Ukhala ngokuphuthwa wumncintiswano wangakubo uSerena
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sekusele usuku lokuthi amemezele ukuthi usethatha umhlalaphansi emdlalweni womphebezo oke wahamba phambili kulo mdlalo uSerena Williams.
Lokho kuvela emveni kokuthi ephinde waphuthwa umqhudelwano omkhulu obizwa ngeMiami Open ngenxa yokuthinteka.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-39, ikhale kakhulu ngokuthi iphuthwe yilo mqhudelwano enerekhodi elihle kuwona.
“Kubuhlungu ukuthi lo mqhudelwano wakulo nyaka angikho kuwona, bengifisa ukuba kuwona njengoba nanyakenye ungabanga khona ngenxa yokhuvethe,” kusho uSerena.
Lo mqhudelwano obanjelwe eHard Rock Stadium Miami Gardens, eFlorida, uqale mhla zingama-22 kwephezulu uzoze usongwe mhla zi-4 kuMbasa.
Umlando uveza ukuthi uSerena usewunqobe kayisi-8 lo mqhudelwano, okokuqala ngonyaka wezi-2002, ngowezi-2003, ngowezi-2004, ngowezi-2007, ngowezi-2008, ngowezi-2013, ngowezi-2014 nangonyaka wezi-2015.
Okwenza aphatheke kabi kakhulu uSerena ukuthi lo mqhudelwano usingethwe lapho edabuka khona.
“Kuyinto ehlezi ifiswa inoma imuphi umdlali ukudlala lapho engowokudabuka khona ngoba uthola ukwesekwa okuyisimanga. Ukwesekwa ukuthola emndenini, kubangani kanye nakulabo abakulandelayo. Lo mqhudelwano wakulo nyaka bengizimisele ngawo, kwazi bani mhlawumbe bekuzoba owokugcina, kodwa-ke asazi,” kusho uSerena.
Abanye abadlali abanamagama amakhulu abaphuthelwe yilo mqhudelwano omkhulu kangaka uNovak Djokovic, uRafael Nadal kanye noRoger Federer cishe osehlale izinyaka ezili-14 engabonakali ngenxa yokulimala.
USerena ngoNhlolanja wahlulwa kowandulela owamanqamu intokazi esencane uNaomi Osaka emqhudelwaneni weGrand Slam i-Australian Open. Emveni kokwehlulwa kwakhe baningi ongoti abaveza ukuthi sekuyisikhathi sokuthi athi khumu kulo mdlalo kwazise akukho angakwenzanga kuwona.
Indlela ahlulwa ngayo yakhombisa ukuthi iminyaka isihambile kuyena ngoba akuphelanga isikhathi esingakanani uNaomi waqeda ngaye.
Usele kancane kurekhodi eliphethwe uMargaret Court lokuhamba phambili ngokunqoba amaGrand Slam amaningi angama-24, kanti uWilliams unqobe angama-23.
Waqala ukudlala umphebezo okhokhelayo ngonyaka we-1995 lokho kusho ukuthi uneminyaka engama-26 edlala esigabeni esikhokhelayo.
Ngokomlando unqobe i-US Open kayisi-6 ngonyaka we-1999, ngowezi-2002, ngowezi-2008, ngowezi-2012, ngowezi-2013 nangowezi-2013. IFrench Open usayinqobe kathathu ngonyaka wezi-2002, ngowezi-2013 nangowezi-2015, iWimbledon kayisi-7 ngonyaka wezi-2002, ngowezi-2004, ngowezi-2009, ngowezi-2010, ngowezi-2012, ngowezi-2015 nangowezi-2016. Kwase kuba i-Australian Open ayinqobe kayisi-7 ngonyaka wezi-2003, ngowezi-2005, ngowezi-2007, ngowezi-2009, ngowezi-2010, ngowezi-2015 nangonyaka wezi-2017.
Uyena mdlali ohlale isikhathi eside ezihola phambili ngokwezikeliso njengoba ahlala kusukela ngonyaka wezi-2002 kuya kunyaka wezi-2017.