Uyalila uNgcolosi ngesehlo esivelele uZulu
UBhengu ungumbhali wezincwadi. Kemet: The Genesis of Genesis, AmaZulu: Ancient…
Awu, Mvelinqangi! Senzeni singuZulu! Lashona ilanga emini kuZulu, sasala sihlwempu! Sasala budengwane! Awu, Senzeni kuMdali? Bayede! Bayede! Wena weNdlovu! Uhambe kahle Mdlokombane! Usakhile isizwe sikaPhunga noMageba. Izimfundiso zakho ngeke zasilibala. Ulale ngoxolo ‘Bhejane Phuma Esiqiwini’.
Bakhulumile abantu kumabonakude, bakhulumile emisakazweni, bakhulumile emaphepheni, bencoma iSILO sikaZulu ngemisebenzi emihle esiyenzile emhlabeni. Sibonile izizwe ngezizwe ziletha ukukhala kwazo eNdlunkulu yakwaZulu ngokulahlekelwa nguNomthebe wawo. Sizizwile izizwe ezimnyama zase-Afrika zincoma ubukhulu bukaZulu; zincoma amaZulu ngokuziqhenya ngobuzwe babo; zincoma iSILO ngokugqugquzela ukulondoloza isiko lesintu sakwaZulu.
Kube khona nje iphepha lesiNgisi langempelasonto edlule, langomhla zili-14 uNdasa wezi-2021 laseGoli, lapho oyedwa waboHlanga wabhala into ebuhlungu ngeSILO, eyibhala ngoba esazi ukuthi ngeke siziphendulelele, ongazi ukuthi wayethuleleni nale nto iSILO sisaphila. Ebhala kuCity Press, lo mbhali uthuke, wacokofula, iSILO samaZulu, wathuka iSihlalo soBukhosi bukaZulu, wathuka noZulu uqobo. Uthi lo mbhali iSILO sethu ‘sasingaphelele kahle engqondweni ngoba sasidlelana nabakwaNgcindezi’. Ngimangale kabi ukubona ukuthi izintatheli zakithi zaboHlanga azilusukumeli lolu daba. Ngiyazi iNdlunkulu izilile ngoba ibizomphendula lo mfokazi, engithemba ukuthi akasiyena umZulu, ngoba akekho umuntu ongumZulu ongakhuluma into embi kanjeya, futhi engamanga ngeSILO sakhe. Thina njengoZulu, siholwa yiSILO sethu asikaze sicheme namaBhunu, mhlawumbe kudingeka kekuchazwe igama elithi ‘ukuchema’, ukuze sibone ukuthi lisho ukuthini ngempela. Ngibuhlungu kabi ngalo mbiko ophume kuleli phephandaba, ngoba ngabe kuyezwakala ukuba ukhishwe umuntu ongolunye uhlanga, manje ukhishwa umuntu waseNingizimu Afrika, woHlanga, walapha KwaZulu-Natal. Bekubalulekile ukuthi kuhlalwe phansi naye kuphuzwe itiye, achaze ukuthi usho ukuthini ngale nto.
Ukushabalala kobuZulu ngemva kwezimpi ezaliwa nguZulu nabacindezeli baseNtshonalanga kwadonsela ekutheni uZulu acindezelwe ngokuzama ukumphuca ubuZulu bakhe, wafakwa inkoloze ukuze kunciphe ubuZulu kuye.
Okunganambitheki kahle, wukuthi zimbalwa kakhulu izincwadi ezibhalwe ngolimi lwesiZulu ezilanda ngomlando wezimpi zamaZulu. AmaNgisi achithe izimali ezinkulu ecwaninga ngathi okungangoba asesazi kabanzi ngaphezu kokuzazi thina.
Ngiyavuma ukuthi ngezikhathi zezimpi zakwaZulu emandulo, babengekho ababhali bakithi bomlando. Yini ebanga ukuthi izingane zethu zingafundiswa ubuZulu? Zizokhula ziyini izingane zethu uma zingatshenwa ngamaqhawe akwaZulu nangezimpi zakwaZulu? Kuzoba abaholi bakwaZulu abanjani laba esibakhayo uma bengayazi imvelaphi yabo njengoZulu? Thina njengoZulu sithule sithini uma ubuZulu bethu bufa kangaka? Yini ebanga ukuthi ngisho ezikhungweni eziphezulu zemfundo kulesi sifundazwe zingabi khona izifundo eziphathelene nomlando, nemvelaphi kanye nosikompilo lwamaZulu?
Uma umuntu eqhathanisa ukuzinikela kukaZulu ezimpini ezake zaba khona kwaZulu nendlela uZulu ayiyo njengamanje, kuyaxaka ngoba amaqhawe akwaZulu ayelwa ngoba evikela thina esiyisizukulwane esisha. Babelwela uZulu ozayo, kanti nathi esiphilayo kudingeka silwele uZulu ozayo.
