Ithembisa ukubuyisa isithunzi sayo iMpofana emqhudelwaneni wase-Afrika



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
IKaizer Chiefs ithembisa ukuvuka izithathe emqhudelwaneni iCAF Champions League. NgeSonto eledlule ibhaxabulwe kabuhlungu ngamagoli amane eqandeni iWydad AC yaseMorocco emdlalweni wamaqoqo walo mqhudelwano.
IChiefs isidlale imidlalo emibili, ihlezi endaweni yesithathu kanti inephuzu elilodwa.
Umdlali waleli qembu uLebohang Manyama uthe kumele nakanjani bathole amaphuzu agcwele emdlalweni olandelayo ezotholana kuwo neqembu lase-Angola iPetro de Luanda eFNB Stadium, eGoli, ngoMgqibelo ngelesi-6 kusihlwa.
“Sizodlala neqembu esingalazi. Kuzomele sinqobe noma ikanjani kulo mdlalo ukuze sizobuyisa ukuzethemba kwethu emveni kokuthi sihlulwe ngamagoli amane eqandeni ngeledlule. Sidlalela ekhaya kumele sikusebenzise lokho ngokuthi sinqobe ngamagoli amaningi,” kusho uManyama.
Eqhuba uthe: “Ukwehlulwa kwethu akusho ukuthi siyabheda inkinga ukuthi senza amaphutha amancane bese izitha zisebenzela phezu kwawo. Emdlalweni wokuqala sibhekene neHoroya kwakumele siwunqobe kodwa sagcina sidlala ngokulingana. Sathola inqwaba yamathuba kodwa sehluleka ukuwasebenzisa. Kulo mdlalo wakusasa kumele senze isiqiniseko sokuthi alisiphindi lelo phutha.”
Eqoqweni C iqembu elizihola phambili iWydad AC esayinqobe yomibili imidlalo yalo, kulandele iHoroya enamaphuzu amane, iChiefs ngephuzu elilodwa kuthi emsileni kuvale iPetro de Launda engenaphuzu.
“Ukunqoba ekhaya kuyinto ebaluleke kakhulu. Lokho kwenza ukuthi uma usuyodlala ekuhambeni ungabi nawo umthwalo omkhulu. Indlela esehlulwe ngayo ngeledlule ikhombisile ukuthi besidlala ekuhambeni, nathi lokho kumele senze isiqiniseko sokuthi siyakusebenzisa,” kusho uManyama.
Ebuzwa ukuthi uyayibona yini iChiefs idlulela esigabeni esilandelayo uthe: “Sisalelwe imidlalo emine ngaphambi kokuthi kuqedwe ngemidlalo yamaqoqo. Lokho kusho ukuthi maningi kakhulu amathuba, okubalulekile ukuthi sinqobe yonke imidlalo esele.”
Uthe isimo ababhekene naso sinzima kakhulu abadingi ukwenzelelwa, kumele bazinqobele bona imidlalo ikakhulukazi eyasekhaya kusho.
Omunye umdlali ophawulile ngaphambi kwalo mdlalo uSiyabonga Ngezana oyisitobha sayo iChiefs.
“Njengoba sidlala ekhaya nje kumele sidlale ngokuzethemba, senze konke ukuthi sikwazi ukunqoba lo mdlalo. Okumele sikwenze ukuthi singavumeli ukungenelwa amagoli kalula njengoba kwenzekile ngeledlule,” kusho uNgezana.
IChiefs kuyinto engabuzwa ukuthi ibhinjelwa izinto muva nje, okufakazela lokho ukuthi ihlezi endaweni ye-10 ku logi yeDStv Premiership.
Eqhuba uNgezana uthe: “Siyazi ukuthi asenzi kahle kodwa akusho ukuthi kumele sibhekise amakhanda phansi. Okumele sikwenze ukukhohlwa okwenzeke emdlalweni odlule, sidinga ukunqoba ukuze sizobuyelwa umdlandla.”
Njengoba izinto zinjena nje kusho ukuthi iChiefs kungenzeka nakule sizini iphinde inganqobi ndebe.
Yakhishwa ekuseni kuNedbank Cup iRichards Bay FC, kuligi iMamelodi Sundowns kubukeka kuyiyo ezohamba nayo.
Khonamanjalo, iSundowns kulindeleke ukuthi iqhubeke nokwenza kahle kuwo lo mqhudelwano. Ngeledlule inqobe ngamagoli amahlanu kwelilodwa ibhekene neCR Belouizdad ekuhambeni.
Kule mpelasonto izotholana phezulu neTP Mazembe emdlalweni ozoba kusasa ngele-15:00 ntambama eSade TP Mazembe.
ISundowns iyazihola kuleli qoqo njengoba emidlalweni emibili inqobile. Uma ingathola amaphuzu agcwele kobe kusho ukuthi isidlulele esigabeni esilandelayo. ITP Mazembe yona ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu amabili.
UManqoba Mnqithi ongumqeqeshi weSundowns uthe: “Kumele siqhubeke nokwenza kahle njengoba senzile ngeledlule. Esikwenzile ukusebenzisa iphutha lezitha, nakulokhu kumele senze okufanayo. Uma yenza iphutha ITP Mazembe kumele silisebenzise.”