Izinkakha zibekile nazo ngeqembu lesizwe iBafana Bafana
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Lowo owayeyisitobha se-Orlando Pirates neBafana Bafana uSiyabonga “Nsimbi” Sangweni, ukhale ngomqeqeshi waqembu lesizwe lakuleli labesilisa kunobhutshuzwayo ngokungamfaki uNjabulo Ngcobo eqenjini lakhe alimemezele izolo emini.
UNgcobo oyibamba emuva kuSwallows FC ugila izimanga kuleli qembu kulezi zinsuku osekuze kwamdonsela amehlo ezikhulu zamaqembu amakhulu kuDStv Premiership.
UMolefi Ntseki, oqeqesha iBafana Bafana, umemezele iqembu labadlali abangama-26 elizobhekana neSudan kanye neGhana emidlalweni yokuhlungela ukungena ku-African Cup of Nations (AFCON).
I-AFCON izokuba ngonyaka ozayo ngoMasingana eCameroon. “Iqiniso bengingakezwa ngesikwati esimenyezeliwe kodwa benginethemba lokuthi ngizozwa igama likaNgcobo likhona. Njengoba lingekho nje, ngiyamgxeka kakhulu uNtseki. Kuyimanje ngibona singekho isitobha esifika kuyena kuDStv Premiership muva nje. Okwenza ngimbone njengomdlali owenza kahle ukuthi nami bengidlala endaweni efana neyakhe ngezikhathi zami,” kusho uSangweni.
UNsimbi wazakhela udumo ngesikhathi edlala eqenjini laseThekwini iLamontville Golden Arrows adlala kulona imidlalo engaphezulu kweli-100. Wabe esebonwa iPirates ahlala kuyona isikhathi eside waze wabeka amakhokho ethala edlala kuyona. Eqenjini lesizwe wadlala imidlalo engama-29 washaya amagoli amane. Eqhuba uSangweni uthe: “Ngiyambona uNgcobo ebanga umklomelo wokuba isitobha esivelele uma kuphela isizini. Ukuthola ithuba lokuthi adlale eqenjini lesizwe bekuzomkhuthaza ukuthi aqhubeke nokwenza kahle. Kwazi bani besingambona esefunwa amaqembu aphesheya kwezilwandle. Ngisazibuza namanje ukuthi kungani engabizwanga ngoba uhlezi edlala eqenjini lakhe iSwallows FC?”
Kubadlali abathole ithuba lokuqala ukuthi bamele iqembu lesizwe uGraig Martin weCape Town City noVeli Mothwa ongunozinti wa-AmaZulu FC.
USangweni uncome uNtseki ngabadlali baphambili, uPercy Tau weBrighton & Hove Albion yase-England, uLuther Singh wePacos de Ferreira yasePortugal, uKermit Erasmus weMamelodi Sundowns, uBradley Grobler weSuperSport United, uRuzaigh Gamildien weSwallows FC noLyle Foster weVitoria Guimaraes yasePortugal.
UNtseki ekhuluma nabezindaba uthe: “Kube nzima kakhulu ukuthi siqoke isikwati lesi esimenyezeliwe. Ingakho sicele isikwati sabadlali abaningi futhi abakwazi ukudlala ezindaweni ezahlukahlukene. Abadlali esibakhethile ngabanamava nabasefomini enhle. Ngikholwa ukuthi bazokwazi ukumela izinqinamba ezinzima esizobhekana nazo.”
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noJabulani Mendu owaduma kuKazier Chiefs ukuzwa uvo lwakhe ngaleli butho elimenyezelwe uNtseki. “Ngibona ekwazile ukuthi akhethe kahle isikwati sakhe, siqine kuzona zonke izinhlaka. Okujabulisayo ukuba khona kwabadlali abanesipiliyoni okuyibo abazomenzela umsebenzi ukuthi ube lula. Ngiyazi bakhona abamgxekayo kodwa ngokwami ngibona siqine kahle isikwati,” kusho uMendu.
Iqembu elibizwe nguNtseki lithakwe kanje:
Onozinti: UVeli Mothwa wa-AmaZulu FC, uRonwen Williams weSuperSport United no-Itumeleng Khune weKaizer Chiefs
Izitobha: UThibang Phete weBelenenses, yasePortugal, uSiyanda Xulu weHapoel Tel Aviv, yakwa-Israel, uThulani Hlatshwayo no-Innocent Maela be-Orlando Pirates, uMosa Lebusa noThapelo Morena beMamelodi Sundowns, uSifiso Hlanti weSwallows FC noCraig Martin weCape Town City.
Esiswini: URivaldo Coetzee, uThemba Zwane no-Andile Jali beMamelodi Sundowns, uThulani Serero we-Al Jazira, yase-UAE, uBen Motshwari we-Orlando Pirates, uBongani Zungu weGlasgow Rangers yaseScotland, uKeagan Dolly weMontpellier yaseFrance, uSipho Mbule weSuperSport United noDean Furman weCarlisle United yase-England.
Abagadli: uPercy Tau weBrighton & Hove Albion yase-England, uLuther Singh wePacos de Ferreira, yasePortugal, uKermit Erasmus weMamelodi Sundowns, uBradley Grobler weSuperSport United, uRuzaigh Gamildien weSwallows FC noLyle Foster weVitoria Guimaraes yasePortugal.