Abalandeli bazobhema bakholwe kweye-EPL ngempelasonto



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Amehlo abathandi bakanobutshuzwayo emhlabeni wonke jikelele azobe ethe njo emidlalweni yeligi yase-England, i-English Premier League (EPL), kule mpelasonto njengoba kuzobe kunemidlalo ehlabahlosile.
Kule ligi ethathwa njengenkulu emhlabeni kuyaziwa ukuthi zonke izimpelasonto kuhlezi kunemidlalo eshiya kuguge utshani ezinkundleni.
Umdlalo ozovula oweManchester City neWest Ham United. Amaqembu amaningi akubuzwa ukuthi azobe eseka iWest Ham United ukuthi iphazamise iMan City, okuyiyo ezihola phambili kulogi.
IMan City emva kwemidlalo engama-25 inamaphuzu angama-59 kanti iWest Ham United isendaweni yesine ngamaphuzu angama-45 emva kwemidlalo engama-25.
Lo mdlalo ozobanjelwa e-Etihad Stadium okuyinkundla yeMan City, uzoshuba kwazise iWest Ham United isefomini eyisimanga njengoba emidlalweni emine ingakaze yehlulwe iyinqobe yonke. Kanti iMan City yona emdlalweni eli-18 ayiyazi induku.
Omunye umdlalo ozoshuba ngoweLeicester City ne-Arsenal FC. ILeicester City izofuna nakanjani ukuthi iwunqobe lo mdlalo ukuze izoqhubeka ifakele iMan City ingcindezi phezulu.
ILeicester City isendaweni yesithathu kulogi ngamaphuzu angama-49 kanti i-Arsenal FC yona isendaweni ye-11 kulogi ngamaphuzu angama-34.
Umdlalo ozovala kwebhekwe kakhulu ngowezimbangi ezinkulu kule ligi okuyiChelsea FC neManchester United.
IChelsea FC ezobe idlala ekhaya isefomini eyisimanga kusukela iqashe uThomas Tuchel othathe izintambo kuFrank Lampard. Emidlalweni eyisi-8 ayikaze ihlulwe kuyona yonke imiqhudelwano, inqobe eyisi-6 yadlala ngokulingana kwemibili.
NgoLwesibili ihlule iqembu elizihola phambili kuligi yaseSpain i-Atletico Madrid emdlalweni we-UEFA Champions League. Igoli livalelwe phakathi umgadli u-Olivier Giroud.
Ngasohlangothini lweMan United ehlezi endaweni yesibili kulogi, kuzomele ilwise okwengwe ukunqoba lo mdlalo ukuze nayo izokwazi ukuqhubeka nokuhlala ezithendeni zomkhaya bayo iMan City.
IMan United inamaphuzu angama-49 ngokulingana neLeicester City bahlukaniswe amagoli, kusho ukuthi la maqembu asele ngamaphuzu ali-10 kuMan City. IChelsea FC yona inamaphuzu angama-43 kanti ihlezi endaweni yesi-6 kulogi.
Umqeqeshi weMan United u-Ole Gunnar Solskjaer emva kokuthi ezakhe zehlule iNewcastle United ngeSonto uthe kusengenzeka noma yini.
“Kusengenzeka noma yini, akuphelile kuze kube kuphela yonke imidlalo. Okumele sikwenze ukuthi sizimisele kuyona yonke imidlalo sithole amaphuzu agcwele. Uma ngibuka imidlalo esihlulwe kuyona iWest Brom neSheffield United ngibona singenzanga kahle, kufuze engabe sisele ngamaphuzu amathathu kuMan City okungenani,” kusho uSolskjaer.
Uthe kumele bephumile nawo amaphuzu agcwele eStamford Bridge ngeSonto.