Now Reading
ENigeria: Izwe lapho abasha behlwithwa ubusha babo
Dark Light

ENigeria: Izwe lapho abasha behlwithwa ubusha babo

Ukuthunjwa kwabantu kakhulu izingane sekuphenduke ibhizinisi


Izwe iNigeria linomlando omkhulu ezwenikazi i-Afrika. Kukule lizwe lapho uthola khona izincithabuchopho emikhakheni eyahlukene. Ngaphandle kosopolitiki, abadlali nabaculi, ababhali abahlonishwayo njengoChimanda Ngozi Adichie, uChinua Achebe, uWole Sonyika, uBen Okri, uBuch Emecheta, uChika Unigwe nabanye abaningi bangumsinsi waseNigeria. Likhulu nali izwe kanti nosozigidi batholakala khona. Nokho kukhona ichashazi muva nje elidumisa leli lizwe kabi. Ukuthunjwa kwezingane zabafana namantobazane sekuyiyonanto esithanda ukuduma uma kukhulunywa ngeNigeria.

Ngonyaka wezi-2014 umhlaba wabuka ngokumangala lapho ibutho lophumasilwe iBoko Haram lathumba khona izingane zamantombazane ezingama-217 esikoleni sazo eChibok. Lesi senzo senza imilomo ivunane emhlabeni kugxekwa lesi senzo. Lokhu kwaholela ekuqalweni komkhankaso othi ‘Bring Back Our Girls’  nowasabalala umhlaba wonke. Yize la mantombazanyana agcina ebuyelene nemindeni yawo, kepha abenzi balokhu kabayekanga.

Izibazi zalokhu zasala kwamanye amantobazanyana okuthi uma elanda ushaqeke. Ekhuluma nabe-Amnesty International ngowezi-2014/15, amantombazanyana aveza ukuthi amalungu eBoko Haram awadlwengula ikakhulukazi ngesikhathi kuba nokuhlaselwa kwamagumgedlela aseNigeria emizamweni yokuthola amatombazane ayethunjiwe. Abuye aveza amantombanze ukuthi abuye aphoqwa ukuba agane amalungu eBoko Haram aphoqwa nokuya ocansini nawo ‘esengabafazi’.

Okwakamuva ukuthunjwa kwamantombazane kuphele kuleli sonto ngesikhathi amadoda abehlome ephelele ethumbe amakhulu amantombazane aneminyaka eli-11 kuya kweli-17 esikoleni sikaHulumeni samabanga aphakathi eJangede. Kwaqala kwathiwa angama-317 amantombazane athunjiwe zabuye zaqinisekiswa izibalo kwathiwa angama-279. Emuva kokuthunjwa izinsuku ezine ehlathini la mantombazane akhululiwe. Yize uMengameli waseNigeria uMnu uBuhari encome abezokuvikela nafunge ukuthi bazoqhubeka bathungathe abenzi bobubi, abantu baseNigeria kakhulu abazali bahlalele ovalweni ngezingane zabo. 

NgoZibandlela nyakenye izingane zesikole zabafana ezibalelwa ema-300 zithunjiwe zabuye zatholakala. Kubukeka izikole okuhlalwa kuzo kuyizona abahlaseli abazibhekile nabagasela kuzo. Okunye okuvelayo yikuthi iningi lalezi zikole zibuqamama namadolobha futhi ezokuphepha azikho ezimweni ezikahle.  Ongoti bathi ukushaqwa kwenqwaba kudala ukwesaba kanti kunomvuzo othe xaxa. 

Nokho lokhu kuthunjwa kwabantu kuke kwamandla nakuleyo mindeni ecebile ngoba umenzi noma abenzi bobubi bazi ukuthi imindeni inamandla okukhokha ukuze kuphephe izihlobo zayo.

Ngowezi-2012 loyo owayenguNgqongqoshe Wezezimali nosanda kuqokwa njengoMqondisi Jikelele kuWorld Trade Organisation, uDkt u-Okonjo-Iweala kwathunjwa unina abenzi bobubi bathi kasule esikhundleni ukuze bamkhulule. Wanede wala ukwenza njalo bafuna umehlokaboni wezi-$60 000 njengenkokhelo.  

See Also

Ngowezi-2015 ubaba wombhali ohlonishwayo eNigeria uNks uChimamanda Ngozi Adichie wathunjwa. Bagcina ngokukhokha izizumbulu ukuze inhloko yekhaya ikhululwe. Lokhu kwenzeka nasemndenini kaMengameli imbala ngesikhathi kuthunjwa umalume kaloyo owayenguMengameli uGoodluck Jonathan naye owagcina ekhululiwe.

Yize kungekho ophumela obala kuHulumeni kepha buyanda ubufakazi bokuthi uHulumeni uyakhokha ukuze kukhululwe abathunjiwe ikakhulukazi uma kuthinta abantu abaningi noma izingane. Uma lokhu kuliqiniso kukhomba ukuthi lo mkhuba ngeke uphele ngoba abawenzayo bayazuza. Njengenzuzo bathola imali noma isivumelwano sokuthi uHulumeni kakhulule izigebengu noma abantu abayingozi abesezitokisini ukuze kukhululwe izingane ezisuke zithunjiwe.

Kophuma silwe njengeBoko Haram esinye isizathu sokuthumba wukwandisa amasosha kakhulu kuzingane zabafana nokusondezela amasosha izinto ukuze agqugquzeleke. Kuthiwa ezinye izingane zingcina seziluthiwe ukuthi zibe ‘zinkabi’ ezizithandela ngamabhomu abhubhisa inqwaba yabantu. Akukho ukungabaza ukuthi lezi zenzo zehlisa ukwethenjwa kwezokuphepha eNigeria nokuyinto ezoshaya emnothweni kungekudala. 

Scroll To Top