Luzimisele ngesigaba esilandelayo kuNedbank uSuthu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Iqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal AmaZulu FC lizimisele ngokwedlulela esigabeni esilandelayo emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedback Cup.
Leli qembu lizotholana phezulu neBlack Leopards emdalweni weNedbank Cup Last 16 ozobanjelwa eThohoyandou Stadium, eLimpopo.
Umgadli wa-AmaZulu FC uLehlohonolo “Major” Majoro ekhuluma nabezindaba uthe babheke ngabovu ukunqoba lo mdlalo.
“Amalungiselelo alo mdlalo ahamba kahle kakhulu. Lo mdlalo ubaluleke kakhulu udlula oweDStv Premiership, uzonika ithuba lokuthi umqeqeshi asebenzise abanye abadlali,” kusho uMajoro.
USuthu ludlulele kulesi sigaba emva kokuthi lwehlule omkhaya balo iLamontville Golden Arrows ngamagoli amahlanu kwamane sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owaphela zibambene ngegoli elilodwa nhlangothi zombili.
Kulowo mdlalo uMajoro uyena owashayela uSuthu igoli sekusele imizuzwana ngaphambi kokuthi uphele umdlalo. ILeopards yona yehlula iJomo Cosmos eyibamba kuGladAfrica Championship.
Eqhuba uMajoro uthe: “Noma kuthiwa kwenziwa izinguquko, ngeke sibe nankinga ngoba sinesikwati esanele futhi esinabadlali abanamava. Bonke abadlali ejimini bakulungele ukudlala.”
AmaZulu FC ekuqaleni kwesizini asiqinise kakhulu isikwati sawo, kubadlali abasayinile kukhona uLuvuyo Memela, u-Augustine Mulenga noXola Mlambo abasuka ku-Orlando Pirates, uMakhehleni Makhaula obekuHighlands Park noSiphelele Mthembu obekuCape Town City.
Omunye okhulume nabezindaba umqeqeshi walo uSuthu uBenni McCarthy, othe balindele umdlalo onzima.
“Kuhlezi kunzima ukudlala eThohoyandou Stadium, isimo sezulu sakhona nenkundla yakhona kuhlezi kuyinkinga, kuphinde kuzoba ibanga esizolihamba sisuka lapha eThekwini. Kodwa izinkinga esingeke sazishintsha okumele sikwenze ukuthi sifike siwunqobe umdlalo sidlulele esigabeni esilandelayo,” kusho uMcCarthy obongele iLeopards ngokwehlula iLamontville Golden Arrows koweligi ngoLwesibili.
Ebuzwa ukuthi bayazibona yini bewunqoba lo mqhudelwano uthe: “Lokho kuyinto engenzeka, sineqembu eliqine kakhulu ukuthi singaqhubekela phambili kulo mqhudelwano. Koba yinto enhle kakhulu uma kungathiwa siyawunqoba lo mqhudelwano, abaphathi abasha beqembu, umqeqeshi omusha nabadlali abaningi abasha ngabe kusho uguquko kuleli qembu. Sizoya kulo mdlalo sihleleke kakhulu.”
Umdlalo wala maqembu uzoqala libumbene elesithathu ntambama.
Lo mqhudelwano udume ngokuthi amaqembu amancane abhaxabula lawa amakhulu, lokho kwenzekile emzuliswaneni wokuqala iLast 32.
IKaizer Chiefs yahlulwa iRichards Bay FC egijima kuGladAfrica Championship. ITS Sporting nayo edlala kuGladAfrica Championship yahlula iTS Galaxy, iCape Town Stars yona yahlula iBaroka FC.
ElaboHlanga likhulume nomdlali weTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) uCelimpilo Ngema, ngaphambi komdlalo wabo neSwallows FC.
Kuzoguga utshani kulo mdlalo, okwenza lokho iTTM iyinqobe yomithathu imidlalo yayo emithathu edlule kanti iSwallows FC yona ayikaze ihlulwe kule sizini.
“Kungekhona ukuthi angibahloniphi abaxhasi balo mqhudelwano, kodwa ukwehlulwa kwethu ngeke kwaba into engiphatha kabuhlungu. Sisesiwombeni sesibili selogi, indawo esikuyona yimbi ingakho kumele sigxile kakhulu emdlalweni yethu yayo iligi. Kodwa ngeke sivumele ukuthi iSwallows izinqobele kalula,” kusho uNgema.
ITTM emdlalweni weLast 32 yehlula iSuperSport United ngegoli elilodwa eqandeni. UNgema uqale ukuzilolonga neqembu ngoMsombuluko, kwazise ubelimele.
Leli phephandaba liphinde lakhuluma nokaputeni weRichards Bay FC uSphamandla Mtolo, ezakhe ezizotholana phezulu neTS Sporting emdlaweni ozokuba ngeSonto.
UMtolo uthe: “Umqeqeshi wethu (uSimo Dladla) usitshele ukuthi yize sifisa ukunqoba iligi kunalo mdlalo kodwa kumele sizimisele. Njengoba sizodlala ngeSonto sizophinde sidlale ngempelasonto elandelayo umdlalo weligi, lokho kusitshela ukuthi singakwazi ukushaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Ngaphandle kokunqoba lo mqhudelwano inhloso yethu sifuna ukuziveza emaqenjini amakhulu.”
Ebuzwa ngokuthi ingcindezi ingakani njengoba ezakhe zisesicongweni kulogi uthe: “Inkulu kakhulu ngoba wonke umuntu uza kuthina ezilungisele ngoba bayabona ukuthi indlela esidlala ngayo injani. Ukuthola amaphuzu emdlalweni wethu wokugcina sibhekene noThongathi FC kuyasigqugquzela ukuthi senze kahle emdlalweni wethu olandelayo.”