Inkulumo yepolitiki: Okuzibophile kuyaziqaqa kubaholi
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Osopolitiki nsukuzaphuma bayawushaya ungqimphothwe kungabi ndaba zalutho
Abantu kanjalo nabaholi baseNingizimu Afrika bayaziwa ngokuba ngamaqhalaqhala. Omadakeni abazishaya inkinsela uqobo lwabo. Asiqedi nje kungonakele lutho bese sithi: “Thina eNingizimu Afrika sinoMthethosisekelo ohamba phambili emhlabeni.”
Sikusho nje futhi lokho singabi namahloni nokwesaba ukuthi kambe uma ngase kuthiwe le nkulumo siyithathaphi singathini. Ngisho umsakazo wethu u-Ukhozi FM lwake lwasho amalumbo lapho luthi liwumsakazo ohamba phambili emhlabeni. Ngiyabona kwaba khona ababakhuzayo kulokhu ngoba sengike ngizwe sekuthiwa, ‘Luhamba phambili e-Afrika’.
NoSobaba uTutu umuntu omdala wake wathi thina: “Siyisizwe esiluthingo lweNkosazana”. Ayekuqondile wukuthi sibahle, siyazwana emuva kokubuiyisana futhi sinekusasa elihle. Ungemsole-ke umtomdala ngoba naye wayebeka lokho okuyisifiso sakhe nakhu nje abanye basasibiza ngalokho.
Lokhu kulabo abaphila ngokudayisa okuthile yimpilo eyejwayelekile ingani umuntu uyakudayisela uma enekhono iqhwa ebusika, afakaze ukuthi impela uyalidinga. Nawe uthatheke ulithenge.
Engizama ukukusho wukuthi kuhle ukukwazi ukuzidayisa njengezwe kepha ingozi iba manxa sewembuleka izinqe usho nezinto okulula ukuthola ubufakazi obungakuphikisa. Lokhu nje okuthathu okungenhla sekuphikiswe ngabaningi, namuhla siyazi nje ukuthi ayikho into ethi sinoMthethosisekelo ohamba phambi emhlabeni (wona awumubi kangako).
Siyazi ukuthi u-Ukhozi FM aluhambi phambili emhlabeni. Siyazi futhi ukuthi phezu kweminyaka sishunyayezwa ngezwe nesizwe esiluthingo lweNkosazane, akukho lokho isazazelene.
Izincwepheshi
Osopolitiki kusuka bekhankasa noma sebephethe kunento abanayo. Bonke banekhono lokukwazi ukudayisa. Badayisa amaqembu abo kanye nezwe kulabo asebesemandleni. Uma sebenza kanjalo ungeke ubathinte, kusuka amaphepha bekhuluma bengaqedi. Abanye baze baziphinde uma sekukubi kakhulu baziphikise.
Yebo usopolitiki kanqeni ukusho into akade eyisho ngokwedlule kube sengathi yintsha akaze ayisho. Uyakwazi futhi ukuthi khona lapho ayinonge ngezinto ezenzeka manje kuthi wena osahleli ekutheni wayetheni usale wedwa.
ObenguMengameli wase-United State of America (USA), uTrump ngomunye wosopolitiki abazongena emabhukwini omlando njengomuntu okwazi ukukhuluma into abuye aziphikise aqhubeke nje nempilo sengathi akwenzekanga lutho. Nalapha eNingizimu Afrika ngeke sithi abekho abanjalo.
Bangaki nje abasola umholi we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMalema ngokulala ephenduka? Wake wathi angamfela uZuma, kwathi mhla ephuma inxiwa waxwayisa wonke umuntu ngobungozi bokuba nomholi onjengoZuma.
Zolo lokhu ubephunga itiye noZuma kwaDakw’udunuse. Wona uKhongolose ususolwe kangaki ngokusho izinto ubuye uphenduke usho okunye?
Okwakamuva-ke kuyahlekisa nokuthinta umholi weDemocratic Allience (DA), uMnu uSteenhuisen. Lapha lo mholi ubekhuluma nephephandaba lesiNgisi eliphuma ngeSonto, iSunday Times nayilapho ecashunwe khona ethi bona njengeqembu, “Bangasebenza noRamaphosa, hhayi uMabuza noma uMagashule”.
Ngiyakholwa ukuthi kunabaletha uguquko ku-ANC abakhuluma indaba yokukhula futhi ngicabanga ukuthi kungaba nokusebenza okuzungeza emongweni wepolitiki yaseNingizimu Afrika, okuwumongo okuvunyelwana ngawo kupolitiki yaseNingizimu Afrika, engicabanga ukuthi kulapho iDA kufanele ibambe khona iqhaza,” kusho uSteenhuisen.
Indlela udaba olubhalwe ngayo lusho ukuthi kukhona iDA ekubonayo nokuhle kuKhongolose. Nembala lezi zindaba zisabalale usuku lonke waze wabuzwa ngazo nakomabonakude nalapho washo okufanayo, wachaza nokuthi kungani. Echaza uthe kuKhongolose bakhona abantu angasebenza nabo ngoba bona kabafani nabanye, uthe lokhu kungenzeka emuva kokhetho langowezi-2024.
Thula-ke ulalele ngoba kuyothi nje uma esekhunjuzwa lokho bese umuzwa esho okunye. Ingani yilo leli qembu ngokhetho olwedlule loHulumeni Bendawo elahlangana ne-EFF lena namuhla abangasayizwa.
Kukutshenani lokhu ngosopolitiki? Kusho khona ukuthi bayakwazi ukudayisa iqhwa ebusika, bayakwazi ukukunika ithemba lento ethile khona lapho bayakwazi nokuzikhipha otakwini manxa sekuphoqa.
Lokhu kusitshela ukuthi njengabavoti kumele silalelisise uma abaholi bethu bekhuluma ngoba ngokwenza njalo siyakwazi ukubona manxa sebefudumeza inkulumo yakuthangi noma sebesenga ezimithiyo. Ngeshwa ngeke bakuyeke lokhu ngoba kuyabasebenzela, okwethu nje ukuthi siqaphe.