IChina Isola i-USA neJapan ngokugxambukela ezindabeni zayo
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina igxeke i-USA kanye neJapan ngesitatimende esikhishwe yila mazwe ngokubambisana lapho ezwakalise khona ukukhathazeka ngesimo saseHong Kong, iXinjiang kanye naseSouth China Sea.
UNgqongqoshe Wezangaphandle u-Antony Blinken, oWezokuvikela uLloyd Austin bahlangane nozakwabo baseJapan uToshimitsu Motegi Wezangaphandle noNobuo Kishi Wezokuvikela abebehambele eJapan okokuqala kusukela kungene uHulumeni omusha e-USA ekuqaleni kwesonto.
Izingqapheli zibone lolu hambo njengesinyathelo sokuqinisa ukubambisana phakathi kwala mazwe. Kanti ukugcizelela lokhu, uNdunankulu waseJapan uYoshihide Suga uzoba ngumholi wokuqala ukuhlangana. noMengameli omusha e-USA uJoe Biden.
Esitatimendeni abasikhiphe emva komhlangano, labo Ngqongqoshe bathe indlela iBeijing ephethe ngayo udaba oluthinta lezi zindawo esezidonse inkulumompikiswano emazweni asentshonalanga, ayihambisani nenqubo yamazwe omhlaba. ONgqongqoshe bazwakalise okukhulu ukukhathazeka ngabakubize ngesimo sokuhlukunyezwa kwamalungelo esintu eHong Kong naseXinjiang.
I-USA ithi iJapan iyona okumele iphathe iSenkuku Islands okuyindawo iChina eyibiza ngeDiaouyi Islands nethi ingeyayo.
Baphinde bazwakalisa ukungahambisani nokubakhona kwemikhumbi yaseChina eSouth China Sea abathi akusiyo indawo engaphansi kweChina.
Okhulumela uMnyango Wezangaphandle eChina, uZhao Lijian uthe iBeijing isikhiphe isitatimende esiqinile ngalokhu okushiwo ilabo Ngqongqoshe, egcizelela ukuthi abahambisani nokugxambukela ezindabeni zangaphakathi zezwe.
Uthe lesi sitatimende siwukuhlasela umgomo wezangaphandle wezwe laseChina siphinde sibe isenzo sokugxambukela ezindabeni zangaphakathi kuleli zwe.
“I-USA iqhele ngamakhilomitha ayizi-13,300 eSouth China Sea, kodwa ihlale ijuba imikhumbi yezempi, izindiza zezempi nezindiza zobunhloli kule ndawo ukuze ikhombise amandla ayo iphinde isuse nochuku,” kusho uZhao.
Ube esegcizela ngokuthi isitatimende se-USA kanye neJapan siwushaya indiva umlando othinta lezi zindaba okukhulunywa ngazo.
UZhao uqhubeke wathi i-USA neJapan basaqhubeka nokuhlokoloza ngamabomu iChina baphinde bazame ukwakha isigungu salabo abangayifuni iChina.
“Sinxusa i-USA neJapan ukuthi bayeke ngokushesha ukugxambukela ezindabeni zaseChina zangaphakathi, baphinde bayeke ukwakha iqoqo labantu abangayifuni iChina, bayeke nokucekela phansi imizamo yokugcina ukuthula.” UZhao uphinde wabalula ukuthi u-USA neJapan abakwazi ukuyala amanye amazwe noma kube iwona la mazwe abeka imigomo okumele ilandelwe amanye amazwe.
Uthe i-United States iyayikhetha imithetho yamazwe.ngamazwe efuna ukuyilandela.
Usole iJapan ngokucekela phansi ubudlelwano phakathi kweChina neJapan kanye nazo zonke izinto ezithinta inqubekela phambili yesifunda.
“I-USA kanye neJapan bazodala izinxushunxushu kanye nempi kulesi sizinda ngalesi senzo sabo,” kusho uZhao.
Izikhulu zikaHulumeni wase-USA naseJapan ziphinde zagqugquzela ukuthi kube nozinzo endaweni ebangwayo iTaiwan Straits.
Lokhu kulandela isenzo lapho iChina ngoMasingana indizise amabhanoyi ezempi.