Now Reading
Bakhala bayazithulisa abeGreenwood Park ngeNedbank Cup
Dark Light

Bakhala bayazithulisa abeGreenwood Park ngeNedbank Cup

Kuze kube imanje izinhliziyo zabadlali beqembu eligijima ku-ABC Motsepe League esifundazweni iKwaZulu-Natal, iGreenWood Park (GWP) Friends, zisagaya izibozi. 

Okuyimbangela yalokho ukuthi leli qembu belisethubeni lokungena emqhudelwaneni womkhumulajezi iNedbank Cup Last 32. 

IFriends okuyiqembu laseThekwini, kwase kusele ukuthi idlale umdlalo wamanqamu nalapho yayizodlala neqembu elikuSAB League uma inqoba lapho bese idlala iNedbank Cup.

Konke lokho kwashabalala ngenxa yenhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli iSouth African Football Association (SAFA), eyakhipha isitatimende sokuthi amaqembu adlala esigabeni esiphansi ngeke abe yingxenye yalo mqhudelwano weNedbank Cup kule sizini. 

ElaboHlanga likhulume noMfundo “Chicco” Mdluli oyisethenjwa saleli qembu, okunguyena odalule lezi zindaba.

“Kunzima ukudlulisa le nto ngoba sase sizibona sidlala kuLast 32 yize sasingakawudlali umdlalo wamanqamu. Sehlula amaqembu amakhulu esidlala nawo ku-ABC Motsepe League ngakho sasingeke sivume ukwehlulwa iqembu eligijima esigabeni esingaphansi. INedbank Cup yayizosisiza ukuthi sikwazi ukuzibonakalisa emaqenjini amakhulu, kwazi bani ngabe nathi siyodlala kule mpelasonto njengoba uqhubeka nje lo mqhudelwano,” kusho uMdluli.

Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-28 usefana nedlozi kuleli qembu njengoba afika kulona ngonyaka wezi-2015 esuka kuFuture Legends FC eyayigijima esigabeni seLocal Football Association (LFA).

Nyakenye umfo kaMdluli uke walimala kanzima edolweni nokuyinto ehlezi iqeda ikusasa labadlali abaningi.

“Ngalimala ngoMbasa nyakenye, abaphathi beqembu baklama indima enkulu ekutheni ngikwazi ukululama ngiphinde ngibuyele enkundleni. Ngihlale izinyanga ezinhlanu nginakekela idolo lami. Kuthe ngoMandulo ngaqala ngazilolonga neqembu likupre-season. Ngikholwa ukuthi ngibe nesikhathi esanele sokuthi ngize ngikwazi ukuba ngidlale futhi,” kusho uMdluli.

Kule mpelasonto imidlalo ye-ABC Motsepe League ibuyela ensimini, lokho kuchaza ukuthi iGWP Friends  nayo izobe idlala. Iqhathwe neSummerfield Dynamos njalo umdlalo wala maqembu uhlezi umnandi.

“Lo mdlalo uzoba mnandi kakhulu, kumasizini wonke uma sitholene neSummerfield wonke umdlali uphuma engayifisi indaba ngoba kusuke kugijinyiswana. Ngokwamalungiselelo, wonke umdlali ukulungeke ukudlala lo mdlalo. Siyidlalile imidlalo yesihle, ozakwethu bayakhombisa ukuthi bazimisele ukuthi bajabulise izikhulu kanye nabaqeqeshi beqembu ngokuthi banqobe imidlalo,” kusho uMdluli.

Imidlalo ye-ABC Motsepe League ibuya nje ike yaqala futhi kwadlalwa emine yaphinde yamiswa. IGWP Friends ibisidlale imidlalo emithathu uMdluli washaya amagoli amabili kuyona, elilodwa bebhekene neReal Kings waphinda bebhekene neQwabe United.

Ukubuya kwale ligi kulokhu kwehlukile ngoba kuhlukaniswe ngamaqoqo. Njengoba amaqembu eli-19; eqoqweni A ali-10 kuthi eqoqweni B abe yisi-9.

Eqoqweni A kukhona iG Millionaire, iHappy Wanderers, i-X1 Experience, iRoyal Eagles, iSummerfield Dynamos, i-Ethekwini Coastal, iMsinga United, iRunning Water, Umvoti (okuyiwo ongompetha bangesizini edlule) kube iGWP Friends. Eqoqweni B khona kuboshelwe iMilford, iNjampela United, i-Asande, iDurban FC, iKwaDabeka Sporting FC, iReal Kings, iMuzi King Masters, iBlack Lions neQwabe United.

Amaqembu azotholana emilenzeni emibili kuzoba iqembu elibe phezulu eqoqweni A elizobhekana nelibe phezulu eqoqweni B badlale owamanqamu nawo ozokuba nemilenze emibili. Ozonqoba lapho uzobe eseyomela iKwaZulu-Natal emdlalweni yokuhlungela ukukhuphukela esigabeni esiphezulu. 

UMdluli uthe ubona bezoliqeda ishobolo lokungayinqobi iligi bese beyodlala kweyokuhlunga. 

See Also

“Sesihluleke cishe amasizini amahlanu singayinqobi iligi. Kule sizini maningi kakhulu amathuba okuthi singawaguqula amatafula, okwenza ngisho kanjalo ukuthi sinesikwati esiqinile eisdle ngabadlali nabaqeqeshi abanamava,” kusho uMdluli.

Abadlali abangasiza leli qembu uThabani Mthembu owake wadlalela iSuperSport United neqembu lesizwe, uMazwi Mncube oke wabonakala kuRoyal Eagles neReal Kings, uPhilani Cele owadlalela izinkulisa zeKaizer Chiefs neRichards Bay FC, uXolani Nguse oke wadlalela iCape Umoya United, uThanduyise Khuboni owaduma kuLamontville Golden Arrows, uDevon Saal obegijima kuCape Umoya United nakuRichards Bay FC, uMartin Mthimkhulu owadlala kuThongathi FC noLungelo Zondi oke wadlala kuReal Kings. 

Naye uMdluli uke walihlikihla kuThongathi FC kodwa wahlala isikhathi esincane.

Leli qembu ebhentshini linoMafa Zuma onamava ekuqeqesheni kule ligi noDominic Isaacs obeqeqesha iCape Umoya United kanti waduma kakhulu kuKaizer Chiefs esengumdlali.

ElaboHlanga likhulume noKwenzokwakhe Ngwenya okuSAFA KwaZulu-Natal othe bami ngomumo ukuqhubeza le midlalo.

“Akusekho ukuhlehlela emumva kule mpelasonto iyaqala imidlalo. Sinethemba lokuthi ngeke lusaphazamisa ukhuvethe. Uma simisa imidlalo kusuke kungekhona ukuthanda kwethu kodwa kusuke kuyisimo esiphoqayo,” kusho uNgwenya.

Uthe nakanjani amaqembu azoyilandela imiyalelo ebekiwe, ukugwema ukusabalala kokhuvethe.

Scroll To Top