Owesifazane uzoba yingxenye kaHulumeni wobumbano eLibya
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UNgqongqoshe Wezangaphandle wokuqala eLibya wesifazane uNkk uNajla el-Mangoush, uzofungiswa ngesonto elizayo njengengxenye kaHulumeni wobumbano omusha.
UNkk uMangoush, ongummeli ubeneqhaza emkhandlwini wesikhashana owabusa kafushane leli lizwe ngemuva kokuvukelwa kombuso ngowezi-2011, uzohlanganiswa nabanye abesifazane abane kukhabhinethi entsha, okubandakanya kuyo uNkk uHalima Abdulrahman njengoNgqongqoshe Wezobulungiswa.
“Ngicabanga ukuthi lokho kuwukunqoba kwethu sonke singabantu besifazane eLibya. Ngiyethemba ukuthi kuzoba yisinyathelo sokuqala sokuqhubekela phambili, lapho sizobona khona umuntu wesifazane efinyelela esikhundleni sokuhola uHulumeni,” lokhu kushiwo nguNks u-Afia Mohammed, oneminyaka engama-34, ongumbhaki wamakhekhe eTripoli engeza ngokuthi kuzokhuthaza abesifazane abaningi ukuthi bangene kwezepolitiki.
UHulumeni wesikhashana kaNdunankulu u-Abdulhamid Dbeibeh usungulwe ngemuva kwezingxoxo ebeziholwa yi-United Nations (UN) futhi ugunyazwe ukuthi uhlanganise izikhungo zombuso kuleli zwe ezihlukene futhi wengamele nokhetho lukazwelonke ngoZibandlela.
Izithunywa ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu (75) ezikhethwe yi-UN ukuthi zibambe iqhaza kulezo zingxoxo zibeke ukuzibophezela kuHulumeni omusha okufaka abesifazane ezindaweni ezingamaphesenti angamashumi amathathu emisebenzini ephezulu kaHulumeni, kubandakanya nezikhundla eziphezulu kuKhabhinethi.
UDbeibeh uthe abesifazane bamele amaphesenti ayishumi nanhlanu kuphela ezikhundleni ePhalamende lakhe kodwa inani lizokhuphuka lapho sekuqokwa amasekela ongqongqoshe.
U-Elham Saudi, ongummeli futhi obeyisithunywa kulezi zingxoxo uthe: “Lokhu kube yisinyathelo sokuqala esibheke ekumelweni okuphelele kwabesifazane.”
Uthe lesi sabelo sibe wumphumela wokuthi abesifazane abasesithangamini “bangayeki nakancane ukugcizelela leli phuzu” yize bebe nokungafani okukhulu kwezinye izinto zezepolitiki.
Emhlanganweni wokuqala owawubanjelwe eTunis, lapho iSaudi Arabia yathi izithunywa zabesifazane zazicwasa ngokobulili ezinkundleni zokuxhumana, ummeli wamalungelo abesifazane uHanan al-Barassi, wadutshulwa wabulawa emgwaqeni ophithizealayo eBenghazi.
Ngemuva kokuthi umbuso wakuleli lizwe uqumbeke phansi ngowezi-2011 futhi inqwaba yamaqembu alwayo athatha umhlaba nezindawo, abesifazane bahlukunyezwa futhi labo abasezikhundleni zomthetho cishe bonke babengamadoda kuze kube imanje.
“Leli kuzoba ithuba lokuthi nabanye besifazane bangene ezikhundleni zokuhola. Laba ongqongqoshe abahlanu kuzobukelwa kubona,” kusho uLamees BenSaad, oyisishoshovu samalungelo abesifazane nelinye ilungu lesithangami sezingxoxo ze-UN.
Ukugxekwa nokuphikiswa kokuthi abesifazane babe nezikhundla ezinkulu kuHulumeni akuqhamuki kwabesilisa kuphela. UTahani Qarouq, ongowesifazane owenza izibiliboco zemishado eTripoli uthe akavumelani nokuthi abesifazane bahole iKhabhinethi noma izikhungo zombuso.
Kepha uHanan Malouda, odayisa imikhiqizo yonobuhle emakethe, uthe abesifazane kuHulumeni bayinto enhle eLibya. “Sethemba ukuthi bazoba nobubele obukhulu kithi,” kusho yena uMalouda.