Beluqashwe kakhulu ukhetho olwaphazamiseka eCentral African Republic
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kuvotwe ezindaweni ebeziqashwe kakhulu emzuliswaneni wesibili wokhetho lwePhalamende laseCentral African Republic (CAR) ngeSonto ngemuva kodlame lwamavukelambuso olwaphazamisa ukhetho lwangoZibandlela.
Ukuvota kuqale kahle ngaphandle nje kokulibaziseka okuncane enhlokodolobha iBangui, lokhu kushiwo uphiko olubhekele ukhetho.
Imigqa emincane yezakhamuzi zibonakala zilinde ukuvota njengoba inani elikhulu lamaphoyisa nabaphenyi bebegadile. “Kuze kube manje eBangui kusahamba kahle,” kusho okhulumela iNational Elections Authority uThéophile Momokoama ngocingo.
Iziphathimandla zikhathazekile ngokugwema ukuphinda kwesiphithiphithi esasikhona kuvotwa ngoZibandlela lapho uMengameli uFaustin Archange Touadéra wakhethwa kabusha esikhundleni, kodwa amavukelambso ethi asekelwa ngulowo owayenguMengameli waleli lizwe uFrançois Bozizé, azama ukuthola amandla okulawula leli lizwe phakathi nezinsolo zokungahambi kahle kokuvota.
Abavukeli bavimbezela inhlokodolobha iBangui ngoMasingana, bavala ukulethwa kokudla kuleli dolobha okwaphoqa ukuthi abantu abangaphezu kwamakhulu amabili ezinkulungwane bashiye amakhaya abo futhi lesi senzo saphakamisa ukukhathazeka ngokuthi leli lizwe lingase libuyele emuva kohlobo lwempi yamahlelo olwabulala izinkulungwane zabantu kule minyaka edlule.
Ukuvota kwangeSonto kube ukuqedelelwa kokuvotwa ezifundeni zokhetho ezingamashumi amane nesishiyagalolunye nokuvota komzuliswano wokuqala ezifundeni ezingamashumi ayisithupha nesishiyagalolunye lapho udlame lwalumise khona ukuvota ukuthi kwenzeke ngoZibandlela.
UHulumeni kanye nohlelo lokugcinwa kokuthula lwe-UN, iMINUSCA bobabili bazwakalise ukuzethemba ukuthi ukhetho lwangeSonto bekuzoba ukhetho olunokuthula kakhulu ngenxa yezibalo ezithe xaxa zamabutho namaphoyisa ezweni lonke kanye nokubanjwa kwezindawo zabavukeli selokhu baqala ukuhlasela.
Kodwa isimo asikazinzi kahle kulesi sizwe esinothe kakhulu ngegolide kanye nedayimane esinabantu abangaphezu kwezigidi ezine (4.7 million) esiye sabona iziqubu zodlame eziphindaphindwayo selokhu kwasuswa esikhundleni uMnu uBozizé ngonyaka wezi-2013.
Inani eliphansi labavoti ngoZibandlela ngenxa yokusabela impilo yabo kwenze ukuthi amaqembu aphikisayo aphike ukuba semthethweni kwemiphumela yokhetho.
Lowo owayenguthisha oneminyaka engama-50 uBertrand Dena, uthe wayeqinisekiswa ukuthi uphephile ukubona amaphoyisa amaningi esiteshini sakhe sokuvota eBangui.
“Uma uvota, ufuna ukuthula,” kusho uDena.