Now Reading
Mawaqedwe amalayisensi ethelevishini – Umbhali
Dark Light

Mawaqedwe amalayisensi ethelevishini – Umbhali

Lolu hlelo thina ma-Afrika aseNingizimu Afrika alusisebenzeli njengoba luhlomulise iBritain ngempumelelo enkulu


Phakathi kweminyaka yama-264 BC kuya kweli-146 BC kwaba khona izimpi eziningi futhi ezathatha cishe ikhulu leminyaka phakathi kwamazwekazi i-Europe ne-Afrika. Ezimpini eziningi ezaba khona ngizogxila kakhulu kulena okuthiwa iPunic War II. Le mpi yayiphakathi kwe-Italy ikakhulukazi idolobha lakhona elaziwa ngokuthi iRome kanye nelinye lamazwe ase-Afrika iTunisia ikakhulukazi idolobha lakhona iCarthage. Ngamanye amazwi lokhu kusho ukuthi kwakulwa amazwe amabili kodwa izwe nezwe lifuna ukucekela phansi lelo dolobha lelinye izwe. Umkhuzi wamagumgedlela aseCarthage, uJenene Hanibal, nakuba wagcina ehluliwe kuleyo mpi yesibili kodwa walwa wacishe waliguqisa ngamadolo idolobha iRome phakathi kweminyaka yama-218 BC kuya kweyama-201 BC. Emuva kwalezi zimpi ezimbili ezazaziwa kokuthi amaPunic Wars i-Italy yathatha isinqumo sokuthi iCarthage kumele icekelwe phansi unomphela. Owabe elilungu leNdlu Yezigele uMarcus Cato The Elder wayethi njalo uma eqeda ukukhuluma bese ephetha ngamazwi athi iCarthage kumele icekelwe phansi.

Le ndlela yokucekela phansi izinto siphinde sayibona ezweni laseMali ngonyaka wezi-2013 lapho kube khona udungunyane ezweni kwacekelwa phansi izakhiwo ezigcina izinto ezingamagugu ezwe eTimbuktu (Ahmed Baba Institute). Lokhu kusitshela ngokusobala ukuthi kusukela endulo eyethu nabafo ayikaze ixolelane futhi njalo basifaka imfundisoze bese beshenxa, emuva kwalokho zimbili izinto esizobhekana nazo, eyokuqala ukuthi sizobulalana sodwa siphinde sicekele phansi izinto zethu noma le nto abasifundise yona izozifela siyibhekile.

Uma sengithi ukwenaba ngezinto abasifundisa zona kodwa zafa sizibhekile enye yazo ilayisensi yethelevishini. Ngeminyaka ye-1920 izwe lamaNgisi iBritain lasungula noma lethula ilayisensi yethelevishini eziteshini zayo zomsakazo nezethelevishini ezaziwa ngokuthi iBBC nokuze kube manje kuyazisebenzela ngoba inzuzo elinganiselwa kuma-90% bayithola ngokuqoqa imali yamalayisensi ethelevishini. Lena enye ingxenye yenzuzo yamaphesenti alishumi bayenza ngezikhangiso emazweni angaphandle kweBritain futhi iBBC ayinalo uhlelo lwezikhangiso. Sekukaningi nokho eBritain abantu beboshwa uma behluleka ukuthelela amalayisensi ethelevishini lokhu kwenziwa ngoba iBBC One isakaza izindaba zakhona kakhulu futhi izinhlelo zayo zinogazi kubantu bakhona. Emazweni amaningi anohlelo lwamalayisensi ethelevishini cishe onke ayahluleka ukuqoqa imali yalawa malayisensi ethelevishini. Alikho izwe emhlabeni eseliphumelele ukuqoqa imali yamalayisensi ethelevishini njenge-BBC. Into engicacelayo ukuthi umuntu akehlulwa into yakhe. AmaNgisi ayaphumelela ngoba le ndlela yokwenza imali yafika nabo ingakho kulula ukuthi ibasebenzele.  

