Now Reading
IChina igqugquzela ukusetshenziswa kwesitifiketi sokhuvethe phakathi kwamazwe, iWHO iyasichitha
Dark Light

IChina igqugquzela ukusetshenziswa kwesitifiketi sokhuvethe phakathi kwamazwe, iWHO iyasichitha

Abantu abavela kwamanye amazwe nabafuna ukungena eChina sekuzomele baveze isitifiketi esifakaza ukuthi bagonyelwe isifo ukhuvethe ngaphambi kokuthi bamukelwe.

IChina ithule isitifiketi somgomo wokhuvethe kuleli sonto yize iWorld Health Organization (WHO) ithe ayikukhuthazi ukukhishwa kwezitifiketi zalolu hlobo.

Isitifiketi sizoveza imiphumela yokuhlolelwa ukhuvethe  nemiphumela yokuhlolwa igazi, kanye nomgomo wokhuvethe. 

Lesi sitifiketi sisatholakala kubantu baseChina okwamanje kanti sitholakala enkundleni yezokuxhumana iWeChat.

UNgqongqoshe woMnyango Wezangaphandle, uWang Yi uthi isitifiketi siphinde sibe nekhodi equkethe imininingwane yangasese yomnikazi waso. Uthe kuzothi anganda amazwe ahambisana neChina ngokukhishwa kwezitifiketi zokhuvethe “leli dokodo lizobe seliklama indima ebalulekile ekuqinisekiseni impilo ephephile, ukuxhumana kwabantu, kanye nesiqinisekiso esigcwele kubantu baseChina abavakashela ngaphandle.”

Njengamanje lisephansi izinga labantu abasayitholile imijovo ebavikela okhuvetheni.  Ngokwezibalo zakamumva, kubantu abalinganiselwa esigidigidini esiso-1.4 eChina balinganiselwa kuma-3.6% asebejovile.

IChina ihlose ukuthi ngoNhlangulana ibe isigome abantu abalinganiselwa emaphesentini angamashumi amane.

Izwe elihamba phambili ekunikeni abantu imigomo i-Israel njengoba cishe angama-90% abantu khona sebejovile. IBritain isigome ama-30% abantu bakhona, ngesikhathi i-USA isinike abantu abangaphezulu kwama-22%. Isinyathelo seChina siza ngesikhathi amazwe ahlukene okubalwa kuwo i-USA, iBritain abaholi base-Europe, iSouth Korea, iSingapore neThailand ecabanga ukwethula amaphasiphothi emigomo yokhuvethe.

Abaholi baseChina bethule isitifiketi sabo emva kwezingxoxo engqungqutheleni yabashayimthetho kanye nosopolitiki abaphezulu bezwe ebizwa ngeTwo Sessions eBeijing.

Nokho iWHO ayikweseki ukukhishwa kwezitifiketi zemigomo yokhuvethe ngoba ithi maningi amazwe angakayitholi imigomo okuvikela abantu kulesi sifo.

“Okwamanje ukusetshenziswa kwesitifiketi sokugoma njengesidingo kulabo abahambela amazwe asikweseki ngoba ukubeka kucace nje ayanele imigomo esikhishiwe emhlabeni futhi nakanjani awasatshalalisiwe ngokulingana,” kusho isikhulu sezimo eziphuthumayo kuWHO uDkt uMichael Ryan. Siqhube sathi uma imigomo ingakhishwa ngendlela efanayo uhlelo luzogcina lwaziwa njengolungenabo ubulungiswa.

See Also

Siphinde sathi abanye abantu abazothinteka kabi ngalezi zitifiketi ilabo abangakwazi ukuthatha imigomo ngenxa yezimo ezithile zempilo.

Ongoti baseChina bathe iBeijing ingasebenzisana neWHO ukuhlanganisa uhlelo olungenakho ukwenzelela noluzoqinisekisa ukuphathwa kwemininingwane yabantu. Bathi uma amazwe ehlangana evumelana ngokuthi kusungulwe uhlelo olulodwa olulawula abantu abahambela amazwe ahlukene, kungenzeka bakwazi nokulisebenzisa kuTokyo Olympic Games azoqala ngoNtulikazi.

Kuze kube imanje amazwe amaningi asathuthuka iwona asasilele emumva kakhulu ekutholeni imigomo, kanti iningi lawo lethembele ohlelweni iCOVAX, nehlose ukusiza amazwe ahlwempu ukuthi athole imigomo.

Kusenjalo, iJapan isimemezele ukuthi izibukeli ezivela emazweni angaphandle ngeke zivunyelwe ukuyoba ingxenye yeTokyo Olympic Games nenxa yokuthi abantu bakhona besaba ukhuvethe.

Le midlalo yasehlobo kulindeleke ukuthi ibanjwe phakathi kukaNtulikazi zingama-23 ukuya ziyisi-8 kuNcwaba, ngesikhathi eyasebusika izoqala ngoNcwaba zingama-24 ize iphele ziyisi-5 kuMandulo. Kwakuhlelwe ukuthi le midlalo ibanjwe ngonyaka odlule kodwa ukudlanga kokhuvethe kube sekuphoqa abahleli bawo ukuthi bayihlehlisela lo nyaka.

Scroll To Top