Akuvumelekile ukwephula ilungelo lobunikazi eliklanyelwe isikhathi
UZodwa Zondi ungumshicileli omkhulu wezilimi zendabuko kwaShuter and Shooter
Kweledlule sethembise ukuthi sizokhuluma ngokwephulwa kwelungelomnikazi. Ngibone kukuhle siyibambe ezimpondweni namuhla.
Ilungelomnikazi ilungelo lobunikazi eliklanyelwe isikhathi esithile lapho umsunguli kunguye kuphela onelungelo negunya lokubuyekeza, ukudayisa, kanye nokunikeza imvume yokusebenzisa umsebenzi awusungulile.
Ilungelomnikazi livikela ikhono kanye necebo lomsunguli ukuze angaxhashazwa kanti futhi ligunyazwe umthetho obizwa ngokuthi iCopyright Act 98 of 1978.
Imisebenzi evikelwa ilungelomnikazi yehlukahlukene, okubalwa le elandelayo;
- Imisebenzi ebhaliwe njengezincwadi noma iziqeshana ezibhaliwe;
- Umculo, amaculo;
- Imisebenzi yezandla okubalwa imidwebo, izithombe ezipendiwe nokunye;
- Imisindo elotshiwe;
- Imibukiso yengqayi;
- Okusakazwayo;
- Imisebenzi eshicilelwe;
- Izinhlelo;
- Izinhlelo zamakhompyutha.
Ilungelomnikazi ungalephula ngokuthi usebenzise umsebenzi womunye umuntu ngaphandle kwemvume noma uziveze njengomsunguli walowo msebenzi.
Ungagwema ukwephula ilungelomnikazi ngokuthi ucele imvume yokusebenzisa umsebenzi osungulwe ngomunye umuntu.
Uma usebenzisa isiqeshana sombhalo othile, kumele uveze ukuthi ngubani umnikazi, ushicilelwe kuphi, kanye nonyaka wokushicilelwa.
Emkhakheni wezokushicilela ilungelomnikazi liwumgogodla lapho abashicileli bebophezelekile ukuba bavikele wonke umsebenzi abawushicilelayo.
Umnikazi womsebenzi angagunyaza ukusetshenziswa nokushicilelwa komsebenzi ngokuthi benze isivumelwano phakathi komnikazi kanye nalowo amnikeza igunya.
Umnikazi naye uyakwazi ukunikeza loyo amthembayo ilungelo lokuba asebenzise umsebenzi wakhe nganoma iyiphi indlela ayozuza ngayo yena kanye naloyo amnike ilungelo.
Isibonelo nje, umbhali uyakwazi ukunikeza abashicileli bencwadi yakhe ilungelo lokushicilela ukuze umsebenzi wakhe ube yinto ephathekayo futhi ezofinyelela emphakathini.
Umsebenzi obhaliwe uyakwazi ukuthi wenziwe umbukiso noma ucashunwe, usetshenziswe njengesibonelo kweminye imibhalo, njalo njalo.
Mayelana nomsebenzi oshicilelwe, kumele uxhumane nabashicileli balowo msebenzi ukuze uthole ulwazi mayelana nokuthi ngubani onelungelo lokunikeza le mvume.
Kujwayeleke ukuba abanye abanikazi bafune inkokhelo yesamba esithile ukuze ukwazi ukusebenzisa lowo msebenzi ngaphansi kwesikhathi esibekiwe.
Isibonelo, umnikazi angakugagula izinkulungwane ezinhlanu ukuba usebenzise umbhalo. Lapho ezokuklamela ukuthi uvele ezincwadini eziyizinkulungwane ezingamashumi, isikhathi seminyaka emithathu.
Lokhu kusho ukuthi akumele ukhiqize izincwadi ezinaloyo msebenzi ezeqe kulelo nani elibekiwe futhi emva kwesikhathi leso okuvunyelwene ngaso.
Uma ufuna ukukhiqiza izincwadi ezingaphezulu kwenani okuvunyelwene ngalo emva kweminyaka ebekiwe leyo, kumele uphinde ucele enye imvume.
Lokho kuyokusiza ukugwema ukuba necala lokwephula ilungelomnikazi ngokungalandeli imigomo nemibandela yesivumelwano.
Khumbula, kubalulekile ukugcina umsebenzi wakho noma waloyo okunike imvume yokuwusebenzisa uphephile.
Lokhu kukuvikela emankentshaneni azingela futhi antshontshe imisebenzi yabanye abantu bese ithi ingeyayo.
Ukugcina ubufakazi bemvume kubalulekile ukuze uzokwazi ukuyiveza lapho kunesidingo khona.