IChina inikela ngemigomo yokuvikela amasosha agcina ukuthula e-Afrika
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
IChina ithi isithembise ukunikela ngemigomo yokhuvethe eNhlanganweni Yezizwe (UN) ukuze ikwazi ukugoma amasosha aqaphe ukuthula, ikakhulukazi lawo ajutshwe ezwekazini i-Afrika.
Omele iChina eNhlanganweni Yezizwe, uZhang Jun, wazise uNobhala Jikelele u-Antonio Gueterres kuleli sonto ukuthi iBeijing izonikela ngemigomo eyizi-300 000.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba, uZhao Lijian okhulumela uMnyango Wezangaphandle, uthe iChina izosebenzisana ne-UN ukuqinisekisa ukuthi imigomo ifinyelela ngokushesha emasosheni agcina ukuthula ukuqinisekisa ukuthi aphephile.
IChina isizibophezele ekunikeleni ngemigomo yayo emazweni ahlukene kanye nezinhlangano zamazwe omhlaba ukwelekelela ukulwisana nobhubhane ukhuvethe, ngesikhathi iqhuba umkhankaso wayo ngaphakathi wokugoma abantu.
Nokho abanye sebeveze imibuzo ngalolu hlelo njengoba bebona ngathi iBeijing ayiwubekile phambili umkhankaso wokunikeza abantu baseChina imigomo.
Kuze kube imanje balinganiselwa ezigidini ezingama-65 abantu asebethole imigomo eChina, ngokusho kwekhomishini kazwelonke yezempilo.
Lesi sibalo siveza ukuthi u-4.6 kuphela kubantu abayikhulu asebegonyiwe eChina kusukela leli lizwe laqala umkhankaso wokujova abantu ngemigomo yokhuvethe, nokuyisivinini esiphansi uma kuqhathaniswa namanye amazwe athuthukile.
IChina yaqala umkhankaso wayo wokunikeza abantu imigomo ngoNtulikazi wonyaka odlule. UHulumeni uthi uhlose ukugoma ama-40 % abantu bakuleli lizwe nabalinganiselwa esigidigidini esi-1.4 ekupheleni kukaNtulikazi kulo nyaka.
Nokho sisephansi kakhulu isibalo sabantu bakuleli lizwe abasathole imigomo uma kuqhathanisa namanye amazwe. Emazweni ayishumi aphambili ngokugoma abantu bawo, i-Israel iyona esigome cishe bonke abantu abadala.
Izwe elilele isibili ekugomeni abantu i-United Arab Emirates esijove cishe ama-67% abantu bakhona, ilandelwe iMaldives, i-United Kingdom, iChile, iBahrain, i-United States nokungamazwe asegome ngaphezulu kwama-30 % abantu.
“IChina isemizamweni yokukhuphula isibalo sabantu asebeyitholile imijovo yokhuvethe,” kusho uLi Bin, oyiPhini Lenhloko Yekhomishini Yezempilo kuzwelonke, ngesikhathi ekhuluma esithangamini sabezindaba kuleli sonto.
ULi ube esegqugquzela abantu ukuthi bezephambili bezojova, egcizelela ukuthi imigomo iyona ekwazi ukuvikela ukuthi abantu bangatheleleki ngalesi sifo. Izinga eliphansi lokujova kwabantu eChina selidale ukukhathazeka kwabanye ukuthi uHulumeni ubeka phambili amanye amazwe kunokunaka kuqala labo bakuleli lizwe.
Ngokwezibalo zoMnyango Wezangaphandle, iChina isinikele ngemigomo eyenziwe yileli lizwe emazweni alinganiselwa emashumini amabili, ukuwasiza ukulwisana nobhubhane ukhuvethe.
“Leli lizwe lizoqhubeka nokusabalalisa usizo lwemigomo kwamanye amazwe liphinde libambisane nawo ukulwisana nalolu bhubhane,” kusho uTian Yulong ovela eMnyangweni Wezezimboni Nokuxhumana.
Uthe usizo abahlinzeka ngalo kwamanye amazwe aluphazamisi izinhlelo zabo zokugoma abantu baseChina.
UTao uthe imigomo abanikela ngayo kwamanye amazwe izosiza ukwehliza izinga lokhuvethe kuphinde kwehlisa isibalo sabantu abangena eChina benegciwane.
IChina isiphasise imigomo emine ukuthi inikwe abantu kuleli lizwe. Yonke le migomo yenziwe izinkampani zakuleli lizwe iSinopharm, iSinovac iBiotech kanye neCanSino Biologic, kanti eminye eyishumi nantathu isahlolwa.
Kusenjalo, iChina iphezu kwemizamo yokugqugquzela amazwe ahlukene ukuthi asekele ukusetshenziswa kwesitifiketi somgomo wokhuvethe ikakhulukazi kulabo bantu abafuna ukuhambela emazwe ngamazwe.
Kule nyanga, i-European Union kulindeleke ukuthi yethule isitifiketi sokhuvethe njengoba ithi ifuna ukuvuselela ezokuvakasha ngaphambi kwamaholidi asehlobo.
I-USA kanye ne-United Kingdom nawo abalwa kulawo mazwe aphezu kwemizamo yokwethula indlela yokuqinisekisa ukuthi abantu abaphuma ngaphandle bajovile yini noma abanalo ukhuvethe.
IWHO isivele isikuzwakalisile ukuthi ayikweseki ukusungulwa kwesitifiketi somgomo wokhuvethe ngenxa yokuthi imigomo ibingakafinyeleli kuwo wonke amazwe. Kuze kube imanje ibisalinganiselwa ezigidini ezingama-335 imijovo yemigomo yokhuvethe ebisakhishiwe emhlabeni wonke, ngokwezibalo zeWHO.