Now Reading
UMchunu ubona umpetha womhlaba kuMntungwa
Dark Light

UMchunu ubona umpetha womhlaba kuMntungwa

Umqeqeshi wamankomane u-Alex “Nkalatha” Mchunu ubona u-Andile “Holy Ghost” Mntungwa ezoliphatha elinye lamabhande amakhulu emhlabeni.

UMchunu ongubaba kaThabiso “The Rock” Mchunu oyingqwele yeWBC Silver Cruiserweight, uncome uMntungwa emva kokuthi enze kahle ngoMgqibelo owedlule.

UMntungwa ongowokudabuka eCator Ridge ngeledlule uhlule ngamaphuzu uLee Dyer waseGoli kubangwa ibhande elingaphethwe muntu leWBF All Africa Middleweight.  

Lo mqhudelwano obuhlelwe iMvelo Promotions kaNomvelo MaGcaba Shezi, ububanjelwe eCity Hall eMgungundlovu.

“Indlela alwe ngayo uMntungwa ukhombise okukhulu ukukhula. Ngiyajabula ukuthi akalenzanga leli phutha ahlezi elenza nelihlezi lenza kube engathi asiboni ngaso linye. Lelo phutha ngelokuthi njalo ehlezi ephuma eringini eshayekile. Uma ngithi eshayekile ngisho ukuthi noma kuthiwa unqobile kuleyo impi kodwa aphume eringini, elimele. Kulokhu akwenzekanga kusho ukuthi ubezilungiselele kahle,” kusho uMchunu.

UMchunu ubalule ukuthi ungumakhelwane naye uMntungwa ngokokuhlala kanti waqala ukumqeqesha eseyigamanxandukwana eneminyaka yobudala eyisi-8 manje uneminyaka engama-26. 

Eqhuba uthe: “Indlela alwa ngayo usenobuchule obukhulu. Ngikholelwa ukuthi iyona imfihlo yokunqoba kwezamankomane ukuba nobuchule. Usekwazi ukuthi avike izibhakela ezinzima, uma engaqhubeka nokwenza ngendlela enze ngayo ngeledlule ngiyambona ephatha ibhande elikhulu emhlabeni.” 

Wenze isibonelo ngoMohamed Ali, kuze kube imanje uyena ohamba phambili kulo mdlalo kodwa wayewenza amaphutha. Uthe naye uMntungwa amaphutha kumele kube yinto afunda kuyona, ukuze ezokwazi ukuthi ngelinye ilanga abe ngumpetha woMhlaba. 

Amabhande amakhulu angaphansi kweWorld Boxing Council (WBC), iWorld Boxing Association (WBA), iWorld Boxing Organisation (WBO) ne-International Boxing Federation (IBF).

“Kungekhona ngoba uThabiso ngimuzala kodwa uMntungwa uyazi ngihlezi ngenza isibonelo ngaye ukuthi ukuze ube ngumpetha kumele usebenze kanzima,” kusho uMchunu.

UThabiso wathi elwe izimpi ezintathu kuphela wabe esethola impi yokulwela ibhande leSA Cruiserweight.

ElaboHlanga likhulume no“Holy-Ghost” othe imiphumela yangeledlule imjabulise kakhulu.

See Also

“Abantu abaningi bebenganginiki lutho kule mpi bebazi ukuthi ngiyoba umhlatshelo kodwa ngakwazi ukuthi nginqobe. Umuntu ebengibhekene naye unamagalelo anzima njengoba eseke waba ngumpetha wamabhande amathathu. Wonke la mabhande akaze ahlulwe kuwona, waphuza ukuwavikela wabe eseyaphucwa,” kusho uMntungwa.

Le nsizwa iqale esibhakeleni esikhokhelayo ngonyaka wezi-2011. Ifunde eNgcindezi Primary School naseSt Julius Secondary School.

“Ngiyabonga kakhulu kumqeqeshi wami ngokuthi angisize ekutheni ngibuyele esimweni sami emva kwesikhathi eside ngagcina ukuba seringini. Engimbonga kakhulu uNomvelo, ongitholele impi ngizimisele ngokuthi ngimlethele izicoco eziningi. Usebenze kanzima kakhulu ukuhlela izimpi ngaphansi kokhuvethe, ingakho inhloso yami kwakuwukuthi nginqobe ibhande,” kusho uMntungwa othe uma engekho eringini uba ngunogada.

“Isifiso sami ukunqoba ibhande lalapha eNingizimu Afrika kodwa esikhulu kakhulu ngesokuthi ngibe umpetha weWBC okuyisona sicoco esihamba phambili,” kusho uMntungwa.

Abanye abalwe ezimpini ebeziqhathwe nguNomvelo, uSiphesihle Mntungwa noRomeo Makwakwa abalwe ngokulingana bebanga ibhande leWBF All Africa Lightweight. USinamiso Ntuli onqobe ngamaphuzu kuDido Mukaya kweyeMiddleweight, kwathi uLindelani Sibiya wehlula uSange Ngoza empini yeJunior Featherweight. 

UMnelisi Ndlovu uginqe u-Ishmel Makudo esisindweni seBantamweight, uSfiso Chili wehlula u-Ebednego Blaise kweyeSuper Middleweight.

Scroll To Top