INkantolo Enkulu iphinde yahlukanisa phakathi komzali nobuhlobo begazi



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Uphinde wakhala ngaphansi omunye umzamo kababa wengane obefuna ukuhlomula efeni layo lezigidi ezili-R15 okwakuyisinxephezelo eyasinikwa uMnyango Wezempilo.
Nyakenye le ngosi ibikile ngalolu daba oluthinta uyise wengane eseyashona okuthiwa wagcina ukuyibona inezinyanga eziyisi-6 ubudala owafaka isicelo eNkantolo Enkulu yaseGauteng efuna ukuba naye abelwe leli lifa njengomzali wengane.
Umbango, waleli lifa umninilo alishiye engayibhalanga incwadi yokulaba, ubumayelana nokuthi ngubani ofanele ukuthola le mali le ngane eyayinikwa uMnyango Wezempilo ukuthi ibhekelelwe ngomuso njengoba kwaba nobudedengu izalwa okwaholela ekutheni ikhubazeke.
INkantolo yaqoka ozokwaba leli lifa emveni kwenyanga ingane ishonile ngoMbasa wezi-2018 ineminyaka yobudala eyisi-5. Yena wabe eseya eNkantolo ekhulekela ukuthi kube yiyo ethatha isinqumo ngofanele athole le lifa.
Umsuka wodaba
NgoLwezi nyakenye uMehluleli eNkantolo Enkulu eGauteng uJody Kollapen wakhipha isinqumo esachitha uyise wengane wanika uninakhulu nonina ilungelo lobuzali nokuthi ifa lithathwe yibo. Uyise wengane wabe esefaka isicelo sokuphonsela lesi sinqumo inselelo.
UMehluleli uKollapen, esinqumeni asikhipha nyakenye wakubalula ukuthi ogogo nomkhulu, ikakhulukazi ogogo, kusukela kudala babambe iqhaza elikhulu empilweni yezigidi zabantu.
Leli cala uMehluleli uKollapen wathi livusa inkulumo ebalulekile encazelweni ngokuqondwa kodaba lokukhulisa ingane nokuba umzali.
Wagxila ekuhumushweni kwegama “umzali” emthethweni i-Intestate Succession Act (ISA).
“Ngabe ngokwenhloso ye-ISA incazelo yomzali kubhekwa ukuzalana noma kufanele kuqalwe kubhekwe ukuthi ukukhulisa ingane, ukuba ngumzali nobuzali kusho ukuthini emthethweni wethu, kubhekwe noMthethosisekelo okuyiwo omkhulu ezinhlakeni zomthetho wethu?” kubuza uMehluleli.
Ulwazi olwaluphambi kwenkantolo ngoluthi abazali bale ngane kabazange baganane futhi abahlalanga ndawonye ngaphambi nangemuva kokuzalwa kwayo. Uyise wayengekho izalwa futhi akakaze abambe iqhaza njengomzali noma afake isandla, noma ingayiphi indlela, ekukhulisweni kwayo. Wagcina ukuyibona inezinyanga eziyisi-6 ubudala.
Ingane ibihlala nonina nogogo wayo.Unina wahlaselwa yingcindezi okwenza ukuthi angakwazi ukuyinakekela kahle, kwezinye izikhathi ubeke anyamalale izinsuku engaziwa. Wayengasebenzi ethembele kugogo wengane ngakwezezimali.
Ebona lesi simo ugogo wangenelela, wayeka umsebenzi ayewenza wokucwala izinwele wanakekela ingane ngokugcwele.
Ulwazi olwaluphambi kweNkantolo lwaqhuba lwathi, emva kwesikhashana ingane ishonile impi yomthetho yaphothulwa eNkantolo Enkulu eGauteng lapho unina wengane nogogo wayo banikwa umthwalo namalungelo phezu kwayo kanti amalungelo kayise anqanyulwa.
Kuleso sicelo ugogo wageqa amagula eveza isimo sengane, echaza ukuthi yayingakwazi ukuhlala, ingakwazi ukuzidlela, ingaboni kahle emehlweni futhi idinga ukunakekelwa njalo, uthando nokunakwa.
Emva kwezinsuku ezimbili ingane ishonile udaba lwase luya kuMehluleli uKollapen.
Uyise wengane yena wayethi udaba lwefa lomuntu oshone engayenzanga incwadi yokulaba “alucacile ekubalulekeni kwezindlalifa” futhi lubheke udaba lokuzalana ngokwegazi.
