengoba sibonile nje omunye efela erenki yaseMbali. Sibona kumqoka ukuthi iSantaco ilawule nabantu abangena erenki. Siyazi kungabukeka kuwumsebenzi onzima loyo kodwa bangaqhamuka namacebo njengoba bakwazi ukulwisana namakhumbi alayisha ngokweqile, bona bayokwazi ukuthi bazihlele.”
Osebenzela uMasipala ukuhlanza le renki uNkk uPhilisiwe Tembe uthe: “Njengomunye wabasebenzela lapha ngibona lolu hlelo luzosisiza luphinde lwenyuse nofuqufuqu lokuthi sisebenzele kule ndawo. Sibona nokuzethemba kuzonyuka ngoba besihlalele ovalweni lokwesaba ukuhaqwa ilesi sifo. Ukwazi ukuthi asisathembele ezifonyweni kuphela sekunesibulalimagciwane lokho kuyasigqugquzela ukuthi nathi sikulangazelele ukusebenza kule ndawo yethu ngoba sivikelekile.”

