Ufuna ukunqoba nakulokhu u-Adesanya kweze-UFC



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Akafuni nakancane ukuthi lumphazamise ukhuvethe kulo nyaka u-Israel Temitayo Odunayo Adesanya.
U-Adesanya olwa ngaphansi kwe-Ultimate Fighting Championship (UFC), okuwumdlalo wokulwa ngawo wonke amalunga omzimba, uthi nyakenye ulwe izimpi ezincane okuyinto engeyinhle neze.
“Ngifuna ukulwa izimpi eziningi kulo nyaka. Nyakenye zigqozile izimpi ngenxa yokubhebhetheka kokhuvethe. Kulo nyaka ngifuna kwenzeke okwenzeka ngonyaka wezi-2018 lapho engalwa khona izimpi ezingaphezulu kwezinhlanu,” kusho u-Adesanya.
Lesi silwi esidabuka eNigeria kodwa esesizinze eNew Zealand, ngonyaka wezi-2018 satholana phezulu noRob Wilkison amhlula ngeKnockout (KO). Waphinde watholana phezulu noMarvin Vettori, uBrad Tavares noDerek Brunson.
Unyaka wezi-2018 kwakuwunyaka wakhe wokuqala elwa ku-UFC kwazise phambilini wayedlala umdlalo iKickboxing namankomane.
Kuyimanje uyena ophethe ibhande le-UFC Middleweight, ezimpini ezingama-20 induku akayazi. Kulezi zimpi ezili-15 wazinqoba ngeKO kwathi ezinhlanu wazinqoba ngamaphuzu.
Kule mpelasonto u-Adesanya oqeqeshwa u-Eugene Bareman uzokhiphana inkani noJan Maciey Blachowiz odabuka ePoland.
Uthe ukulungele ukubhekana noBlachowiz ozobe evikela ibhande lakhe le-UFC Light Heavyweight empini ye-UFC 259.
“Umfutho engiwukhombisile ezimpini zami ezedlule ngizoqhubeka ngiwukhombise kule mpelasonto. Umzimba wami uyazi ukuthi ngizobe ngiseringini kule mpelasonto, ngalokho uyazi ukuthi udingani,” kusho u-Adesanya oteketiswa ngokuthi u“The last Stylebender”.
Eqhuba uthe: “Ngiyazi uBlachowiz uyimfivilithi ngoba isisindo sakhe siyamvumela kodwa uma ezoza ngalokho, ngeke aze alibone elidlalayo ngoba wonke amavidiyo akhe ngiwabonile uzongifica ngimulindile. Ngifuna ukuqhubeka nokuthi induku kube yinto engingayazi. Lo nyaka ngifuna ukuthi kube ngowami, lokho ngifuna ukukukhombisa ngale mpi.”
Ezimpini ezingama-35 azilwile uBlachowiz, unqobe ezingama-27, eziyisi-8 wazinqoba ngeKO, uhlulwe kweziyisi-8 kwathi kwezimbili wahlulwa ngeKO.
Impi yalaba bobabili izokuba ngeSonto ezintatha e-UFC Apex, eNevanda, eLas Vegas.
ULuke Rochhold uthe ngaphandle kokungabaza ubona le mpi izonqontshwa u-Adesanya.
“Ngake ngalwa ngaphambilini noBlachowiz, indlela alwa ngayo ayifiki ku-Israel. Engakuqaphela ngilwa naye waba namaphutha amaningi ukube ngabekezela ngabe kukhulunywa okunye ngaleyo mpi. Ingakho ngithi kule mpi uzohlulwa nje kalula”
“Ngiyayithanda indlela alwa ngayo u-Israel, ingakho ngibona eyinqoba le mpi eba ngumpetha wamabhande amabili,” kusho uRochhold.
U-Adesanya ugcine ukulwa ngoMandulo nyakenye lapho aguqisa khona uPaulo Costa.
Uma enganqoba lo mdlalo kobe kusho ukuthi uzoba ngowesine ukuba umpetha wamabhande amabili ezigabeni ezehlukene.
Abanye uConor McGregor ku-UFC 205, uDaniel Cormier ku-UFC 226, u-Amanda Nunes ku-UFC 232 kube uHenry Cejudo ku-UFC 238.