Abazali banesibopho sokunakekela impilo yengane njengomfundi



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Lokhu akuvamile kwaboHlanga sijwayele ukukubona kwabamhlophe ingakho imfundo yabo ibukeka engathi ingcono
Siphila esikhathini esinzima lapho ukuba ngumzali kulukhuni ikakhulu uma unabantwana abafundayo. Isikhathi esiphila kuso abazali abaningi bayasebenza futhi abanye bazama ukuziphilisa ngokuzisebenza.
Ukuba nomntwana ofundayo kubanga enkulu ingcidezi kuwe njengomzali. Impilo seyaba lukhuni futhi iyashesha kuwo wonke umuntu. Njengomeluleki wentsha ngezemfundo kanye nempilo, kuyangijabulisa ukubona abazali besebenza imisebenzi emibili kuya kwemithathu kodwa bengakhohlwa ukuthi izingane zabo ziyafunda. Iningi labo liyazama ukungenelela impilweni yabantwana babo, ikakhulu labo abafundayo.
Noma kunjalo, kusemqoka ukuthi njengomzali womntwana ofundayo, kungaba semabangeni aphansi noma emabangeni aphezulu, wazi ukuthi kuyini ukuba umzali womfundi. Kudingeka wazi ukuthi yini elindeleke kuwe.
Abantwana esibakhulisayo, njengabazali, abantwana abangafani nathi esaphila ngezikhathi zakudala. Lokhu kusho ukuthi indlela esenza ngayo izinto nesibakhulisa ngayo kumele yehluke futhi ibe yindlela ezobenza babe nekusasa eliqhakazile. Lokhu okulandelayo kulezi zigatshana ngikubone kungokunye okubalulekile ikakhulukazi uma unomntwana ofundayo.
Njengomzali womntwana kumele wazi kabanzi ngempilo yomntwana wakho yezemfundo. Othisha abaningi, uma sixoxa ngokwenziwa ngcono kwemiphumela yabafundi, bakhala ngabazali abanganandaba nabantwana kanye nomsebenzi wabo wesikole. Ukwazi kangcono ngempilo yomntwana wakho yezemfundo kusho ukuthi udinga ukuthi wakhe isikhathi sokuya esikoleni somntwana uxoxisane nothisha bakhe. Udinga ukuthi ubekhona emihlanganweni lapho kuzokhulunywa ngezinto ezizoba nomthelela ekwenzeni ikusasa lomntwana wakho libe ngcono.
Ngiyazi ukuthi isikhathi awunaso ngoba ungena ekuseni kakhulu emsebenzini futhi uphuma seliyozilahla kunina, kodwa kubalulekile ukuthi wenze isikhathi sokuxoxa nomntwana ngoshintsho aluzwayo kanye nalubonayo emzimbeni wakhe. Lokhu akusiwo umsebenzi wabantu besifazane kuphela kodwa wonke umzali kumele abambe iqhaza ekwenzeni ngcono impilo yomntwana wakhe yezemfundo kanye nezempilo jikelele. Ngiyazi ukuthi kungezeka awufundile ngaleyo ndlela kodwa kubalulekile ukuthi umntwana akuchazele ukuthi ufundeni esikoleni. Lokhu kwenza wazi ukuthi bayafunda noma abafundi futhi kwenza nomntwana angafundeli ukukhohlwa.
Singabazali asizijwayeze ukukhokhela izinto ezithuthukisa abantwana bethu, ikakhulu ngokwezemfundo. Iningi laboHlanga bakubona kungcono ukuthengela abantwana ukudla okubizayo ezitolo ezihamba phambili kunokuthi bakhokhele noma bathenge izinto ezizobasiza. Izingane zabamhlophe zibonakala ziphumelela ngoba abazali bazo iningi labo abanqeni ukukhokhela into ezothuthukisa abantwana babo.
Bayibeka phambili imfundo yomntwana kanye nokuthuthukiswa kwengqondo yakhe. Iningi labantwana bethu bafunda mahhala okusho ukuthi singayizama imali yokubathengela konke okudingeka esikoleni. Ngikhumbula ubaba ongizalayo, wayezama ngokusemandleni akhe ukuthi akhokhe lapho kudingeka khona. Wayengafundanga impela kodwa wayenzisa okomuntu ofundile.
Okunye okubalulekile kuwe njengomzali ukuthi kube khona izinto ozifaka engqondweni yomfana ngoba uma ungafaki lutho kukhona abazokufakela nongakuthandi wena. Uma ungafaki inhlonipho kumntwana, kukhona abazofaka ukungahloniphi kanye nobudlova. Incwadi engcwele ikuchaza kabanzi futhi nangokusobala ukuthi khulisa umntwana ngendlela efanele ukuze ethi uma esekhulile angasuki kuyo. Okwenza abantwana bashaye othisha futhi bangezwa kubangwa ngabazali abangafaki izimfundiso engqondweni yomntwana. Kulula ukufika kwabadukisi nabangani bazodukisa ingane enganazo izimfundiso ezivela kubazali bayo. Abangani bonakalisa isimilo kalula emntwaneni ongafundiswanga ngamaphupho akhe ezemfundo kanye nempilo.
Ikusasa lesizwe sowoHlanga lilele kwezemfundo. Akubalulekile ukuthi ufunde kangakanani, okubalulekile ukukwazi ukuthi umntwana wakho uyafunda futhi uyakudinga empilweni yakhe. Kubalulekile ukuthi umntwana abe nokwelekeleleka ngayo yonke indlela futhi azi ukuthi ukhona empilweni yakhe yezemfundo kanye nezempilo. Kulindeleke ukuthi uklame enkulu indima futhi wazi ukuthi uhamba ugcine kuphi.