Now Reading
Abaholi bayayidinga yini imfundo, ngabe ibalulekile kulesi sikhathi?
Dark Light

Abaholi bayayidinga yini imfundo, ngabe ibalulekile kulesi sikhathi?

Kusukela emandulo bakhona abaholi ababengayanga esikoleni kodwa ubuhlakani babo namanje buyaziwa 


Kusukela emandulo ipolitiki ingakabi bikho indlela yokuba umholi yayiyodwa, ubuholi bendabuko. Ngalezo zikhathi cishe wonke umuntu wayazi kahle ukuthi abaholi abenziwa kodwa bazalelwa eBukhosini. Inhloso yokuba nobuholi bendabuko kwakuwukukhulisa isizwe saleyo Nkosi ebusa kuleyo ndawo, lokhu kwakwenzelwa ukuthi iNkosi ibe nesizwe esikhulu, esinamandla futhi esinothile kwezomnotho. 

Umhlaba kwakuba iyona nsika nomgogodla waleyo Nkosi nesizwe sayo, ingakho naseBhayibhelini ikakhulukazi iThestamende elidala liveza kakhulu izimpi nokunqotshwa kwemihlaba yezinye izizwe naMakhosi azo. Igama elithi uBukhosi lichaza khona ukuthi kuneNkosi kuleyo ndawo futhi yonke into engingabala kuyo umhlaba, izintaba, amathafa, imfuyo konke okweNkosi. Manje sekuyangicacela ukuthi kungani iSILO uMdlokombana besingafuni nokuyizwa eyokuqedwa kwe-Ingonyama Trust. 

Ukuzigqaja kweNkosi noma ngabe eyasiphi isizwe kusekutheni inomhlaba ongakanani, cishe isona sizathu lesi esasenza ukuthi iSilo iLembe silwe kakhulu ukuze sandise imingcele yesizwe samaZulu. Enye into enhle ngoBukhosi bendabuko kwakuwukumela izilimi zoMdabu, usikompilo nokuzigqaja kwesizwe ngemvelaphi yaso. Namuhla sizishaya izifuba ngokuba amaZulu, imvunulo yethu, imikhosi woMhlanga owoKweshwama, ukubuthwa kwamabutho njengoKhandampevu, oNtabayezulu, oManukelana, Inala kanye noDakwakusutha. 

Uma ubheka kahle zonke lezi zinto engizibalile azibukeki njezinto ezidinga isikole kangako. Ngaleyondlela umholi wendabuko engazenza futhi aphumelele ngisho nomlando wakhe ungakhohlakali. Kusukela iSilo saKwaDukuza saqala ukubumba isizwe samaZulu ngonyaka we-1816 kuze kube manje kusakhulunywa ngaso ungafunga ukuthi sikhothame nyakenye kanti cha sekuphele cishe iminyaka engamakhulu amabili sakhothama. Lesi Silo iNkosi uShaka kaSenzangakhona asikaze silubhade ngisho enkulisa kodwa imisebenzi nobuhlakani baso nanamuhla buhlonishwa umhlaba wonke.

Ngokusho kwephephandaba Ilanga elashicilelwa zingama-28 kuMasingana wezi-2016 iSilo saKwaDlamahlahla iNkosi uSolomon kaDinuzulu sabe sinombono wokuthi kubaluleke kakhulu ukuthi aMakhosi njengabaholi athole imfundo. 

Ngesikhathi sikhothama iSilo uSolomon ngowe-1933 emuva kweminyaka engamashumi amabili sibusa, kwangena uMntwana wakwaSokesimbone uMntwana uMshiyeni njeBambabukhosi naye owafika waqhubeka nombono omuhle wemfundo. Iphephandaba Ilanga laqhubeka labika ukuthi iSilo uSolomon saqala uhlelo lwemfundo olwalubizwa ngokuthi iZulu Society nalapho uMnu uCharles Mpanza nowayebuye afunde izindaba zeMpi Yomhlaba Yesibili emsakazweni iRadio Bantu wangena waba uNobhala weZulu Society eshiya ubuthisha. 

