Intokazi ezifela ngelombhoxo ikhala ngokuphazamiseka kwamalungiselelo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Njengabo bonke abasemkhakheni wezemidlalo ukhuvethe luyiphazamise kakhulu kodwa lokho ngeke kuyithene amandla
Akusiyo into ejwayelekile ukuba abesifazane bazihlanganise nomdlalo wombhoxo. Ukuwubukela nje kukodwa kuyinto engajwayelekile, ayisaphathwa-ke eyokuwudlala.
Kodwa intokazi igama layo enguZinhle Ndawonde iyazifela ngalo mdlalo.
UZinhle obekhuluma nelaboHlanga igama lakhe liphezulu muva nje emva kokuvela kokuthi izindaba zakhe sezizophathwa uqweqwe lwe-ejenti uMike Makaab.
“UMike Maakab ungumuntu ohlonishwa umhlaba wonke abadlali abaphuma ngaphansi kwesandla sakhe bazakhelile igama. Ukuthola leli thuba lokuthi nami ngingene ngaphansi kwegama lakhe kube yizindaba ezingijabulisa kakhulu. Iqiniso ukuthi ngeke ngidlale lo mdlalo impilo yami yonke, uzokwazi ukuthi angifundise okuningi nangaphandle. Kuyisibusiso esikhulu lesi kumina. Ngibonga iMabenya Sport ngokuthi kube yiyo elime indima enkulu ekutheni ngithole le nqayizivele yethuba,” kusho uZinhle othe umdlali azifela ngaye uyena uqobo.
UMaakab weProsport International uphethe inqwaba yabadlali bakanobhutshuzwayo okungabalwa uSibusiso Vilakazi no-Andile Jali beMamelodi Sundowns, uGabadinho Mhango we-Orlando Pirates, uSipho Mbule weSuperSport United nabanye kanye nabaqeqeshi.
UZinhle ozalelwe eChesterville e-Extension 1 uthe waqala ukudlala lo mdlalo ngonyaka wezi-2006 efunda eParkhill Secondary School.
Edalula okuyikho okwamhehela kulo mdlalo uthe: “Inhloso yami ngangifuna ukudlala unobhutshuzwayo kwazise iwona engangiwazi kangcono kodwa kwathiwa awukho. Ngenxa yokuthi ngingumuntu ozithandayo ezemidlalo ngaqoma ukuthi ngizijwibe kuwona, kwabe sekuwuqala kwami. Angizisoli nhlobo ngokuthi ngiqome lo mdlalo ngoba usungenzele izinto ezinkulu empilweni yami.”
Uthi okunye lo mdlalo omsize kukhona ukuthi akwazi ukukhohlwa izinto eziningi ezenziwa amantombazane amaningi asezindaweni zakobantu uma esakhula. Yena isikhathi esiningi ubesichitha ngokuthi aye esikoleni ahambe ayoziqeqesha.
Ngonyaka wezi-2008 waqala ukuzuza okuthile kulo mdlalo njengoba aqokelwa eqenjini lesizwe labaneminyaka yobudala engaphansi kwama-20 waphinde wasayiniswa iqembu elikhulu esifundazweni iKwaZulu-Natal iSharks. Ngonyaka wezi-2015 ukusebenza kwakhe kanzima kwamvunela izithelo ezinhle njengoba aqokelwa ukuba ngukaputeni woShaka.
Ngonyaka wezi-2017 wabe eseqokelwa eqenjini iSpringbok Sevens elalizoya kodlala eLondon, kuthe ngonyaka wezi-2018 wadlala imiqhudelwano emikhulu okwaba iCommonwealth Games neRugby World Cup Sevens.
Uke wadlala umqhudelwano weHSBC World Rugby Series, wadlalela iqembu lesizwe iSpringbok Women’s lapho kudlala abadlali abali-15. Wadlala bebhekene neSpain, iLondon ne-Italy.
Le ntokazi eneminyaka yobudala engama-32 ibuzwa ukuthi iyazibona yini kulo mdlalo isikhathi eside njengoba iminyaka ihambile, isho ihleka ithe: “Isaminingi imininyaka ngikulo mdlalo, iminyaka ayisho lutho inqobo uma nje umzimba usavuma ngisazoqhubeka nawo.”
Ebuzwa ukuthi ukhuvethe lumuphazamise kanjani uthe: “Eyi udaba lokhuvethe lunzima kakhulu. Luphazamise izinto eziningi hhayi mina kuphela kodwa umhlaba wonke. Ngasohlangothini lwami ngiphazamiseke kakhulu angeke ngaqamba amanga. Siyiqembu lesizwe besizimisele ukuthi sibe nemidlalo eminingi yesihle ngonyaka odlule ukuzilungiselela iNdebe YoMhlaba ezokuba kulo nyaka eNew Zealand. Ukungabibikho kwemidlalo yesihle ngicabanga ukuthi kubulale izinhlelo eziningi zeqembu.”
Uma engadlali umdlalo wombhoxo uZinhle usuke enza umsebenzi wakhe wokuba iFire Fighter eKing Shaka International Airport kanti uphinde abe neziqu zeSport Management.
Uthe uyayibona inhlansi yethemba ukuthi izinto zizobuyela esimweni njengoba sebekwazi ukujima beyiqembu. Bayakwazi ukuba namakhempu, unethemba lokuthi bazothola imidlalo yesihle maduze.
Esonga uthe: “Ngesikhathi seNdebe YoMhlaba sifuna ukuba sibhekane namaqembu abalwa njengahamba phambili emhlabeni okuyiFrance ne-England. Lokho kuzokwenza sizibone ukuthi sikuphi ngokwezinga njengoba saqala ukuzilungiselela eminyakeni edlule ukwenza kahle kulo mqhudelwano. Abadlali abancane bazoya kulo mqhudelwano bevuthiwe njengoba benesikhathi besekhempini bafunde lukhulu khona.”
Uthe uma engathola ithuba lokuyodlala phesheya kwezilwandle angalibamba ngezandla zombili njengoba kuyisifiso sakhe seminyaka. Njengoba engaphansi kuMakaab maningi amathuba okuthi lokho kwenzeke.