Now Reading
Kusolwa itulo lezepolitiki ngamacala abekwe owaseSenegal
Dark Light

Kusolwa itulo lezepolitiki ngamacala abekwe owaseSenegal

Umholi weqembu elikhulu eliphikisayo kuleli zwe, uMnu u-Ousmane Sonko, uboshiwe kuleli sonto ngemuva kokuthi amakhulu abaseki bakhe bengqubuzane namaphoyisa enhlokodolobha ngesikhathi bebhikishela izinsolo zokudlwengula abhekene nazo.  

Isisebenzi endaweni yokucwala izinwele sisole uSonko owaphuma isithathu okhethweni lobuMengameli ngowezi-2019 ngokusidlwengula ngenyanga edlule.

Useke wabizelwa ukuyophenywa ngemuva kokukhishwa kokuvikelwa kwakhe ePhalamende ngesonto eledlule.

USonko, oneminyaka yobudala engama-46, owayengumhloli wentela othola ukwesekwa okukhulu kubantu abasha bakuleli zwe, uziphikile izinsolo futhi wasola uHulumeni kaMengameli uMacky Sall ngokwakha leli cala emizamweni yawo yokubukela phansi imbangi yakhe enkulu.

Eduze nomuzi wakhe ngoLwesithathu abaseki bakaSonko bashise amathayi, bajikijela amaphoyisa ngamatshe okuthe wona aphendula ngokudedela isisi esikhalisa unyembezi. Kubonakale ababhikishi ababili sebelimele omunye esephuma igazi ekhanda.

“Sikulungele ukufela uSonko,” kumemeza abanye ababhikishi.

Phakathi nawo wonke lo msindo, uSonko obesendleleni ebheke enkantolo enkabeni yedolobha laseDakar, ukuyophendula ngalezi zinsolo abekwa zona zokudlwengula, waboshwa ngamaphoyisa.

Ummeli wakhe uBamba Cisse, uthe usolwa ngokuphazamisa ukuthula emphakathini kanye nokubandakanyeka embhikishweni ongavumelekile.

See Also

“Bafuna ukumbamba oqotsheni, bamehlulele bese beyamgweba ukuze bezosusa igama lakhe kwabangenela ukhetho,” kusho uCisse ngesikhathi ekhuluma nabezindaba. Ukumangalelwa kokuqala kokudlwengula kwakungasebenzi manje sebethola okunye.” Amaphoyisa abengakaphawuli ngalolu daba.

Ezinye izimbangi eziphezulu zikaMengameli uSall bezibekwa amacala obugebengu ngaphambilini, okwakufaka phakathi iMeya yaseDakar uKhalifa Sall kanye noKarim Wade oyindodana yalowo owayenguMengameli waleli zwe, u-Abdoulaye Wade. Ngenxa yalokho laba ababili abakwazanga ukungenela ukhetho lwangowezi-2019.

UMengameli uSall, oneminyaka yobudala engama-59, uyakuphika ukuthi kube khona isandla sepolitiki kula macala ezimbangi zakhe.USall wangena esikhundleni kusukela ngowezi-2012 waphinde waqokelwa kuso ngowezi-2019 kanti ubengakaphawuli ngemibiko ethi ufuna ihlandla lesithathu ngonyaka wezi-2024. Izimbangi zikaSall zithi uma efuna ihlandla lesithathu uzobe esephula uMthethosisekelo wezwe.

Scroll To Top