Now Reading
Ngabe selidume ledlula kuMugabe, noHulumeni wakhe?
Dark Light

Ngabe selidume ledlula kuMugabe, noHulumeni wakhe?

LO mbhalo ushicelelwe isimo sisemazonzo eZimbabwe. Lokhu kwenze kungabi lula ukuqinisekisa ukuthi iyozala nkomoni. Okwazekayo wukuthi abakhuzi bamasosha beholwa uJenene uConstantino Chwenga baqome ukuzidela ngokuthatha izinyathelo ezikhombise ukuzimisela ukuza nezinguquko endleleni izwe eliphethwe ngayo. Okunye obekwazeka ngaphambi kokuya oshicelelweni ukuthi inhloso yabo yokuba uMengameli uRobert Mugabe ehle esikhundleni ibingakafezeki; bekunezinkomba zokuthi kusaboniswana ngoba uMugabe ubengakhombisi ukugoba uphondo. Ngamanye amazwi, konke kuzokhanya ekuhambeni kwesikhathi, kodwa okungeke kubalekelwe ngukuthi, isimo sezepolitiki eZimbabwe, ukuphathwa kwezwe, kanye nobudlelwano eqenjini elibusayo iZanu-PF, angeke kuphinde kufane. Isiphetho esingaba ngcono koba ngesokuthi kubekwe uHulumeni wesikhashana nowokubuyisana ongahlanganisa abaholi abanjengoMnu u-Emmerson Mnangagwa, uJoyce Mujuru, uNdumiso Dabengwa kanye nabanye abakhona ezweni ukuze kuqalwe indlela, ezoba yinde, yokuthi kwakhiwe izwe.

Zintathu izizathu ezenza ukuthi izinyathelo ezithathwe ngabanye babakhuzi bamasosha eZimbabwe kuleli sonto, zimangaze abaningi. Esokuqala, kukhona abekade besabona sengathi eqenjini elibusayo kusakhala isicathulo sikaMugabe kuphela osehlale kulesi khundla iminyaka eyevile kwengama-36. Ngaleyo ndlela, bekubonakala sengathi usazokwazi ukuqhubeka nokwenza umathanda ngoba ozakwabo eqenjini bezomeseka ngo-elethu noma kuthi labo okukade benezifiso zokumphikisa bawuhlabe inhlali ngenxa yokwesaba. Esesibili uMengameli uMugabe ubengaqali ukuxosha obeyiphini lakhe futhi engomunye wabahlonishwa kakhulu eqenjini. Kuzokhunjulwa ukuthi phambilini, waxosha uJoyce Mujuru kuZANU-PF, owayengunkosikazi kaJenene uSolomon Mujuru, owaye ngomunye wabaholi abaqavile eqenjini. Ngakho emveni kokuba exoshe uMnangagwa, abaningi ababonanga lokhu njengesenzo esingadala ukuthi uMugabe azithole esezalelwe yinja endlini kuleli sonto. Esesithathu, kukhona labo abekade besalokhu behlelele ethembeni lokuthi uguquko eZimbabwe luyoqhamuka emaqenjini aphikisayo; kodwa bebekhohlwa ukuthi iZANU-PF yakwazi ukunqoba iMDC, okwagcina kuphelile ngayo.

IsiZulu sithi, akuqili lazikhotha emhlane. Izigameko zaleli sonto zikhombisa ukuthi uMugabe, nabacheme naye ngaphakathi eqenjini elibusayo, bathatha kancane okubili. Okokuqala ukushaya indiva ukujula kobuhlobo uMnangagwa ebekade enabo nabanye ozakwabo ngaphakathi eqenjini. Yilobu buhlobo obenze ukuthi ngesonto eledlule uMnangagwa abe nomfutho wokukhipha isitatimende esakhombisa ukuthi eyokuxoshwa kwakhe uzoyilwa. Okwesibili, labo abekade becheme noMengameli isineke sabo bese sifiphala ngaphakathi eqenjini sokumelana nezenzo ebezikhombisa ukuthi uMugabe nomkakhe uGrace besebebona ukuthi iqembu sekuyinto yasekhaya abangazenzela noma yini ngalo.

