OwoSuthu uthi kuzoshintsha ukwenza kulokhu emidlalweni nomkhaya
Umgadli wa-AmaZulu FC uBongi Ntuli, uthi bafuna ukuqeda ishobolo lokungenzi kahle uma bebhekene nomkhaya. AmaZulu FC ngesizini edlule awakwazanga nokunqoba nowodwa umdlalo, kweyomkhaya okuyiMaritzburg United, iRoyal AM, iLamontville Golden Arrows neRichards Bay FC. Kusasa ngoMgqibelo Usuthu luzotholana phezulu neRichards Bay FC emdlalweni weDStv Premiership, eMoses Mabhida Stadium ligamenxe elesi-5 ntambama.
“Sizodlala umdlalo onzima kakhulu kwazise sidlala nomkhaya. Yize kuwumdlalo onzima kodwa sizimisele ukuthi siwunqobe, sifuna ukuqeda ishobolo nokungenzi kahle uma sidlala nomkhaya bethu konke lokho kuzoqala ngempelasonto,” kusho uNtuli.
Ngesizini edlule iRichards Bay FC ebingomakoti, ithole amaphuzu amane kuSuthu. Kumlenze wokuqala babambana ngegoli elilodwa nhlangothi zombili, kowesibili iNatal Rich Boyz yanqoba ngegoli elilodwa elavalelwa phakathi uSakhile Hlongwa seliyozilahla konina.
UNtuli ubalule ukuthi yize bengakalishayi igoli kule sizini, lokho akubakhathazi.
“Okokuqala ngithanda ukubonga izitobha zethu ezenza kahle kakhulu, ukuthi singangenelwa igoli emidlalweni yethu edlule. Ngokungashayi amagoli phambili, into esiyilungisayo leyo nomqeqeshi wethu ushilo wathi uma sithola elilodwa kuzobe sekusho ukuvuleleka kwawo,” kubeka uNtuli.
Lo mgadli oke waba isithenjwa soSuthu kumasizini edlule, uthe uthemba ukuthi njengoba eyiqalile isizini ngaphandle kokulimala uzokwazi ukuhlohla amagoli. USuthu emdlalweni yalo emibili ludlale kuyona ngokulingana ngeqanda, lubhekene neRoyal AM kanye neSupersport United.
Ebuzwa ngomqeqeshi omusha uPablo “Cijimpi” Martin uthe: “Ungumqeqeshi othanda umdlali osebenza kanzima ejimini. Ongenakho ukukhetha iphela emasini, wonke umdlali uyazinikela,” kubeka uNtuli.
“Kuyangikhuthaza ukuthi kuhambe inqwaba yabadlali kwafika abaningi futhi abasha kodwa ngisakwazi ukuthola ithuba lokudlala ngizimisele ngokuhlohla amagoli,” kusonga uNtuli.
Ngasohlangothini lweRichards Bay FC isimo siyabheda njengoba emidlalweni emibili ishaywe iSuperSport United ngamabili eqandeni, neLamontville Golden Arrows ngamabili kwelilodwa.
Izoya kulo mdlalo kubuye isithenjwa sayo uSanele Barns ongayiqalanga isizini ngenxa yokuthola ikhadi elibomvu kowokugcina ngesizini edlule.

