Siyaziqhayisa ngoMotsepe siyizakhamuzi zakuleli
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Usuku lwamhla zili-12 kuNdasa wezi-2021 olungasoze lwakhohlakala eNingizimu Afrika.
Lolu bekuwusuku lapho kwethulwe ngokusemthethweni uMengameli weConfederation of African Football (CAF) obengabangi namuntu emjahweni walesi sikhundla, uDkt uPatrice Motsepe.
Ngalolu suku bekufanele engabe iNingizimu Afrika yonke ibibhiyoza kodwa kunalokho lwaphenduka olubuhlungu kakhulu.
Okwenze lokhu kube ukuzwakala kwezindaba zokukhothama kweSILO samaZulu.
NGITHI: #NgesethuIsilo………UMaphikelela ngokuphikelela amadoda aKwaZulu esephelelwa ngamandla. Wena kaMsimude, wena Mathanga adabule ulwandle ngezinyembezi, uyadela mfazi ongaphesheya owazi uMamonga usengakanani.
Inhloso yale ngosi akukhona ukukhuluma ngeSILO kodwa bengingeke ngedlula nje kwazise ngikhuluma ngosuku lwa mhla zili-12 kuNdasa wezi-2021.
Inhloso yale ngosi ukuhalalisela uDkt uMotsepe ngokuthi aqokwe njengoMengameli weCAF.
Emveni kokuqokwa ngokusemthethweni eRabat, eMoroco, uDkt uMotsepe uthe: “I-Afrika idinga ukuhlanganyela ngobuhlakani, kanjalo nesiphiwo esikhethekile sabo bonke omengameli bezinhlangano eziphethe unobhutshuzwayo emazweni angamalungu eCAF.”
La mazwi anginikeza ithemba lokuthi uDkt uMotsepe uzokwenza eziningi izinguquko ezinhle. Okunye engibona kuzoguquka kule nhlangano ukulwa nenkohlakalo.
Inkohlakalo kule nhlangano into okungafihlwa ukuthi ike yaba khona, lokho kwenzekile kwaze kwamiswa lowo obenguMengameli wale nhlangano u-Ahmad Ahmad waseMadagascar.
Inkohlakalo ka-Ahmad yaba nesandla ekuthenini amazwe ayemele i-Afrika emqhudelwaneni iFIFA World Cup ngonyaka wezi-2018 eRussia aphuma wonke esigabeni samaqoqo. Lowo kwaba umlando ongemuhle ngoba kwakuqala ukwenzeka eminyakeni engama-36.
U-Ahmad wasolwa ngokukhwabanisa imali, wukusebenzisa amandla ngendlela okungeyiyo nokunye okuningi.
Ngaphansi kobuholi bukaDkt uMotsepe ngiyakuqinisekisa ukuthi lokhu ngeke kuze kwenzeka.
Isandla sakhe “siyapha” asithathi lokho ikhona okwenza ngisho ngiqinise ukuthi ngeke saphinde saba sehlazweni elifaka ukukhwabanisa kule nhlangano.
Ukhombisile ukuthi ungumholi oqotho, uhole iqembu iMamelodi Sundowns egijima kuligi enkulu yakuleli iDStv Premiership. ISundowns kuyimanje iyahlonishwa ezwenikazi lonke i-Afrika, izihola phambili kuligi.
Umqeqeshi obeqeqesha leli qembu uPitso “Jingles” Mosimane uqashwe ukuthi aqeqeshe iqembu elikhulu lapha e-Afrika i-Al Ahly.
Okunye uDkt uMotsepe engibona kumele akuguqule ukusakazwa kwemidlalo yeCAF Champions League neyeConfederation Cup. NgoLwesibili bekudlala iSundowns neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC), ubukhulu balo mdlalo bekumele usakazwe kodwa akwenzekanga.
NgoLwesibili ukhulumile ngale ngxenye nokuthe uma ekhuluma ngezwa ukuthi uma kungaya ngamagama akhe kobe “libuyile izwe”.
Akubalulile ukuthi uzosebenzisana noDkt Irvin “Iron Duke” Khoza onguMengameli wePremier Soccer League (PSL) noKaizer Motaung ongumholi weKaizer Chiefs. Ngibona kuzomsiza kakhulu ukusebenzisana nala madoda anamava kunobhutshuzwayo kuleli.
Okunye okungijabulisile akubalulile ukuthi imihlangano izoba miningi ezobanjwa kudingidwa ngodaba oluthinta unobhutshuzwayo.
“Ama-95% ezingxoxo zethu kuzokhulunywa ngonobhutshuzwayo. Ayisi-5% kumele sikhulume ngokufaka izinkampani ezizoxhasa.”
Lezi zinkulumo uma zikhulunywa uDkt uMotsepe ngizizwa ngibuyelwa elikhulu ithemba.
Okunye okuzoguqulwa ukuxhaswa kweCAF Champions League neConfederation Cup.
Ukuphatha kukaDkt uMotsepe ngikholwa ukuthi kuzoguqula indlela iqembu lesizwe lakuleli iBafana Bafana elenza ngayo emqhudelwaneni emikhulu, okubalwa neNdebe YoMhlaba.
Ungichazile ekhuluma ngoLwesibili ekhuluma ngeMbube ethi: “Usuku lwamhla zili-12 bekumele kube ngolwethu siyiNingizimu Afrika kodwa lwaqala kabuhlungu emveni kokuba sengizwe izindaba zokukhothama kweSILO.”
Ngifisela uDkt uMotsepe okuhle konke kulesi sihlalo asithathile. Ngikholwa ukuthi uzosiphatha ngesizotha, amava anawo azosebenza kahle. Siyaziqhenya ngaye siyiNingizimu Afrika.