Kodwa uMehluleli wathi nakuba umthetho ukhuluma ngabazali ngomqondo osabalele, uvulelekile ukuba uhunyushwe.
Wathi kukancane ukuthi obaba bathole amalungelo okukhulisa izingane kanjalo nokubamba iqhaza ekukhulisweni kwengane kodwa kuloku ubaba waqoma ukungazihlanganisa nengane ngenxa yokukhubazeka kwayo.
“Ngaphandle kokufisa ukuthi ngimehlulele ngokuziphatha kwakhe, kodwa kuyaphambana nokufunwa ukuzuzwa uMthethosisekelo noMthetho Wezingane kokuthi izingane, ikakhulu ezikhubazekile, kufanele ziphathwe kanjani emphakathini wethu,” kusho uMehluleli.
Wathi ukuhumusha uMthetho ukuthi ubheke umzali njengalowo ingane eyavundla esiswini sakhe kuphela akubekezeleleki, ngeke kuwenze umqondo, ngeke kuvumelane nokuqonda kokuthi yini umzali futhi kuyoholela emiphumeleni engaphusile.
UMehluleli uKollapen wathi ngeke awuziba umbiko.
Wommeli Womndeni awenza ngaphambi kokuba ingane ishone owaveza ukuthi unina wayehlose ukwenza okuhle yingakho anikwa amalungelo obuzali nomsebenzi wokubheka ingane okuphelele.
Wathi ugogo kwakumfanele ukuba abizwe ngomzali ngokwe “qiniso, okwempela nangokomthetho”.
UMehluleli wathi emandulo ogogo nomkhulu, ikakhulukazi ogogo, babamba iqhaza elikhulu empilweni yezigidi zabantu emphakathini, nakuba lokho babekwenziswa uthando olujulile lwabazukulu babo nokubanakekela, kodwa kwakheka ngenxa yomonakalo wepolitiki, ezomnotho nomphakathi okwalethwa ubandlululo empilweni yemindeni yaboHlanga.
Waqhuba wathi ukuziphatha kukababa wengane kwakwehluke kakhulu kokukagogo wayo okuthe kusukela ikhishiwe esibhedlela emva kokuzalwa kuze kube iyadlula emhlabeni, wayondla ngothando, wayeseka, wayinakekela futhi wadela okuningi, akazicabangelanga yena ngokuthi anakekele zonke izidingo zengane ukulwela isithunzi sayo namalungelo.
Wabe eseyalela ukuthi unina nogogo bahlukanise ifa ngokulingana.
Isinqumo sakamuva
Nakulokhu uyise wengane ubemile kwelokuthi ungumzali wengane ngakho kumele ahlomule efeni layo. Kodwa esinqumweni seNkantolo Enkulu YaseGauteng ePretoria mhla zingama-23 kuNdasa wezi-2021, uMehluleli uKollapen ukuchithile lokhu.
Esicelweni sakhe sokuphonsela inselele isinqumo sokuqala seNkantolo, ubaba wengane uthe uMehluleli waphambuka ekutheni yena akaze alibambe iqhaza empilweni yengane njengomzali, wangayilima indima yokuba umzali futhi wangalisebenzisa ilungelo lakhe ekukhuliseni ingane.
Uphinde wathi iNkantolo ibe nephutha ngokuchitha ukuthi ngokwe-ISA igama “umzali” lisho ubuhlobo begazi.
UMehluleli uthe uyise wengane kuningi akushilo akholelwa ukuthi kuliqiniso maqondana nokuthi wakwenza okufanele okuqondene nengane encane.
“Kungekhona ukuthi ngiyakuziba angakusho ngalokhu athi wakwenza, iqiniso nokuma komthetho angeke kwaphikiswa. NgokweChildren’s Act, ummangali akazange awathole amalungelo obuzali,” kusho uMehluleli uKollapen.
Wengeze ngokuthi vele amalungelo akhe anqanyulwa ngowezi-2018.
Mayelana nalokhu obekugcizelelwa nguyise wengane ukuthi “umzali” ngokomthetho kuhlezi kuyisihlobo segazi, uthe lokho kuhumusha kuyaphikisana nokuhlinzekwa uMthethosisekelo neMthetho Wezingane.
Uphethe ngokuthi ngaphandle kokungabaza ayikho enye inkantolo ebingakhipha isinqumo esahlukile kunalesi kulolu daba.