Kwesinye isikhathi ngize ngicabange izinto ezazishiwo uThabo Mbeki owayenguMengameli uma etshela izinhlaka ezifana noNEPAD kanye no-APRM ukuthi izinkinga ze-Afrika zidinga izixazululo zase-Afrika. Okungicacelayo ukuthi kusukela ezimpini esazifunda kwabezizwe kuya kumalayisensi ethelevishini, konke akusisebenzeli. Kungani pho thina njengama-Afrika aseNingizimu singazakheli olwethu uhlelo lwezokusazaka bese siluyeke lolu lwamalayisensi ethelevishini ngoba alusisebenzeli futhi alikho elinye izwe olusebenze kulo ngaphandle kweBritain? Lolu daba ludinga isixazululo saseNingizimu Afrika. Olwami uvo luthi awaqedwe nya amalayisensi ethelevishini. Uma eqedwa amalayisensi ethelevishini kuyothuthuka umnotho waleli lizwe ngoba kuyobalula ukudayisa nokuthenga ithelevishini. Nangaphezu kwalokho iBBC iyiqoqa kuphela eBritain bese bengabinazo izikhangiso, neSABC ayikhethe idlela eyodwa ezohamba ngayo. Uma iSABC ifuna ukwenza imali ngezikhangiso njengoba kwenziwa emazweni afana no-USA abenze njalo noma benze njengeBBC eBritain, abangazami ukuncelisa amawele ngoba kuvele kungaphumeleli nokukodwa bese bezithola sebefisa ukutakulwa uHulumeni.

Ngidumale kakhulu ngonyaka odlule cishe ngenyanga uMfumfu uma ngingasengi ezimithiyo, uMnyango Wezokuxhumana oholwa uNgqongqoshe uStella uMaNdabeni Abrahams ushicilela isigaba sokuqala somthetho nalapho uhlongoza khona ukuthi umuntu othenga umakhal’ekhukhwini, iLaptop, othenga noma othelela iDStv ngisho ne-inthanethi imbala kuzomele abe namalayisensi ethelevishini. Kuyishwa ukuthi abantu abasengabafundi uma benikwa izinsiza kufunda ezifana namaTablet kanye namaLaptop kungenzeka nabo bafunwe amalayisensi ethelevishini. Ingakho ngithi le ndlela yokuthi uHulumeni ufuna ukuthi iSABC ihlale dekle ingenzi lutho kodwa isetshenzelwe abanye yona izofika sekuphakwa nje isizoqoqa inkece yamalayisensi ethelevishini ayilungile neze. Kumanje nami nginayo iLaptop kodwa ayikho into engihlanganisa nemikhiqizo yakwaSABC engiyibuka kuLaptop, manje kungani kumele ngikhokhele into engingayidingi futhi engingenayo? UHulumeni wabantu kumele asebenzele abantu hhayi ukuthi ukhuthuze abantu. Lokhu ukubanjwa isamuku emini kwabha! Kumanje asiziboni ezemidlalo ezinjengebhola lezinyawo, umbhoxo, ikhilikithi, namankomane kuSABC. Imidlalo ewuchungechunge efana noMuvhango, 7de Laan isifingqiwe ngapha Isidingo sesaqedwa. Izinhlelo ezazimnandi ezazifana noZaziwa, iSelimathunzi, iJam Alley, Ezimtoti kanye nezinye ezazethulwa abantu abanjengoZulu Boy zaqedwa kwafakwa lezo ezethulwa abase-USA oLL Cool J. 

