Ubonga uMosimane ngokuthuthuka kwakhe kwezikanobhutshuzwayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuze kube yimanje ubudlelwano phakathi kwakhe noMosimane busebuhle futhi bahlezi bedodisana
Ukusebenza ngaphansi kukaPitso “Jingles” Mosimane nokusebenza eduze nabadlali kumfundise lukhulu nokuthi naye ngelinye ilanga angaba nabo abadlali abaphethe.
Lowo nguThulani “TT” Thuswa obenengxoxo ekhethekile nelaboHlanga.
UThuswa ongowokudabuka eNdaleni, eRichmond, KwaZulu-Natal waqala ukuba kunobhutshuzwayo esebenza kuKaizer Chiefs kwezokuxhumana. Ngokusho kwakhe ngaleso sikhathi wayeneminyaka yobudala eli-19.
Kuthe ngonyaka wezi-2010 iNingizimu Afrika isingethe iNdebe YoMhlaba, waba nenhlanhla yokuthi anikezwe isikhundla sokuba nguMedia Officer enkundleni i-Ellis Park Stadium, eGoli.
Emva kokushaya incwenga ngonyaka wezi-2011 iMamelodi Sundowns yamthatha yamenza umkhulumeli wayo waphinde waba semnyangweni wezokumaketha kubona abafana basePitoli.
“UMosimane uyena olime indima enkulu ekutheni ngibe yilo muntu engiwuyena namhlanje. Wanginika igunya lokuthi ngibheke abadlali ngaphakathi nangaphandle kwenkundla, lokho ngakwenza ngempumelelo. Okwenza ngisho kanjalo ukuthi abadlali bakusho bona ngemilomo yabo ukuthi ngingaba imeneja yabadlali, lokho bekusho ngoba ngangisebenzisana kahle nabo ngifana nomuntu ophethe izindaba zabo (agent). Ngingasho ngithi kungisize kakhulu ukusebenza eduze nabadlali, ngifunde lukhulu,” kusho uThuswa oneminyaka yobudala engama-36.
Le nsizwa yaklama indima enkulu empumelelweni kaPercy Tau osegijima e-England manje, ngokuthi athole uxhaso lwemoto noluqhamuka ezinkampanini okubalwa nekhiqiza ubhiya iSAB.
Kubadlali abaphethwe yile nsizwa kukhona uHlompo Kekana ongukaputeni weSundowns, uGift Motupa, uTeboho Langerman, uSphelele Mkhulise noMkhuliso Modau nabo abakuyona iSundowns, uKhama Billiat weKaizer Chiefs, uKudakwashe Mahachi weSuperSport United, uMoses Mokasi weJDR Stars noPentjies Zulu obekuBlack Leopards kodwa osezojoyina iTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM).
Limbuza elaboHlanga ukuthi iyiphi indlela asebenzisana ngayo nabadlali ngaphandle nangaphakathi kwenkundla uthe: “Anginakho ukuthi ngibaphethe laba badlali, sithathana njengabafowethu abantu bandawonye. Siyaxoxa izinto eziningi. Laba abancane ngihlezi ngibayala ngibenzela izibonelo ngabadlali abadala okwaphela ngesikhathi sabo bengenalutho. Ngiyabatshela ukuthi ababheke imindeni yabo, balungise emakubo, bathenge imizi ngokuphelele hhayi ngesikweletu ngoba ibhola akuyona into ongathembela kuyona. Yize imali kungeyabo kodwa ngiyabeluleka ukuthi bayidle kanjani ngoba angifuni ekugcineni benze into abazoyisola kuyona. Ngithemba ukuthi bafundile ngabadlali abaningi emaphepheni, ngikholwa ukuthi imiyalelo yami bayayizwa.”
Ekhuluma ngoKekana uthe: “UKekana uyakhombisa ukuthi ungumuntu okhulile futhi ongumholi weqembu. Uyakwazi ukuthi uma sihlangene nabanye abadlali aqhamuke nezindlela ezakhayo.”
Uthe kuyimanje basaxhumana noMosimane. “Mina noMosimane sifana nomndeni, sihlezi sikhuluma futhi siyasizana ezintweni eziningi. Kuze kube imanje yize ese-Egypt uyena ongikhulisayo emsebenzini wami,” kwenaba uThuswa.
Ebuzwa ngezifiso zakhe uthe: “Ngifisa ukukhiqiza abadlali abayisi-6 njalo ngonyaka abazoya kodlala phesheya kwezilwandle ikakhulukazi abancane. UTau uhambe kuleli eneminyaka engama-24, mina isifiso sami ukuhambisa abadlali beneminyaka eli-19 kuya kwengama-21. Ngifuna ukuthi badlale kumaligi amakhulu okubalwa nayo i-English Premier League (EPL) yase-England.”
Ube esenza isibonelo sokuthi iqembu lesizwe lakuleli lanqoba iNdebe ye-African Cup of Nations (AFCON) ngonyaka we-1996 lidlala ngabadlali abaningi ababedlala phesheya kwezilwandle. Lokho kusangenzeka uma kungaba nabadlali abaningi abadlala phesheya kwezilwandle ngoba iqiniso lithi lihlukile ibhola lakhona kunela lapha e-Afrika.