Now Reading
Sikhona isidingo sokukhulisa abadlali ngokubizelwa ekhempini yeBafana
Dark Light

Sikhona isidingo sokukhulisa abadlali ngokubizelwa ekhempini yeBafana

NgoLwesine olwedlule umqeqeshi weqembu lesizwe iBafana Bafana uMolefi Ntseki ubebhekwe ngabovu njengoba bekumele amemezele iqembu lakhe elizotholana neSudan ekuhambeni kanye neGhana ekhaya emidlalweni yokuhlungela ukuya eCameroon ngoMasingana emqhudelwaneni we-African Cup of Nations (AFCON).

Miningi imibono yabantu ebekhona ngesikwati uNtseki asimemezelile.  

Ngokwami uNtseki ngibona efake abadlali engikholwa ukuthi bekungamele abafake.

Kusukela emumva nje igama ebengilibhekile elesitobha somakoti iSwallows FC, uNjabulo “Ramos” Ngcobo.

Cishe yonke imidlalo yeSwallows FC ayidlalile uNgcobo uhlezi eshaya into ecokeme, ingakho igama lakhe bengilibhekile esikwatini sikaNtseki. Esikhundleni somdlali we-Orlando Pirates u-Innocent Maela, bengingafaka yena uNgcobo.

UMaela ulizwa ngendaba ijezi muva nje indawo yakhe kweZimnyama idlalwa uPakiso Mako. UNgcobo ngikholwa ukuthi ukuba kwakhe sekhempini yeBafana Bafana ubezofunda lukhulu noma kuthiwa ubengeke adlale kodwa ukuba khona bekuzomkhuthaza kakhulu.

Ngalo uLwesine emva kokuba sekumenyezelwe isikwati ngikhulume noSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, ngifuna ukuzwa uvo lwakhe ngesikwati esimenyezeliwe. Uvele wathi ngeke akhulume ngezinye izindawo ufuna ukukhuluma ngodonga akholwa ukuthi uNgcobo ukhona kulona kwazise bengakasiboni isikwati esimenyezelwe.

Uma kubona abadlali abanjengaye uSangweni ukuthi uNgcobo bekumele abe khona eqenjini, kufuze engabe uNtseki uyalibona iphutha lakhe.

Baningi-ke abathe okwenze wangabizwa uNgcobo ukuthi akanawo amava, ngeke kuthi kuyodlalwa imidlalo yokuhlunga kubizwe umdlali ongakaze adlale eqenjini lesizwe kwazise akuyona imidlalo yobungani lena lapho kuhlolwa abadlali.

Ngokwazi kwami umqeqeshi weqembu lesizwe ngaphambi kokuqoka iqembu lakhe ubheka abadlali abasefomini bese kuba khona labo-ke abahlale bekhona eqenjini lesizwe.

Nangu umdlali weCape Town City uCraig Martin ubizwe okokuqala kuBafana Bafana, ngabe yena akafani yini noNgcobo?

Ngeke ngagxila kumfo kaNgcobo kodwa ngizoqhubekela kwezinye izindawo engicabnga ukuthi uNtseki ugeje umgodi kuzona.

Esiswini ngidumalile ngingaliboni igama likaMduduzi Mdantshane weCape Town City ngoba ngazi ukuthi kubhekwa ngokwefomu. UMdantshane ngaphandle kokuthi ayenzi kahle iCape Town City muva nje kodwa udlala kahle kakhulu.

Angeke ngamshiya ngaphandle ukaputeni walo leli qembu laseKapa uThabo Nodada, ngikholwa ukuthi nelakhe igama bekumele libe khona. 

Omunye umdlali igama lakhe ebengililindele uSphephelo “Yaya” Sithole, ongumdlali weqembu lasePortugal iBelenenses Futebol SAD. Lo mdlali okhuliswe inkulusa ikhaya layo eliseThekwini, IKZN Academy uyalithola ijezi futhi wenza kahle kakhulu. Ngikhuluma nje ngoMsombuluko uSithole uwuqalile umdlalo ezakhe zibhekene nezingqungqulu zasePortugal, iBenfica FC.

See Also

Emasontweni adlule uke waqokwa njengomdlali ovelele, waphinde waqokwa kubadlali abali-11 abenze kahle kuligi yasePortugal. Ngethukile ngibona uNtseki efaka uThulani Serero.

USerero umdlali aziwayo amagalelo akhe kodwa angikholwa ukuthi bekumele abizwe. Iqembu adlala kulona lidlala kuligi encane futhi indlela adlala ngayo ayigculisi.

Ezintini khona bengiyokujabulela ukubona kumenyezelwa igama likaSifiso Mulungwana ongunozinti weLamontville Golden Arrows. Angeke ngithi bekumele kuphume bani phakathi konozinti ababiziwe kodwa uMulungwana bekumfanele ukubizwa. Okwenza ngisho kanjalo ukuthi ukuqokwa kwakhe bekuzomenza akhule njengonozinti osemncane.

Iqembu lakhe lenza kahle muva nje, kuyinto edingakalayo ukuthi sikhulise onozinti abancane kuleli ngoba bancane esinabo kuDStv Premiership.

Angeke ngimgxeke kukhona konke uNtseki, kolunye uhlangothi ngiyamncoma.

Engimncoma kukho ukubiza uSipho Mbule weSuperSport United onekhono eliyisimanga engikholwa ukuthi uzothola esikhulu isifundo uma esehlangene noBongani Zungu, u-Andile Jali, uBen Motshwari, uThemba Zwane noDean Furman.

Kokunye, ngendlela uNtseki abize ngayo abadlali baphambili ngibona bezokwazi ukuthi betholele iBafana Bafana amagoli kule midlalo.

Scroll To Top