Ngenxa yokuthi uMpanza wayegxile kakhulu kuZulu Society wabe esephakamisa ezikhulwini igama lika King Edward “KE” Masinga ukuthi kube nguye oqhubeka nokufunda izindaba. UMntwana wakwaSokesimbone akagcinanga nje ngokuthanda imfundo nje ngegama kodwa wasungula ngisho esinye sezikole oSuthu nokwafunda kuso uMntwana uClement kanye noMntwana waKwaPhindangene. 

Kuzokhumbuleka ukuthi uMntwana waKwaPhindangene waveza kulo leli phaphandaba iBAYEDE mhla zili-12 kuNhlolanja ukuthi uMntwana uClement nguye owaba ngowokuqala eBukhosini ukuya eKolishi laseManzimtoti (Adams College). 

Lokhu ngikuveza ngoba izinto azisafani nangesikhathi esedlule, uma ungumholi manje sekumele ube nayo imfundo ukuze ukwazi ukuqapha ipolitiki, umnotho, inhlakahle yabantu nokunye okuningi. ISILO uMdlokombana cishe bese sihlonishwe kwaze kwakabili iNyuvesi yaseZululand ngeziqu zobuDokotela. Lesi isifundo kithi sonke ukuthi ubuholi nemfundo kuyahambisana futhi iNdlunkulu kaZulu iyona esihola phambili.

Kwezenkolo kubukeka sengathi awudingi isikole ukuze ube nguMphrofethi okwazi ukubona izinto ezifihlakele, ezingakenzeki nokuthandazela abantu baphile uphinde ubenogazi uhole izinkulungwane zamakholwa. Uma uJehovah esekubizile ukuthi ube ngumelusi omuhle wezimvu zakhe kuyobanjalo ngisho ungakaze uwubeke umcondo wakho eSikoleni seBhayibheli. 

INkosi uJesu noMphrofethi u-Isaiah Shembe abakaze balubhade esikoleni kodwa imisebenzi nomlando wabo kwezenkolo muhle. Ngake ngezwa uBhishobhi uTD Jakes ethi yena akaze aye kofundela ubufundisi kodwa umenywa emanyuvesi bese izifundiswa ziya kuye ziyothekela ulwazi, angimelani nalokho kodwa amasonto kumele abe nemigomo elawula ukuziphatha kwabaholi. Uma umholi ezozigqaja ngokungafundi uzokwazi kanjani ukuloba leyo migomo futhi okumele iphile iphinde isebenze noma yena engasekho? Ukubaluleka kwemfundo ukubona ngisho kuyo iNkosi uJesu ngoba ethimbeni lakhe wayenabo ababhali nabafundi. 

UMphrofethi u-Isaiah Shembe naye wayebhalelwa uMfu uLangalibalele Dube yonke imithetho ayesuke eyambulelwe uMvelingqangi. Ngalawo mazwi sonke siyayibona imithetho yaseNazaretha nakumaKhrestu isamile namanje ngenxa yezifundiswa ezayiqopha yabe isigcinwa kahle.

Kwezombusazwe nakhona sinabo abaholi abangafundile kangako. Sonke siyazi ukuthi umsebenzi wesikole ukuqeqesha ingqondo ukuthi ikwazi ukucabanga iphinde ibuyekeze imigomo ekhona. Umsebenzi omkhulu wemfundo ukuthi ivule amehlo engqondo ikwazi ukubona lapho amehlo eningi engafinyeleli khona noyinto ejwayele ukuqhatha osopolitiki nezifundiswa ezingabaqondisi-jikelele eminyangweni kaHulumeni. 

Ngaphandle kwamathizethize umuntu akakubalule ukuthi bakhona abaholi abaqavile kupolitiki kodwa ababengafundile bagogoda nesingabala kubo abaholi abafana noHarry Truman, uPaul Kruger kanye noJacob Zuma. UTruman wabe enguMengameli wase-USA ngonyaka we-1945 kuya kowe-1953 nowake walunguza ekolishi elaziwa ngokuthi i-UKMC School of Law kodwa wabuye wahoxa. 