Uma kubhekisiswa indlela abakhuzi bamasosha abagadle ngayo ikhombisa ukuthi izigameko zaleli sonto bezihlelwe ngononina. Kokuningi okungaphawulwa, okokuqala ukuthi, abakhuzi benze isiqiniseko sokuthi bagweme ukukhipha izitatimende ezithi sekuyibo abaphethe izintambo zikaHulumeni. Abakugqamisile ukuthi isenzo sabo esesikhashana ukuze izwe likwazi ukulungiselela izinguquko ezizodala ukuthula, ukubuyisana, nentuthuko. Lobu buciko benze kube nzima ukuthi kube khona amazwe, ikakhulukazi angomakhelwane, agxeka isenzo samasosha. Lokhu kubonakale ngezitatimende ezikhishwe ngamazwe anjengeMalawi neBotswana, agcizelele ukuthi okwenzekayo eZimbabwe akufaki bona kepha isisombululo kumele size nabaholi kanye nezakhamuzi zezwe. Ngakolunye uhlangothi, iNingizimu Afrika isheshe yaveza ukuthi izothumela ithimba lamanxusa aphezulu azohambela eZimbabwe ukuze kutholakale ukuthi yini eyenzekayo. Izitatimende ezifana nalezi ezisize abakhuzi bamasosha ngoba sekuvamile ukuthi amazwe amaningi ayingxenye ye-African Union (AU), asheshe asigxeke isenzo samasosha esikhombisa ukuketulwa kombuso ngaphambi kokuba kwazeke ukuthi sidalwe yini.

See Also

Okwesibili, isitatimende esikhishwe abakhuzi bamasosha kuleli sonto besibhalwe ngobuciko obenze ukuthi obekade ezobaphikisa abonwe njengalowo ocheme noMugabe, kunokuba kuze izinguquko ezweni. Ingcwenga esitatimendeni abasikhiphile ivele lapho bethi, isenzo sabo sibhekiswe kwabambalwa ikakhulukazi eqenjini elibusayo, abekade benza izinto ngendlela ephambene nenqubomgomo kanye nezinhloso zeqembu. Kulabo, baphawule kakhulu uMengameli, owakwakhe, kanye nedlanzana ebelibizwa ngeG-40, okuyibo okuthiwa bebelutha uMugabe. Ngaleyo ndlela isenzo sabo asithathwanga njengaleso ebesiphokophelele ukuqumba phansi uHulumeni weZANU-PF, kepha sithathwe njengaleso esibhekise ekutheni lo Hulumeni, kanye neqembu elibusayo, bake baguqule ukwenza.

Izigameko zaleli sonto ziphinde ziqinisekise imibono ethi esikhathini esiningi uguquko oluzwakalayo emaqenjini ayelwela inkululeko aluvamile ukuqhamuka ngaphandle, noma aluzi ngamaqembu aphikisayo, kodwa luvela ngaphakathi. Lezi zigameko kumele zibonwe njengeziyisivivinyo eqenjini elibusayo esizoliphoqa ukuthi likhombise ukuthi kungabe ubuholi obuqotho lisenabo yini noma cha. Lezi zigameko kumele ziphinde zithathwe njengezizonika iZANU-PF ithuba lokuthi ibuyise isithunzi sayo, ngokulungisa wonke amaphutha enziwe phambilini. Ukwehluleka ukwenza lokho kobe kukhombisa ukuthi, impela abaholi abaphethe izintambo emaqenjini ayelwela inkulukeko, banendaba kuphela nokuhlala ezikhundleni noma ngabe kuthiwani. Lezi zigameko ziphinde zibe yisivivinyo kuSADC, ngoba sekuphele iminyaka yenza imizamo yokuthi kube khona ukubuyisana nokuthula eZimbabwe, kepha kwanhlanga zimuka nomoya. Izinyathelo ezozithathwa yile Nhlangano emveni kwalezi zigameko, kuyomele zikhombise ukuthi kungabe izimisele yini ukuthola isisombululo sangempela eZimbabwe.

Scroll To Top