Now Reading
Isenkingeni iNkosana esolwa ngokuhlela ukuketula iNkosi
Dark Light

Isenkingeni iNkosana esolwa ngokuhlela ukuketula iNkosi

INkosana uHamzah bin Hussein waseJordan uphakathi kofakazi abangacelwa ukuthi bafakaze ecaleni lokuhlela ukuketula iNkosi. Ithimba lezokuvikela leNkosi u-Abdullah II lisola iNkosana uHamzah ngamacala okuhlela ukuphazamisa ukuzinza koBukhosi. 

NgoLwesithathu, ummeli wezokuvikela uMohamed Afif uthe kuzoba kwinkantolo ukuthi ithathe isinqumo sokuthi abize uMntwana uHamzah, ongumfowabo weNkosi, njengofakazi. Uqhube wathi; “Sizobuza ofakazi abangama-25, kanti phakathi kwabo kukhona uMntwana uHamzah.” Leli cala liqale ngesonto eledlule futhi konke kwenzeka obala kodwa manje iziphathimandla sezithi lokhu ukuqhubeka kwaleli cala sekuzoba yimfihlo ngenxa ngokuhlonipha bonke laba okumele banikeze ubufakazi. 

UMntwana uHamzah ngokuba ngowasebukhosini wehlukaniswa naleli cala kodwa manje kubonakala sekuguquka konke lokhu. 

Umbiko owaphuma kuMnyango Wezokuvikela wathi uMntwana uHamzah nakuba zikhona izinkomba zokuthi unayo intshisekela yokugudluza iNkosi futhi nalabo asebaboshiwe bangabasondelene kakhulu naye kodwa ngokomyalelo weNkosi uMntwana uHamzah ezokwehlukaniswa naleli cala elisesidlangalaleni kodwa aquliswe lona ngokwemigomo yokuziphatha yangaphakathi endlini yakwaHashemite. 

Lo Mntwana wasolwa ngokuxhumana namaqembu anezinkontileka kwamanye amazwe ukubukela phansi igunya lenkosi. Konke lokhu kwaqubuka ngoMbasa ngesikhathi uHamzah eboshelwe endlini. 

Leli cala liveze imibango eBukhosini bakwaHashemite okuyibo obubusayo eJordan. Lo mbango uphinde wakhiphela izinkinga zakulobu Bukhosi okungokokuqala emlwandweni wakuleli lizwe ukuthi kwenzeke. 

UHamzah uyintandokazi kubantu baseJordan abahlukunyezwa ukuphathwa kabi kwezomnotho nokubhebhetheka kwenkohlakalo. Okusolakala ukuthi kungumsuka wetulo loMntwana uHamzah ukuthi ngowezi-2004 iNkosi u-Abdullah wamuphuca ubukhosana kuleli lizwe okwakuchaza ukuthi uma kukhona okwenzekayo kuyo inkosi nguye uMntwana uHamzah ozothatha izintambo zombuso. 

INkosi u-Abdullah yakhetha ukusinikeza indodana yayo endala lesisikhundla abaningi abakuchaza njengomhobholo obuswa ipolitiki kwiNkosi njengoba kuchaza ukuthi njengoba uyise wayo iNkosi wayegwanwe kane ubukhosi sebuzodlala kuphela endlini yakwabo. 

See Also

NgoMbasa uMntwana uHamzah wakwazi ukugwema ukujeziswa ngokuthatha kabusha isifungo sokuzibophezela ekuthembekeni eNkosini okwabe sekudambisa lenkinga eyaholela ekuboshweni kwakhe endlini. 

Amacala abhekene nabamangalelwa ababili uBassem Awadallah noSharif Hassan bin Zaid afaka phakathi ukuphazamisa nokubukela phansi uhlelo lwezepolitiki nombuso, izenzo ezisongela ukuphepha komphakathi nokuhlwanyela ukuvukela umbuso. 

Bobabili baliphikile icala kodwa yize kunjalo inkantolo ibagwebe iminyaka engama-30 bebhadla ejele. Ukugwetshwa kwalaba bekulindeleke ukuthi kube ngukugoqwa kwalendaba. Esekucaca ukuthi umbuso wakulelilizwe awukazimiseli ukuyigoqa eyalelicala njengoba u-Afif esethi kungenzeka uMntwana abe ngufakazi.

Scroll To Top