UKruger yena wake waba uMengameli weNingizimu Afrika phakathi konyaka we-1883 kuya kowe-1900 kodwa naye kuthiwa walubhada esikoleni izinyanga ezintathu nje kuphela. Ngalawa mazwi kusobala ukuthi uZuma uyamedlula uKruger ngemfundo. UZuma uke waba uMengameli waseNingizimu Afrika kusukela ngowezi-2009 kuya kowezi-2018 naye okubikwa ukuthi wagcina emabangeni aphansi emfundo. 

See Also

Angeke ngigxile ezintweni ezinhle ezenziwa ilaba baholi engingakukha phezulu ukuthi uTruman wayihola kahle i-USA ngezikhathi zeMpi Yomhlaba. UKruger wabe eyikhonzile imvelo ingakho nanamuhla kusekhona iziqiwu ezibizwa ngaye (Kruger National Park). UZuma yena namanje usengundabamlonyeni futhi unomthelela omkhulu kupolitiki yaseNingizimu Afrika. 

Ngokwepolitiki yamanje usalokhu uqhubeke njalo umdonsiswano ngokuthi kunabaholi ePhalamende abangafundile ngokwanele abafana nomholi weDemocratic Alliance uMnu uJohn Steenhuisen. USotshwebu waleli qembu eliphikisayo uNatasha Mazzone uke wahlongoza ukuthi iSishayamthetho sikazwelonke sicacise ngeziqu zemfundo abaholi okumele babe nazo ePhalamende.

Ngenyanga kaMfumfu wezi-2016 kwasungulwa iKhomishini kaMoerane eyabe ibhekisisa umsuka wokubulalana ngokwezepoliti KwaZulu-Natal. UMnu uSiyanda Mhlongo waya kule Khomishini wafika waphakamisa ukuthi abaholi kusukela kumakhansela kuya kuMengameli kumele babe neziqu zemfundo ukuze kunciphe ukubulalana ngokwezombusazwe. 

Kungenzeka umbono kaMhlongo ushaywe indiva izinhlaka ezithintekayo futhi angikaze ngiwulindele lo mbono ukuthi uchume ngezizathu ezisobala njengokuthi kungaba khona umholi owaziwayo endaweni nozozuzisa iqembu lakhe ukuthi lizuze iwadi emkhandlwini thizeni. Manje uma sekuzothiwa akashenxe ngenxa yesimo semfundo yakhe, angiwaboni amaqembu ezepolitiki ekuvuma lokhu. Mhlawumbe kuyokwenzeka eminyakeni ezayo.

Uma sesifisa ukwenza imfundo ibe ingxenye noma umgogodla wobuholi, siyoqala ukukwenza lokho kumaqembu abantu abasha anjengoDA Youth, i-ANCYL kanye ne-IFPYB bese ukhula lowo moya omuhle wemfundo ehlanganiswe nobuholi. Emuveni kwaleso sinyathelo sesobe sesiqala ukubona imfundo iqhakanjiswa nasemaqenjini amakhulu kuze kuyofika nakuHulumeni kazwelonke. 

Uma singakafiki lapho masiqale senze isiqiniseko sokuthi abaholi bezinhlangano zabafundi emanyuvesi nasemakolishi bayaphumelela ezifundweni zabo futhi baphothula iziqu zabo ngesikhathi esibekiwe. Kuzo zonke izinhlaka zobuholi imfundo iyadingeka. Imfundo idingeka ngisho kubuholi bendabuko, kubuholi bezenkolo, kubaphathi bezikhungo zikaHulumeni nakwezizimele, imfundo idingeka ngisho nakwezobuchwepheshe. Akukho lapho ingadingeki khona. 

Sengiphetha, kunenkondlo ehaywa uGugu Nzimande ethi “Singabuyela kanjani emuva” iqhuba ithi “vuka munt’omusha asambeni siyoyidla imfundo, ilweliwe oTsietsi Mashinini noHector Peterson bekunzima”.

Scroll To Top