Asikwazi ukuvuma ukuba ubuZulu bethu bugqitshwe nje, bunyathelwe ngezinyawo, buze buphele. Yinkululeko enjani le eyenza ukuba abantu balahle ububona? Yinkululeko enjani le eyenza ukuba abantu boHlanga bazinyanye? Yinkululeko enjani le esifundisa ukuba sithande okwezizwe besesilahla okungokwethu? Yizwe elinjani leli elingaphokopheli ukubona abantu balo bezithanda futhi bethanda nobubona? Siyophila le mpilo njengoZulu kuze kube nini, lapho singamalulwane? Yebo yasho iNgonyama uShaka yathi: “Ngeke nilibuse kodwa liyobuswa zinkonjane zona ezindizela phezulu”, kodwa wayengasho ukuthi bese singabe sisaziqhenya, sizigqaje ngobuZulu bethu.
Ngibuza le mibuzo ngoba amaNgisi namaBhunu asihlonipha kakhulu kabi thina Zulu ngenxa yomlando wethu. Okhokho bethu abalwa eSandlwane nakwezinye izindawo bamangaza abeLungu. Ubuqhawe bethu njengoZulu bamangaza i-Afrika yonkana. INgoyama uShaka yaduma umhlaba wonke, yenza ukuba uZulu lapho ehamba khona ahlonishwe. Pho, thina yini ebanga ukuba lo msebenzi weLembe singawuhloniphi?
Namhlanje umuntu wakwaZulu usenyanya ngisho ukugqoka ibheshu kumbe imvunulo nje yesiZulu, ngoba esaba ukuhlekwa. Ukugqoka izingubo zethu zakwaZulu ngenye yezindlela zokubuyisa ubuZulu kithi. Ngenye yezindlela zokuziqhenya.
Lapha kwaZulu yilapho kwakuyisizinda sosikompilo lwase-Afrika loBuntu. UMntwana uVelekhaya Shange, encwadini yakhe ethi Pho uthi makwenziwenjani?, ebhalwe ngowezi-2012, uthi: “UBuntu kwakuyiyona nkolo ejulile yamaZulu. Okusemqoka ngale nkolo yoBuntu ngukuthi uBuntu abuhlangabezani nobubha. Kungakho nje kwakungekho umhambuma kwelikaMthaniya ngesikhathi uZulu esaziphethe ngokubusa ezweni lakhe,” kulanda uMntwana uShange encwadini yakhe ethi: Pho, uthi makwenziwenjani? (34; 2012).
Umbhali wale ngosi (uMfuniselwa Bhengu) ukhiphe incwadi yakhe ethi: AmaZulu: Ancient Egyptian Origin ngonyaka wezi-2014 lapho echaza khona ngosikompilo kanye nemvelaphi kaZulu. Kwakuqala emlandweni wethu ukuthi kube khona umbhali owenze ucwaningo ngemvelaphi yasemandulo nangosikompilo lamaZulu, lapho kuvela khona ukuthi kanti uZulu uqhamuka eKhemethe (eGibithe yasemandulo) endaweni eyayibizwa ngokuthi kuseNubia, namhlanje esibizwa ngeSudan, esifundazweni saseJuba, siholwa nguMnguni. Le ncwadi isadayisa ubuthaphuthaphu namanje, ngoba abantu bakithi, hhayi amaZulu kuphela, kodwa nezinye izizwe, banxanelwe ulwazi ngoZulu.
Akewuzwe nje ukuthi sithini iSilo uDingane kuNzobo ngenkathi kuhleliwe esibayeni kuxoxwa ukuthi azobulawa kanjani amaBhunu, eqondise kuNzobo owayeyiqhawe elikhulu lakhe: “Phuza lolu khamba Nzobo ngoba kusasa uzophuza igazi lamaBhunu”. Esephuzile uNzobo sabuza kanje iSilo uDingane: “Ngubani ozohola ibutho lami kusasa mhla ngiyobulala abathakathi? (esho amaBhunu). Waphendula uNzobo wathi: “Yimi Ngasitha”. Ibutho lamaBhunu laliholwa nguPiet Retief. UNzobo lo okukhulunywa ngaye lapha wayezalwa nguSobadli kaNtombela okwagcina esezinikele emaBhunwini, amdubula, wafa, efela uBukhosi bukaZulu, efela iNgonyama kaZulu, efela izwe lakwaZulu, efela uZulu (Shange, 2012).
Ucwaningo oluvela ezincwadini luyaveza ukuthi inkolo yaseNtshonalanga yalima indima enkulu ekubulaleni amasiko esiZulu. Abantu bakithi (amaZulu) bafundiswa inkoloze yokuthi lokhu abayikho abakulahle ngoba akuyilutho. Bafundiswa ukuthi amasiko esintu awubuqaba futhi aphambene nomthetho kaNkulunkulu. Lokhu, ngokusho koMbhali uJordan K. Ngubane (1979) kufana ‘nokushiqekwa usungulo olubomvu engqondweni yakho ukuze uphenduke ilulwane’. Ngamafuphi nje, ukubulawa ingqondo ukuze usale uyigobongo, ungazazi ukuthi ungubani nokuthi uvelaphi. Ngeke ube umAfrika ophelele ungaqalanga ukuba ngumZulu ophelele.
Lala ngokuthula Mdlokombane! uMvelinqangi abusise umphefumulo wakho! Nokukhanya kwaphakade kukukhanyele! Wena weNdlovu! Bayede!