Now Reading
Ufuba lusekhona futhi luseyingozi – abacwaningi
Dark Light

Ufuba lusekhona futhi luseyingozi – abacwaningi

Njengoba umhlaba ubugubha uSuku Lofuba (World TB Day) mhla zingama-24 kuNdasa wezi-2021, ngeshwa kunesidingo sokuthi sikhunjuzwe ukuthi lesi sifo sisahamba phambili emhlabeni ngokuba ngesibulalayo njengoba njalo ngonyaka kufa abantu abangaphezulu kwesigidi. 

Nakuba ufuba nokufa kwehla emazweni asethuthukile, lokhu akwenzeki ngokushesha ukuze sifike kwesikuhlosile ngowezi-2022 emhlabeni jikelele.  

Lokhu kubambezeleka ekufinyeleleni kulesi sikalo kwenziwa nzima ubhubhane ukhuvethe emiphakathini eminingi lapho abantu bengakwazi ukuthola ezempilo. Lobu bunzima buholele ekwehleni kwezinombolo zabantu abanofuba abatholwe ngonyaka odlule kunalezo ebezilindelwe.

Emhlabeni, isibalo sonyaka sabantu abakwazile ukwelashelwa ufuba senyukile sisuka ezigidini eziyisi-6 siya ezigidini eziyisi-7.1 ngowezi-2019. 

Kunesidingo esiphuthumayo sokuqhamuka neqhingasu elizosisiza ukuthi sifinyelele kwesikuhlosile ngowezi-2022 okufaka ukwelapha ngempumelelo abantu abayizigidi ezingama-40 abanofuba, kuhlinzekwe izindlela zokugwema ufuba okungenani kubantu abayizigidi ezingama-30 ukuqeda ukucwasa nendlela abathathwa ngayo abantu abanofuba nokwenza isiqiniseko sokuthi imigomo emisha, ephephile, esebenzayo nelingana nephakathe iyatholakala kubona bonke abantu abayidingayo ikakhulukazi abasengcupheni enkulu yokutheleleka. 

Izinhlangano ezilwa nofuba

Ziningi izinhlangano ezisekhaleni lokulwa nofuba ezihlanganisa neTB Alliance. Le nhlangano engenzi inzuzo izibophezele ekutholeni, ekuthuthukiseni, nasekuhlinzekeni ikhambi lofuba elingcono, elisheshisayo nelibiza kahle kulabo abalidingayo.

Inhloso enkulu yale nhlangano ukwakha ikhambi lofuba elizokwelapha lesi sifo esikhathini esiyizinsuku ezilishumi. Kucabange lokhu! Ngiyazi kunzima ukukukholwa kodwa siyethemba ukuthi siyokuzuza lokhu ngelinye ilanga.

Okwamanje ziningi izincwaningo ezibheka amasu okunciphisa isikhathi sokwelapha ufuba kanti kukhona lapho imiphumela emihle esike yabonakala ekunciphiseni izinyanga zokwelashwa kweziguli ezinofuba ziba zine kuya ekulapheni ngemithi neziyisi-9 ngomjovo. 

Umongo wanonyaka womgubho Wosuku Lofuba uthi “The Clock is Ticking” okuwukuthi “Isikhathi Asimile”.

Lo mongo udlulisa umuzwa wokuthi umhlaba uphelelwa yisikhathi ekusukumeleni ukuzibophezela ukuqeda isifo sofuba okwenziwa abaholi bomhlaba. Lokhu sekube ngokubalulelike ngalesi sikhathi sokhuvethe oselubeke engcupheni inqubekela phambili ekuqedeni ufuba. 

ICommunity Advisory Board (CAB)

Namuhla sizozwa ukuthi ithini iCommunity Advisory Board (CAB) okuyiyo ebheke izikhungo ezenza ucwaningo kwazise ibhekele imiphakathi ukuqinisekisa ukuthi iyahlomula ocwaningweni olwenziwayo nokuthi alwenzi umonakalo ngandlela thize kuwo.  

Omunye umsebenzi iCAB ewuhloniphayo ukufundisa imiphakathi ngezifo ezahlukene ezithinta imiphakathi esebenza kuyona. Namhlanje babhale lolu daba ukufundisa nokwabelana ngabakucabangayo ngesifo sofuba.

Liyashona ilanga empini yokuqeda ufuba!!

Ufuba yisifo okulikhuni ukusilwa. Kodwa luyelapheka ngisho nokugwemeka. Uma ulalela, ungezwa abantu kunoma yiliphi izwe, nganoma yiluphi ulimi, bekhuluma futhi besebenza ukwenza umehluko. 

Luyini ufuba?

Ufuba ubuthi bamabhaktheriya obungasabalala ngomoya. Bujwayele ukutholakala emaphashini kodwa bungaba nakwamanye amalungu omzimba.  

Uma umuntu ekhwehlela noma ethimula angalusabalalisa ufuba olumandla. Kodwa abantu abaningi bayatheleleka ngohlobo lofuba olungekho mandla olwaziwa ngeLatent TB. 