ISABC isengalunga uma sizoba nabaholi abaneqiniso. Kumanje baningi abantu abalahlekelwe imisebenzi ngenxa yokhuvethe kodwa akukho muntu wezepolitiki oke wahlela isiteleka wasibhekisa kubaqashi abadilizayo. ISABC idinga ukuthi yenze lokhu ebona kufanele ikwenze ukuze ibesesimweni esifanele sezimali. Akungakhuthuzwa abantu ngezincwadi zethelevishini ngoba nje kukhona abafuna ukubukeka bebahle emehlweni esizwe. Njengoba kuhlasele umkhuhlane ukhuvethe miningi iminyango kaHulumeni eyehliselwe imali okubalwa ngisho owemfundo ephakeme kodwa akekho obambe inhlabaluhide wayokhalaza ngalesi senzo. Manje pho inkinga ikuphi uma iSABC inesifiso sokuzihlela kabusha? Uma ukhumbula kahle esinye seziteshi zethelevishini iSABC 1 yake yadiliza bonke ababengabethuli bezinhlelo ngesikhathi kufika uMnu uRomeo Kumalo njengomphathi kanti neGenerations yake yaxosha bonke abalingisi kodwa akuzange kubekhona izinhlabaluhide ngalezo zenzo zikamsakazeli womphakathi. Ngamafuphi abaphathi beSABC abenze lokhu ababona kufanele inhlangano esakazela umphakathi, umuntu ongasebenzi khona angayi koteleka khona.

See Also

Ithelevishini iqale ukusakaza eNingizimu Afrika mhla ziyisi-5 kuNhlaba ngowe-1975, ngalesi sikhathi iSABC yayithola imali ngokusebenzisa uhlelo lwamalayisensi ethelevishini njengaseBritain kodwa kuthe ngonyaka we-1978 kwase kwethulwa uhlelo lwezikhangisi. Ngamanye amazwi kusukela ngonyaka we-1978 akaze iSABC iyishintshe indlela ethola ngayo imali. Kusobala ukuthi iSABC ize yaficwa isikhathi esiyiphoqa ukuthi izihlele kabusha. Masikuqaphele ukuthi zonke izimboni zihamba zihambe zifune izindlela ezintsha zokusebenza, uma kungenzeki lokhu koshintsha izikhathi bese leyo mboni ehlulekile ukuzihlela kabusha ifadalala. Mina ngiyabethemba ubuholi buka 

Mnu uMadoda Mxakwe kanye noMnu uBongumusa Makhathini abayekwe bayihlele kabusha iSABC besekuthi uHulumeni aqede amalayisensi ethelevishini ngoba vele siphila ezweni lezomnotho okhululekile.

Mina sekungicacele ukuthi abezizwe basifundisa izindlela zokwenza izinto ezithile kodwa uma zifika ngapha zingasebenzi njengazo izincwadi zethelevishini. Baningi abantu bakithi abahamba bayofunda emanyuvesi aphesheya kodwa namanje izwekazi i-Afrika alithuthuki kangangokuthi amanye amazwe athembele kakhulu eminikelweni evela ngale kwezilwandle. Into edala lezi zinqinamba ukuthi vele babekade beshilo oCato the Elder ukuthi basicelelwe phansi e-Afrika. Ingakho iningi lezinto ezithekelwe kubo njengezincwadi zethelevishini zingabi isixazululo koSABC, mina-ke ngibona ukuthi isikhathi sokuthi amalayisensi ethelevishini aqedwe sesifikile. UJenene uSiphiwe Nyanda owabe enguNgqongqoshe Wezokuxhumana washicilela umthethosivivinyo ngenyanga uMfumfu wezi-2009 lapho kwakuhlongozwa khona ukuthi aqedwe amalayisensi ethelevishini, uHulumeni uzokwakha uhlobo oluthile lwentela oluzongenisa imali kwaSABC, kuphinde kuhlelwe kabusha isigungu esengamele iSABC. Sekushintshephi manje? Sibuyela kanjani emuva? Thina sazi ukuthi ngesiZulu kuthiwa “akubuyelwa emuva kungemgqigqo”. Amalayisensi ethelevishini mawaqedwe njengoba uHulumeni wayeseluqalile vele uhlelo lokuziqeda. 

Scroll To Top