Aqine wonke amaqembu asele ku-Uefa
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Sewudlulele kwesinye isigaba umqhudelwano kanobhutshuzwayo i-UEFA Champions League.
Amaqembu asesele ayisi-8 okusho ukuthi lo mqhudelwano usukumaQuarter Final.
Amaqembu asele kulo mqhudelwano ongawufanisa neCAF Champions League e-Afrika, iFC Porto yasePortugal, iParis Saint-Germain (PSG) yaseFrance, iReal Madrid yaseSpain, iBorussia Dortmund neFC Bayern Munich aseGermany, iChelsea FC, iManchester City neLiverpool FC okungamaqembu ase-England.
Imidlalo yamaQuarter Final izoshuba njengoba wonke la maqembu enomlando kulo mqhudelwano. Yize engakaze awunqobe lo mqhudelwano kodwa ifomu yawo izokwenza abalandeli bakanobhutshuzwayo bawuthokozele kakhulu.
IFC Porto: Leli qembu lasePortugal likulesi sigaba emva kokukhipha iJuventus FC yase-Italy ebigabe ngesihlabani sasePortugal uCristiano “CR7” Ronaldo. Emlandweni kuyavela ukuthi isike yawunqoba lo mqhudelwano ngowezi-2004 okuwunyaka iNingizimu Afrika engeke iwukhohlwe kwazise leli qembu laligadla ngoBenni McCarthy ebhentshini kuhlezi uJose Mourinho. Yize ingabhekiwe kodwa ingamangaza abaningi ukuphinda eyakwenza ngowezi-2004.
IPSG: Leli qembu eligabe ngoNeymar Jnr waseBrazil noKylian Mbappe waseFrance, lihlulwe kowamanqamu ngesizini edlule kulo mqhudelwano okusho ukuthi ngeke lifune ukushaywa induku eyodwa kulokhu. IPSG engompetha baseFrance ihambela phezulu njengoba kuyiyo ekhiphe iqembu laseSpain iFC Barcelona.
IReal Madrid: Umlando weLos Blancos (iReal Madrid) awubuzwa kulo mqhudelwano kwazise eminyakeni edlule leli qembu liwunqobe amahlandla amaningi. Liqophe umlando ngokunqoba kathathu kulandelana, lapho kwakubhoke uCR7. Iyaqala ukufika kulesi sigaba emveni kwamasizini amathathu.
IBorussia Dortmund: Ayinawo umlando otheni ngaphandle kokuthi ngonyaka wezi-2013 yafika kowamanqamu nalapho yahlulwa ngamagoli amabili kwelilodwa iBayern Munich. Ifomu ka-Erling Haaland ingafaka leli qembu emlandweni.
UHaaland emdlalweni eyisi-6 usevalele phakathi amagoli ali-10 kanti nakuligi yaseGermany, iBundesliga, akazibekile phansi njengoba emdlalweni engama-20 enamagoli ali-19.
IBayern Munich: Iyona engompetha njengoba yehlula iPSG kowamanqamu nyakenye. Iphinde ibe nomlando omuhle kakhulu kuwo lo mqhudelwano. Inabadlali abanamava.
IChelsea FC: Kusukela kufike uThomas Tuchel njengomqeqeshi kuleli qembu laseLondon, izinto zihamba kahle njengoba induku kuyinto elingayazi emva kwemidlalo eli-10 nangaphezulu.
Ngaphandle kwalokho leli qembu linakho okuhle elikwenzile kulo mqhudelwano, liwunqoba liphuma kowamanqamu.
IManchester City: Ayinawo umlando kodwa eminyakeni emithathu itshengise ukuba iqembu elikhulu kuyimanje izihola phambili kuligi yase-England, i-English Premier League (EPL).
Leli qembu liphethe ukhilimu wabadlali kanye nomqeqeshi onamava uPep Guardiola, okusho ukuthi linawo amathuba okuthi lingawunqoba lo mqhudelwano.
ILiverpool FC: Ifomu yayo yakamuva iyenza ingabi iqembu elingaba yingozi kulo mqhudelwano kodwa ingakwazi ukushubisa. Iyazi ngeke isayinqoba iligi okusho ukuthi izolwela ukuyinqoba i-UEFA Champions League.
- Ukuqhathwa kwemidlalo yamaQuarter Final kuzokuba ngehora lokuqala emini namuhla eNyon, eSwitzerland.

