Ufisa kube nabadlali abaningana kwelesizwe abasuka eKZN uMaNgema
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli webhola lomnqakiswano KwaZulu-Natal uNks uGugu Ngema uthi ufuna sande kakhulu isibalo sabadlali abaqhamuka kulesi sifundazwe abaseqenjini lesizwe iSpar Proteas.
Lokho ukusho emveni kokumenyezelwa kwabadlali abangama-27 abazomela iNingizimu Afrika emdlalweni yalo mdlalo eluchungechunge i-2021 Spar Challenge.
Bayisi-6 abadlali abadabuka kulesi sifundazwe okunguNonsikelelo Mazibuko waseZululand, uNomfundo Mngomezulu waseMkhanyakude, uFezeka Sondzaba waseHarry Gwala, uNozipho Shangase waseKing Cetshwayo, uPrecious Mthembu noMala Moonsamy baseThekwini.
“Ngiyajabula ukuthi kukhona abadlali abayisi-6 ababiziwe kodwa bengibona kumele sibe nabadlali abaningi abaqhamuka kulesi sifundazwe. Angeke ngakhala ngoba ziyisi-9 izifundazwe ezikhona lapha eNingizimu Afrika ukuba khona kwabadlali abayisi-6 kwabangama-27 kusho lukhulu,” kusho uNks uNgema.
Lolu chungechunge lwemidlalo luzobanjelwa eCape Town International Convention Centre (CTICC) kusukela mhla zingama-25 kuya zingama-31 kwephezulu. Amanye amaqembu azoba yingxenye i-Uganda neNamibia.
Uphinde wabalula ukuthi kule mpelasonto kulesi sifundazwe bebehlele ukuthi benze umcimbi wokuklomelisa abenze kahle ngonyaka wezi-2020 obunzima ngenxa yokuhlasela kokhuvethe.
Lo mcimbi ubuzokuba ngehora lesi-6 namuhla kusihlwa eCoastlands Hotel, eMusgrave, eThekwini kodwa wahlehliswa ngenxa yokukhothama kweSILO Samabandla.
“Ukukhothama kweSILO kusithinte sonke. Ukumisa lo mcimbi kube yinto esiyenze ngoba sihlonipha yona iMbube. Besingeke sikwazi ukuthi sijabule ekubeni isizwe sonke sikhungethwe ifu elimnyama. Kukhotheme iNkosi hhayi yamaZulu kuphela kodwa yawowonke umuntu,” kusho uNks uNgema.
Kuwo lo mcimbi bekuzophinde kwethulwe ngokusemthethweni i-2021 KZN Super League obekulindeleke ukuba iqale kusasa ngoMgqibelo, KwaMsane Sports Complex, eMtubatuba. Umcimbi wokuklomelisa abadlali usazoqhubeka kodwa usuku lusazokhishwa.
UNks uNgema obekhuluma nelaboHlanga uthe phezu kobunzima bokhuvethe bakwazile ukufeza ezinye zezinhlelo zabo okubalwa ukudlalisa iKZN Super Cup.
“Phezu kwezingqinamba ebezilethwa yilo mkhuhlane, abadlali nezisebenzi emdlalweni weNetball bakwazile ukuyibamba ishisha. Ngokwenza umcimbi wokubahlonipha sethemba ukuthi bazojabula, badlulise ukhwantalala oludalwe yilo mkhuhlane. Sikwaze nokukhipha amaqembu amabili, iKingdom Stars neKingdom Queens abasimele kahle kuTelkom National League (TNL). IKZN Provincial Championship kuphela esingakwazanga ukuyenza. Uma isimo sivuma sihlela ukuyenza kulo nyaka,” kubeka uNks uNgema.
Uveze ukuthi lo mcimbi owaqala ukwenziwa ngowezi-2016, ubuzobusiswa ukuhanjelwa uMphathiswa woMnyango Wezemidlalo KwaZulu-Natal, uHlengiwe Mavimbela, uMengameli we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Sikhosana noweKZN Sports Confederation, uThami Mchunu.
Lesi sikhulu siveze ukuthi umcimbi wakulo nyaka unezinguquko. “Sibone kuwumqondo ophusile ukuthi sibandakanye umphakathi kweminye yeminxa ezobangwa. Yingakho umphakathi uzovotela abazobanga iminxa yePersonality of the Year, iSportswoman noweSportsmale of the year. Isiyonke iminxa ili-17.”
Kuwo lo mcimbi bekuzolandelwa isibalo sabantu abali-100.
Uqhube ngokuthi wethemba ukuthi lizoba phezulu izinga lokuncintisana kuKZN Super League okulindleke isongwe ngoMfumfu nonyaka.
Iqembu labadlali abangama-27 leSpar Proteas lithakwe kanje:
Abadla phambili
UJessica du Plessis, uCante Louw, uNonsikelelo Mazibuko, uNomfundo Mngomezulu, uSian Moore, uResnske Stoltz, uChantele Swart, uNichole Taljaard, uTalja Venter, uBongise Wete.
Abadlala maphakathi
UKhanyisa Chawane, uMarlize De Bruin, u-Izette Griesel, uSbongile Hlungwana, uRome Joubert, uDidintle Keebine, uTshina Mdau, uBongiwe Msomi noJo Prins.
Abadlala emumva
UPamela Chukwu, u-Akosua Mensah, uNozipho Ntshangase, u-Alicia Puren, uSimone Rabie, uMonique Reyneke, uFezeka Sondzab noJeante Strydom.

