Now Reading
Umthembisa isibhaxu sodwa ozobhekana no-Alvarez
Dark Light

Umthembisa isibhaxu sodwa ozobhekana no-Alvarez

USaul “Canelo” Alvarez uthi ngeke alibone elidlalayo u-Avni Yildirim uma sebetholene eriningi ngoMgqibelo kusihlwa.

Le mpi izobanjelwa eHard Rock Stadium, eMiami, e-United States of America (USA). Laba bobabili bazobe bebanga amabhande amabili, eleWorld Boxing Council (WBC) World Supper Middleweight neleWorld Boxing Association (WBA) Super World Middleweight.

“Ngiyilungiselele ngokwanele le mpi, uYildirim uzongithola ngimulindile. Angizimisele ukuphoxa umqeqeshi wami u-Eddy Reynoso ohlezi engigqugquzela ukuthi ngenze kahle ezimpini zami,” kusho u-Alvarez ongowokudabuka eMexico.

Uqhube wathi: “Isifiso sethu ukunqoba ibhande, sibeke iMexico emlandweni kulo mdlalo. Akekho usomankomane odabuka eMexico onomlando omuhle kulo mdlalo ingakho nje ngihlezi ngizimisela ukuthi ngenza kahle kanye nomqeqeshi wami.” 

Uma enganqoba le mpi uyoba ngowokuqala eMexico ukuba ngumpetha webhande iWorld Super Middleweight.

U-Alvarez uselwe izimpi ezingama-54 wanqoba ngeKnockout (KO) ezimpini engama-36. Impi yakhe yokuqala esibhakeleni esikhokhelwayo yaba ngonyaka wezi-2005 nalapho atholana phezulu no-Abraham Gonzalez wamhlula ngeKO.

Kulezi zimpi ezingama-54 usehlulwe kanye, induku wayithola kusondonzima onguFloyd Mayweather Junior nowamthela phansi ngeKO. Kanti ugcine ukuba seringini nyakenye ngoZibandlela nalapho ayetholene phezulu noCullun Smith.

UYildirim ongowokudabuka eTurkey yena uselwe izimpi ezingama-21 esibhakeleni esikhokhelwayo kusukela ngonyaka wezi-2014. 

Impi yokuqala ayilwa mhla zingama-22 kuMbasa ngowezi-2014 wabhekana noDavit Ribakoni, wayinqoba ngamaphuzu. Ezimpini zakhe induku useyithole kabili, ngowezi-2017 ehlulwa uChris Eubank jr nangonyaka wezi-2019 ehlulwa u-Anthony Dirrel.

See Also

“NgoZibandlela ngingqimuze umuntu ohamba phambili esiswindeni (168 Pounds) uSmith, umfutho enginawo mkhulu kakhulu ngaphambi kwale mpi,” kusho u-Alvarez.

Laba osomankomane batheleke eMiami ngoLwesibili ukuyolungiselela le mpi.

UYildirim uthe: “Nginesikhathi esingangonyaka ngagcina ukubonakala eringini, akuyona into enhle neze leyo. Ngikhuluma nje ngizobhekana nomuntu ogcine ukulwa ngoZibandlela nyakenye, kodwa lokho akusho ukuthi kumele ngethuke. Side isikhathi ngizilolonga sengiyitholile impi okumele ngikwenze ukuthi ngiyinqobe noma ikanjani ukuze ngizophatha ibhande. Empini yami yokugcina imiphumela ayibanga mihle neze, angifuni nangengozi ukuphindwa okwangenza ngibhekene neDirrel.” 

Uthe akafuni ukukhuluma kakhulu ngembangi yakhe, wathi uselinde usuku lwakusasa bangene eringini.

Scroll To Top