Ukuhlabana kwe-Afrika ngowesifazane kwesiphezulu kuWTO



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Ukuqokwa kokuqala ngqa komAfrika futhi nokungowesifazane woHlanga ukuthi abe nguMqondisi Jikelele wenhlangano yezizwe kwezokuhwebelana iWorld Trade Organisation (WTO), sekulethe ithemba elisha ngoguquko olungase lusize ukuletha izinguquko kwezomnotho emhlabeni nasemazweni ase-Afrika.
UDkt uNgozi Okonjo-Iweala oneminyaka yobudala engama-66, uqokwe ngokusemthethweni mhla zili-15 kuNhlolanja kanti uzoqala lulunye kuNdasa kophezulu.
UDkt uNgozi uyisakhamuzi sase-USA, kepha ungowokudabuka eNigeria, ungusomnotho ophinde abeyingcweti kwezokuthuthukiswa kwamazwe omhlaba.
Eminye yemisebenzi yakhe
Phakathi kweminye yemisebenzi ayenzile ngaphambilini, useke waba nguNgqongqoshe Wezezimali eNigeria ngaphansi kobuholi boMengameli ababili okungo-Olusegun Obasanjo kanye noGoodluck Jonathan, lokhu kwenzeke phakathi kweminyaka yezi-2003 kuya kowezi-2006 kanye neminyaka yezi-2011 kuya kowezi-2015.
Ungowokuqala ngqa ukuba uNgqongqoshe wokuphathwa kwezimali ezweni laseNigeria okwathi ngowezi-2005 waqokwa njengoNgqongqoshe ovelele emhlabeni jikelele ekuphathweni kahle kwezezimali.
Ubuye abe nguMqondisi ezinkampanini eziningi ezibalulekile zokuphathwa kwezimali, nokunye. Singabala lezi phakathi kwezinye; iStandard Chartered Bank, iGlobal Alliance for Vaccines and Immunization kanye ne-African Risk Capacity.
Yize ukuqokwa kwakhe kungabanga ngokungenazihibe, kuthe uma amazwe onke omhlaba esevumelene ukuthi uzongena ezicathulweni zalowo oshiye ngonyaka ofile, uMnu uRoberto Azevedo ongowokudabuka ePortugal kwayizwe elilodwa vo elingavumelananga nokuthi aqokelwe kulesi sikhundla.
I-USA okuyiyo enamandla kakhulu kuWTO, ngaphansi kukaMnu uDonald J. Trump belingavumi ukuthi uDr Okonjo-Iweala aqondise le nhlangano ngokusemthethweni. Kuthe ngokunqoba ukhetho kukaMnu uJoe Biden wamaDemocrats yahleleka indlela yakhe ngokushesha ekubeni agcine esenguMqondisi wale nhlangano enkulukazi emhlabeni.
Umsuka nomgomo weWorld Trade Organisation
Le nhlangano iWorld Trade Organisation yakhiwa ngowe-1995, yabe isungulwe ngaphansi kwesakhiwo senhlangano eyabe ibizwa ngeGeneral Agreement on Tariffs and Trade (GATT) eyabe yakhiwe ngowe-1947. Le nhlangano enamalungu amazwe ali-164 emazweni ali-196, yakhiwe ukuze ikwazi ukuletha uzinzo ekuhwebelaneni kwamazwe omhlaba.
Kule migomo, amazwe omhlaba ashicilela izivumelwano zokusebenzisana ngaphansi kwemigomo enobulungiswa, ukuxhasana nokunakekelana. Kuzokhumbuleka ukuthi umumo wamazwe omhlaba awufani ngenxa yobukhulu namandla angalingani kwezepolitiki kanye nakwezomnotho.
Ngakho iWTO iyabhekelela kakhulu nakabanzi lawo mazwe omhlaba amancane ekuthenini akwazi ukungadonseleki phansi ngenxa yalawo asuke eyizikhondlakhondla. Ezohwebo ziseqhulwini kule nhlangano, yingakho kuba nesidingo esinqala sokumeleleka kwayilelo nalelo lizwe ezingxoxweni ezisuke zenzeka ngezohwebo.
Imigomo eminingi elawula amazwe ngamazwe igcina isekeleke emigomeni yeWTO kwezomnotho nokuhwebelana.
Ukuqokwa kukaDkt u-Okonjo-Iweala, kwenzeka ngesikhathi izwekazi i-Afrika lingena esigabeni sokuzikhulisa ngokuhwebelana ngaphansi kwesivumelwano se-African Continental Free Trade Area (AfCFTA).
Yize ezokwengamela wonke amazwe omhlaba uDkt u-Okonjo-Iweala, kunakho ukuthi i-Afrika ingase ilindele lukhulu ebuholini bakhe maqondana nalo mgomo, nangendlela i-Afrika okumele izihlele ngakhona kule nhlangano yezizwe phakathi kwamanye amazwe omhlaba.
Lesi sivumelano sokuhwebelana emazweni ase-Afrika sinomthelela omkhulu ngaphansi kwemigomo yeWTO.