Leli bhaktheriya elidala ufuba libizwa ngokuthi iMycobacterium Tuberculosis (M.tb). Udonga lweseli olwehlukile lweM.tb’s olunongwengwezi olwakhiwe iMycolic Acid, luvumela iBacillus ukuba ihlale ingasebenzi iminyaka eminingi. Amasosha omzimba angasivimba isifo kodwa awasibulali. Nakuba abanye abantu abanalolu hlobo lofuba bengeke babe nolumandla, amaphesenti amahlanu kuya kwali-10 abanalo kuyohamba babe nokugula. 

Lubhebhetheka kanjani ufuba?

Ibhaktheriya yofuba ibhebhetheka ngomoya isuka kumuntu iya komunye. Lokhu kwenzeka uma umuntu onofuba lwamaphaphu noma lomphimbo ekhwehlela, ekhuluma noma ecula.

Abantu abaseduze naye bangayihogela ibhaktheriya bese beyatheleleka. Ufuba alusabalali ngokuxhawulana kwabantu, ngokwabelana ngokudla noma isiphuzo, ngokuthinta impahla yombhede, ukuthinta isihlalo sasendlini yangasese noma ukusebenzisa isixubho esisodwa nokuqabulana.    

Thina njenge-Enhancing Care Foundation Community Advisory Board:

  Sifundisa imiphakathi ngesifo sofuba, ukuselapha kanye nemigudu yocwaningo. 

  Siqinisekisa ukuthi imiphakathi ithola ulwazi oluphelele ngocwaningo olwenziwayo endaweni yayo nokuthi amalungelo ayo avikelekile.

  Sibheka izidingo zomphakathi bese sazisa abacwaningi. 

  Silandelele kwezithinta ezempilo emphakathini.

  Sithole uvo lomphakathi ekuhloleni kwezempilo.

  Sixhumane nabathintekayo emphakathini ukuqinisekisa ukuthi ucwaningo lwenzeka kahle.

  Sabelane futhi sixoxisana ngohlolo lwezempilo kanye nemiphumela yalo.

Izinselelo zofuba zangaphambilini

Ukungasebenzi kwekhambi

See Also

Lokhu kwenzeka uma uhlobo oludala lwekhambi lofuba lungaphathwangwa kahle noma lapho abantu abanofuba beyeka ukusebenzisa imishanguzo yabo isifo singakakhishwa ngokuphelele emizimbeni yabo. 

Uhlobo lofuba olungabe lusazwela emishanguzweni iMultidrug-Resistant TB (MDR-TB) ne-Extensively Drug-Resistant TB (XDR-TB) kuzima ukulwelapha ngisho emveni kwesikhathi imishanguzo isiqediwe, siyanda isibalo sabantu olubabulalayo. Uma sekunalesi simo, ufuba selungasabalala nakwabanye.  

Ukuhlobana kofuba neHIV

Lena yingxubenvange yezinto ezibulalayo. IHIV ithithibalisa amasosha omzimba okuvumela ufuba ukuba luthathe indawo. Isifo sofuba singesihamba phambili ukubulala abantu abanengculaza nesandulelangculaza njengoba sithatha oyedwa kubantu abaneHIV abane. Emazweni lapho ufuba lumandla, abantu abanengculaza nesandulelangculaza banamathuba amaningi angama-20 okungenwa ufuba kunalabo abangenayo iHIV.  

Ngaphezu kokuningi osekuzuziwe ukulwa nobhubhane ingculaza, ubungozi bofuba nengculaza benza isimo sibenzima ekulawuleni isifo sofuba. 

Izindlela zokuhlonza ufuba

Ukubambezeleka ukuthola imiphumela njengoba kwakwenzeka kudala.  

Ukwelashwa kofuba ezinganeni nakwabesifazane abakhulelwe kusayinselele abacwaningi okusafanele bayibheke.  

Isicisicwaso nokucwaswa

Kusekuningi ukucwaswa ngesici okuyamaniswa nofuba njengoba abaningi besakholwa ukuthi abantu abaneHIV kuphela abasangenwa ufuba. Ufuba alucwasi, noma ngubani angatheleleka. 

Okusha

  Sesinazo izinsiza ezisheshayo nezingashayi eceleni njengeGeneXpert. 

  Sesinawo umshanguzo owakhiwe iTB Alliance okulula ukuwusebenzisa, osebenza kahle, ongagulisi nongajovwa.

Isifundo 

Ububha buyasibuyisa lesi sifo noma ngabe sesizame kangakanani ukusiqeda. 

Sesiwasusile amehlo kulesi sifo sagxila kukhuvethe okuholele ekutheni abantu abaningi bangayidli ngendlela efanele imishanguzo yabo. Lezi zindlela zokugwema ezisetshenziswa esifweni ufuba ziyasetshenziswa nakukhuvethe.

Scroll To Top